Now Reading
Ziyaqhubeka nokubhimba izinto kwiMan-United
Dark Light

Ziyaqhubeka nokubhimba izinto kwiMan-United

Ompetha be-UEFA Champions League bangesizini yangowezi-2007/08, iManchester United, ingelinye lamaqembu okuphele ubusuku bayizolo asewashe ijezi kulo mqhudelwano wakule sizini.

IMan United eqeqeshwa u-Erik ten Hag izolo kumdlalo wokugcina wamaqoqo bekumele iguqise ompetha baseGermany iBayern Munich. Yize isinqobile kodwa bekumele iphinde imincele ukuthi iCopenhagen neGalatasaray bedlale ngokulingana.

IRed Devils (Man United) igcine iguqe ngegoli elilodwa kulo mdlalo obubanjelwe e-Old Trafford, e-England. Kugcine kube yiyo eqeda ekugcineni eqoqweni A.

Amaqembu adlulele kowomkhumulajezi kuleli qoqo kube iBayern Munich neCopenhagen.

IMan United ihlulwa izolo nje nangempelasonto iphoxe abalandeli bayo, ihlulwa ekhaya iBournemouth ngamagoli amathathu eqandeni.

Emva kokuhlulwa kwayo kube sekuvela ukuthi uTen Hag, sekumele abone afika ngayo njengoba leli qembu lilokhu liqhubeka nokungenzi kahle.

See Also

Yize leli qembu liwashe ijezi, kodwa i-Arsenal FC iyona ejabulise abalandeli base-England njengoba idlulele koweLast 16. Iqede iqhwakele eqoqweni layo, lapho edlule khona nePSV.

Elinye iqembu lase-England eselidlulele phambili iMan City, imiphumela yanamuhla kusihlwa izocacisa ngeNewcastle United.

Amanye amaqembu adlulele phambili iReal Madrid, iNapoli, iReal Sociaded, i-Inter Milan, i-Athletico Madrid, iLazio, iDortmund, iRB Leipzig neFC Barcelona.

Scroll To Top