I-UN ixwayisa ngesimo sezokuphepha esingesihle empumalanga ye-DRC
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-United Nations (UN) isiphinde yaxwayisa ngesimo sezokuphepha esintengantengayo empumalanga yeDemocratic Republic of Congo (DRC). Lokhu kuza ngemuva kokuthi amavukelambuso e-M23 ethathe amadolobha futhi asethatha izindawo ezintsha esifundazweni iNorth Kivu.
Abaholi bendawo bathi amavukelambuso e-M23 ashaqe idolobha elisempumalanga iMinova kuleli sonto. Leli dolobhana liwumzila omkhulu wokuhlinzeka ngempahla enhlokodolobha yesifundazwe iGoma njengoba amasosha ase-DRC abika ukulwa kuzo zonke izinhlangothi. Iqembu lamavukelambuso eliholwa ngamaTutsi belivuselela ukuvukela kwalo empumalanga yezwe kusukela ngo-2022.
I-UN ikuqinisekisile ukuthi iqembu i-M23 lishaqe amadolobha ambalwa empumalanga yezwe ezinsukwini ezedlule lapho uphiko lwezokugcina ukuthula i-MONUSCO lubika ngezingxabano ezinkulu phakathi kwe-M23, amasosha ase-DRC namanye amaqembu ahlomile ikakhulukazi esifundeni saseSake.
Lokhu kuholele ekulimaleni futhi kwadala ukuduka kwabantu ababalelwa kwizi-250 000 eNingizimu Kivu lapho uphiko lwe-UN lokugcina ukuthula lwahoxa khona ngonyaka odlule njengengxenye yokuphuma kancane ezweni.
I-MONUSCO ithe kubalulekile ukuthi i-M23 ibeke phansi izikhali futhi ihambisane nesinqumo sokumiswa kwezikhali kusukela ngoNcwaba zi-4, kowezi-2024. Lolu hlaka luphinde lwanxusa zonke izinhlangothi ukuthi zihlale zizibophezele kuLuanda Process efuna ukuqeda ukungezwani phakathi kwe-DRC neRwanda.

