Ukugubha izimayini ezingasasetshenziswa kuyimpi ebhekiswe kumnotho wezwe: Mantashe
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe Wezokumbiwa Phansi kanye Nezinsiza Zikaphethiloli, uGwede Mantashe, uthe izimayini ezingekho emthethweni ziyimpi emelene nomnotho wezwe. Ubekhuluma esithangamini sabezindaba ePitoli, mayelana nezibalo zezempilo nezokuphepha ezimayini zowezi-2024.
Bangaphezu kwe-1 900 abavukuzi abangekho emthethweni abakhishwe emgodini engasasetshenziswa eStilfontein eNorth West emasontweni edlule. Lokhu ngemuva kokuthi amaphoyisa ethule umkhankaso wawo wokugasela obizwa ngokuthi “Vala Umgodi” kule mayini ngoNcwaba nyakenye.
UMantashe uthi kusewubugebengu ukumba izimayini ezingasasebenzi. “Ngeke kube nezindlela ezimbili ngakho, yizigebengu ezihlasela umnotho. Ukuhweba ngokungemthetho kwezinsimbi eziyigugu kulinganiselwa kwizigidigidi ezingama-R60 ngowezi-2024. Lezigidigidi ezingama-R60 uwukuputshuka kwenani lomnotho wezwe. Yisenzo sobugebengu esibucayi futhi siyakweseka ukusebenza kweVala Umgodi,” kuchaza uNgqongqoshe.
