UNxamalala uthi usethelwe ngentelezi kweyakhe noMilonzi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMxolisi “Team Nation” Zuma uzimisele ngokuqhubeka nokujabulisa abalandeli basesifundazweni iKwaZulu-Natal.
Lo somankomane uzobe elwa ezimpini eziqhathwe iHle-Jobe Boxing Promotions kaHlengiwe Sithole, zizobanjelwa e-Escourt Town Hall ngoMgqibelo.
Impi yakhe uZuma ibalwa nezibhekwe kakhulu njengoba ezobe elwela ibhande leWBF Intercontinental Junior-Featherweight nalapho ezobe exhimfana khona noRamadhani Milonzi.
“Ezinkhathini ezedlule ngibajabulisile abalandeli baKwaZulu-Natal, nangoMgqibelo ngizimisele ukuqhubeka nalokho. Amalungiselelo ami ahambe kahle kakhulu angiboni kukhona okuzongiphazamisa sengilindele ukungena eringini ngithathe ibhande elingaphethwe” kusho uZuma owazalalwela eNanda kodwa wakhulela eSikhawini, eMpangeni.
Irekhodi likaZuma lihle kakhulu njengoba ezimpini eziyisithupha azilwile esibhakeleni esikhokhelayo uzinqobe zonke. Lezi zimpi uzinqoba ngomgqimuzo womlalisa phansi (KO).
Uqale ukulwa esibhakeleni esikhokhelayo ngowezi-2022 nalapho abhaxabula khona u-Andile Majozi, ukugcina ukubonakala eringini bekungoZibandlela nalapho ehlula khona uLukholo Dlangalavu.
“Angiyithathi kancane imbangi yami kodwa amavidiyo ayo ngiwabukile, angimboni eyingozi ngaleyo ndlela. Ngiyafisa abantu baKwaZulu-Natal baphume ngobuningi babo, ngifuna ukujabulisa nomqeqeshi wami uMtuseni Dube ohlezi engikhuthaza kakhulu ejimini,” kubeka uZuma.
Ubonge uphromotha uHlengiwe ngokuthi angamkhohlwa uma enza izimpi zakhe.
Ebuzwa ukuthi emva kwale mpi ubhekephi uthe: “Ngicela esitikini uBongani Mahlangu, ophethe ibhande likazwelonke. Ngibheke lona sekuyisikhathi, kudala ngililangazelele ithuba” usho kanje.
Enye impi ebhekwe kakhulu ekaNkosingiphile Sibisi noTrevor Ngonyama kweyeSA Flyweight.