I-ActionSA ifuna amiswe uNgqongqoshe osehhovisi likaMengameli



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-ActionSA isijoyine i-DA ekuphakamiseni ukuthi kumiswe uNgqongqoshe oseHhovisi likaMengameli uKhumbudzo Ntshavheni ngezinsolo zokuthinteka enkohlakalweni yamathenda ebiza izigidi ezi-R2.5 ngesikhathi eseyiMenenja kaMasipala kuMasipala waseBa-Phalaborwa.
I-African National Congress (ANC) imvikele uNtshavheni yathi awekho amacala asemthethweni asethweswe wona.
Umholi weKhokhasi ePhalamende ye-ActionSA u-Athol Trollip ukugxekile ukuphatha kukahulumeni izinsolo zenkohlakalo.
“Iyodwa indlela ongaqeda ngayo inkohlakalo wukubhekana nayo ngendlela eqondile futhi uyisiphule, futhi esikubonile ngaphansi kukaCyril Ramaphosa wukuthi kuningi ukugwedla okuthambile nokuhlehla uma kukhulunywa ngezinsolo zenkohlakalo—ikakhulukazi kwabaseqembini lakhe noma kwiKhabhinethi.”
UTrollip uqhube waveza izibonelo zokungenzi lutho kwaMengameli, “Kukhona isibonelo sikaDkt uZweli Mkhize, kusukela ngezinsuku ze-Digital Vibes, namanje akukho okwenzekayo kuye- ngaphandle kokubulawa kombiko futhi akukho okunye okwenzekile. Sibonile owayenguNgqongqoshe wezoBulungiswa evele eyiswa komunye umnyango ngaphansi kwefu lenkohlakalo enyantisayo. Manje sesinoNgqongqoshe osondelene kakhulu noMengameli futhi okuwukuphela kwento esiyibonayo wukungenzi lutho,” kuchaza uTrollip.