Now Reading
BAPHULWA ISHOBA?: Amalungu e-NEC azotshalwa eGauteng nakweleNdlovukazi ukuzama ukuqinisa izinhlaka
Dark Light

BAPHULWA ISHOBA?: Amalungu e-NEC azotshalwa eGauteng nakweleNdlovukazi ukuzama ukuqinisa izinhlaka

UNobhala Jikelele we-African National Congress (ANC), uMnu uFikile Mbalula, uthe maduze uzokwazisa izigungu eziphezulu zezifundazwe ezimbili okuyiGauteng neKwaZulu-Natal ngesinqumo sokuzihlela kabusha.

UKhongolose unqume ukuhlela kabusha ubuholi  balezifundazwe ezimbili  ngaphansi kohlaka lomthethosisekelo weqembu.

UMbalula uthe lokhu kusho ukuthi kukhona amalungu e-NEC azojutshwa ukuze aqinise ukuphathwa kweqembu ezifundazweni ezimbili.

See Also

“Ngizobhalela wonke amagatsha nakuzo zonke izifundazwe ngiwazise ngesinqumo nokuthi kumele balinde size sibuyele kubo. Uma sibuyela kubo enhlabathini ngesonto elizayo azochazelwa wonke amagatsha nazo zonke izifunda bese betshelwa ukuthi kuzokwenziwa kanjani ukuhlelwa kabusha nangokwesimo somthethosisekelo waKhongolose ngalesi sikhathi zonke izinhlelo ezihleliwe kuzomele bazimise. Kodwa isinqumo sesithathiwe futhi siqede izolo besikhona sonke nomengameli wethula akuthulayo sashaya izandla sonke sahamba sagoduka.” Kuchaza uMbalula

Scroll To Top