Now Reading
UMbalula uvikela uNtshavheni, ugxeka oKlebe
Dark Light

UMbalula uvikela uNtshavheni, ugxeka oKlebe

I-African National Congress (ANC) isiphumele obala ivikela uNgqongqoshe oseHhovisi likaMengameli uKhumbudzo Ntshavheni okusolwa ukuthi uyathinteka enkohlakalweni yamathenda. UNtshavheni kuthiwa uphenywa wuphiko loKlebe mayelana nenkohlakalo yamathenda ebalelwa kwizigidi ezi-R2.5.

IDemocratic Alliance (DA) isinxuse uNtshavheni ukuthi ehle esikhundleni ngokushesha kulandela ukuvela kokuthi iDirectorate for Priority Crime Investigation eyayiphe ya ngokuziphatha kwakhe njengeMenenja kaMasipala waseBa-Phalaborwa, okuthinta ithenda yezigidi zamarandi isikulungele ukumshushisa. Okhulumela i-DA kwezokuPhepha koMbuso uDianne Kohler Barnard uthe uNtshavheni akakwazi ukuba ngungqongqoshe, ekubeni engaphansi kophenyo olunzulu lwenkohlakalo.

Kodwa uNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula, uthe okwamanje akukho cala abekwe lona uNtshavheni. Uthe labo abaputshuza imininingwane kwabezindaba evela koKlebe babukela phansi isithunzi sezinhlaka zomthetho zezwe.

See Also

“Abomthetho eNingizimu Afrika akumele bazame ukushushisa abantu ngokusebenzisa abezindaba bafune batholwe benecala yibo. Uma unecala uyazi ukuthi yini okufanele yenziwe. Ayikho inkantolo yekhangaru esebenzisa abezindaba lapho manje uKhumbudzo kumele azichaze ngemithombo yezindaba ukuthi unecala noma akanacala. Kukhona ovela oKlebe uyaxhumana. Uyazi laba bantu babukela phansi isithunzi sezikhungo zombuso. Isimiso somthetho wethu sibukelwa phansi futhi ngeke sivumelane nalokho. Uma kukhona oke wamangalela omunye umuntu kungani uputshuzela kwabezindaba ufuna ukuqulisa abantu, kungani uyiputshuza kwabezindaba ufune ukuqulisa abantu ngabezindaba yikona kanye okwenzeka kuTembi Nkadimeng ngeVBS,” kuchaza uMbalula.

Scroll To Top