Uyibekile induku ebandla ngamagalelo akhe kwezobuciko uDkt uKani



Uma ubiza igama lakhe, abaningi bavele bakhumbule izinsuku besafunda umatikuletsheni lapho babevivinywa ngokuhluza incwadi yakhe iNothing But The Truth ezifundweni zolimi. Abanye bamazi kudala emidlalweni eyahlukene yeshashalazi; kepha kamuva, cishe umhlaba wonke, umazi njengoqweqwe lomlingisi osezingeni lomhlaba ngenxa yekhono lakhe lokusebenzisa iphimbo ukuxoxa indaba ngesineke, edweba isithombe somqondo esikuthatha sikubeke kwanhliziyo ngise.
Lowo uDkt uBonisile John Kani OIS OBE, owazalwa zingama-30 kuNcwaba kowe-1943 eNew Brighton, ePort Elizabeth.
Ngemva kokuphothula umatikuletsheni e-Newell High School, uKani wasebenza namaqembu emidlalo yeshashalazi endaweni yaseNew Brighton, edlala ezikoleni nasemahholo omphakathi. Ngowe-1965 uKani wajoyina iqembu i-Serpent Players, nokuyilapho ahlangana khona no-Athol Fugard. Leso kwaba isiqalo sobungani obude nesikhathi lapho omabili la madoda aqala athola khona udumo futhi abhekana nokushushiswa ngenxa yezinkolelo zawo zezombangazwe.
Umsebenzi wabo omningi ngaleso sikhathi, nakuba wawuhlolwa futhi uthuthukiswa, waphumelela ukuba ushicilelwe yize omunye ungashicilelwanga. Omunye walemidlalo kwaba ‘iSizwe Bansi is Dead’, owavela ekuhlanganyeleni kukaKani, uFugard noWinston Ntshona, nowagcina udlalwa kakhulu eNingizimu Afrika naphesheya.
Ngowe-1974 wavakashela e-United States ne-Sizwe Banzi is Dead kanye ne-The Island, kwathi eNew York wahlonishwa umhlaba wonke ngesikhathi eklonyeliswa ngeTony njengomlingisi ohamba phambili ngokulingisa kuyo yomibili le midlalo. Ubuye wenza imihlangano yokucobelelana ngolwazi eNew York, eWashington DC naseLos Angeles ngesikhathi sokuvakasha.
Kuthe ngowe-1976 uKani wavakashela e-Australia futhi wasebenza namaqembu omphakathi waboMdabu ePerth, eSydney, eMelbourne, eBrisbane nase-Adelaide. Ekubuyeleni kwakhe eNingizimu Afrika waqala ukuhambela izindawo zasemakhaya nayo ‘iSizwe Banzi is dead’ kanye ne-The Island, eqhuba amaqembu emidlalo yeshashalazi lapho ayeya khona. Kamuva waboshwa wagqunywa ejele, wabe esededelwa ngemva kwemibhikisho emikhulu. Lokho kwasho ukuqala kobudlelwano obubuhlungu namaphoyisa.
Akubanga isikhathi eside ngaphambi kokuba uKani azibandakanye noBarney Simon kanye neMarket Theatre entsha eGoli ngowe-1977, nokwaba isiqalo sobudlelwano obude obabungahlanganisi nje umsebenzi weshashalazi kuphela kepha nokuthuthukiswa komphakathi. Ngowe-1990, uKani noSimon basungula iMarket Theatre Laboratory ukuze inikeze ukuqeqeshwa entsheni engakwazi ukuthola amakhono eshashalazi ngenxa yesizinda semfundo esingesihle.
Ngaphandle kokuhlabana ngendondo yeTony, uKani usethole inqwaba yezindondo ezigabeni ezehlukene zomsebenzi wakhe. Lezi zihlanganisa indondo yokuhlonishwa ngowe-1987 evela kuSouthern Transvaal Chamber of Commerce ngeqhaza lakhe emzabalazweni wenkululeko ngokusebenzisa isiko, iziqu zobudokotela zokuhlonishwa azithole eNyuvesi yaseThekwini-Westville (esiyaziwa ngeNyuvesi yakwaZulu-Natal) ngeqhaza lakhe elikhulu ekuthuthukiseni ezobuciko namasiko ngesikhathi somzabalazo wenkululeko, umklomelo we-Hiroshima Award for Peace kanye nendondo ye-Tribute Magazine eyaziwa nge-Titan of the Century.
UKani uzibandakanye ngokujulile, ngezindlela eziningi, emzuliswaneni omude wemidlalo yeshashalazi kaFugard eyashintsha ubuso beshashalazi yaseNingizimu Afrika. Uke wabonakala emafilimini ahlukene akuleli nawaphesheya ahlanganisa iSarafina, iNothing But The Truth, iBlack Panther, iCaptain America, iThe Lion King namanye amaningi kanti ngokusebenzisa imidlalo yeshashalazi ube nesandla ohlelweni olulethe izinguquko ezinqala eNingizimu Afrika. Kamuva, udlala efilimini esuselwe kwi-The Lion King yodumo, iMufasa: The Lion King, ekhiqizwe ngoZibandlela wezi-2024. Kulefilimu ulingisa indawo kaRafiki, oxoxa ngomsuka kaMufasa noScar (oqala abizwe ngoTaka).
Ngemuva kweminyaka engaphezu kwamashumi amane eseshashalazini, singasho ukuthi uDkt uBonisile John Kani OIS OBE uyibekile induku ebandla ezweni laseNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele emkhakheni wezobuciko njengoba ephinde wahlonishwa iHhovisi likaMengameli waseNingizimu Afrika nge-The Order of Ikhamanga in Silver ngowezi-2016 ngegalelo lakhe elihle kakhulu emidlalweni yeshashalazi futhi, ngalokhu, nomzabalazo weNingizimu Afrika engacwasi ngokobuhlanga, ngobulili nentando yeningi.