“UBra Qhash” usebalwa nezinkakha ezimbalwa ezisadla anhlamvana



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ungambiza ngoLaqhasha, uMhlongo, uDavid, uZebedee Matabane, uDlomo, uJohn okanye uPrince Moseki Kwena. Ekugcineni lokho kumkitaza ngaphakathi uDon Mlangeni Nawa ngoba kubalula indima aseyihlakulile nohambo aseluhambile kwezokulingisa.
Le nkakha engadinge kwethulwa kakhulu yazalwa ziyi-7 kuNhlangulana we-1959 eSoweto. Njengoba engadinge kwethulwa kungashona ilanga uma umchaza ngoba uyinkunzi emidwayidwa kodwa esalokhu iphokophele phambili.
Waziwa abadala nabancane ngoba kudala aqala ukubusisa iNingizimu Afrika kuthelevishini. Kusuka kuSgudi ‘Snaysi enguLaqhasha ngeminyaka yawo 1990, kuya ku-Isidingo esesavalwa enguZebedee Matabane kusuka ngonyaka we-1998 kuya kowezi-2014, nakuZalo enguDlomo. Ikhono lakhe lokulingisa laqala ukuvela ngeminyaka yawo-90 edlala indawo kaMhlongo emdlalweni owawukhonjiswa kuSABC1 iHlala Kwabafileyo.
Kulo mdlalo owawubophele izinkakha ezinye esezalala. Ubuye wabonakala futhi emdlalweni Ubambo Lwam’ elingisa kanye noMenzi Ngubane, uSelby Mabanga nabanye asebalandulela leli. Amagalelo akhe kuthelevishini nasemidlalweni yeshashalazi aqala kuyo, kwenza ukuthi ngonyaka wezi-2006 ahlonishwe ngomklomelo iGolden Horn Award.
Ngonyaka wezi-2018 wayedlala indawo ephambili emdlalweni owuchungechunge iThe Throne, enguMoseki. Ngawo lowo nyaka wahlonishwa ngendondo iLifetime Achievement Award kumaRoyalty Soapie Awards. Lapha wayetheswa uphaphe legwalagwala ngeqhaza lakhe kwezokulingisa kuthelevishini.
Noma elandelwa izinkulungwane zabalandeli nabathandi bezikaqedisizungu kepha akakufihli ukuthi abalandeli bakhe abakhulu izingane zakhe. UDon ushadelwe unezingane ezinhlanu kepha uthi izingane zakhe ezimbili zokugcina u-Alwande okuyintombazane no-Olubanzi indodana aziphuthelwa ukumbukela kuthelevishini.