UDube uncome ophromotha ngokuzinikela kwabo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IKwaZulu-Natal ihambe phambili ekuqhatheni izimpi nyakenye
IMenenja ye-Boxing South Africa (BSA) esifundazweni iKwaZulu-Natal uMlungisi “Mike” Dube unephupho lokuthi ophromotha bakulesi sifundazwe baqhathe izimpi cishe ezingama-20 kulonyaka wezi-2025.
Nyakenye iKwaZulu-Natal iqhathe ibe nezimpi ezili-10, okwenze yenza okungajwayelekile ihlula isifundazwe i-Eastern Cape yona eqhathe eziyi-9.
UDube uthe uzoba nomhlangano oyisipesheli kanye nophromotha nalapho bazoqhamuka khona nomhlahlandlela wokuthi lifezeka kanjani iphupho lakhe.
“Lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal sinophromotha abali-13 abali-13, esifuna ukukugqugquzela ukuthi uphromotha ngamunye aqhathe izimpi ezimbili lokho kobe kusho ukufezeka kwaleli phupho enginalo. Kodwake ngabe angibenzi ubulungiswa makungathiwa angikuncomi ukusebenza kanzima kwabo ophromotha, unyaka odlule unginikeze ithemba lokuthi ngempela siyabuyela emgqigqweni” kusho uDube.
Ubalule ukuthi ujabule ukuthi kwabesilisa alikho ibhande eliphumile lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal, kwabesifazane libe lodwa kuphela ebeliphethwe uThema Zuma le-SA Junior Bantamweight aliphucwa uNosiacwase Dube walapha KwaZulu-Natal kodwa osezinze eFree State. Bathathu ompetha beNingizimu Afrika besifazane lapho kubalwa uNomusa Ngema (SA Junior Featherweight), uWendy Gcado (SA Middleweight) noMapule Ngubane (SA Middleweight).
Ngokwezikeliso bangama-29 abesilisa ababalwayo phezulu lapha eNingizimu Afrika, abesifazane bayi-8 okuyinto engumlando leyo.
“Okunye enginesifiso sakho ukuthi kuzona zonke izifunda ezili-10 zalapha esifundazweni kube khona umqhudelwano osingathwayo. Ngiyafuna kube khona umqhudelwano eKing Cetshwayo nakoHarry Gwala District. Uma lokho kungenzeka kobe kusho ukuthi isibhakela esifundazweni eminyakeni ezayo sizokhula kakhulu. Sithi sesibile nemiqhudelwano kulezifunda, siphinde sibe namaCoaching Clinic sisifake entsheni isibhakela” kubeka uDube.
Uphinde waveza ukuthi kunosonkomane abali-19 kusukela bengene esibhakeleni esikhokhelayo abangakaze belwe, ophromotha kudingeka bebaqhathile kulonyaka.
“Sizohlangana nabe-South African National Boxing Organisation (Sanabo) okuyisibhakela sama-Amesha. Isizulu sithi ligotshwa lusemanzi, ngalokho sifuna ukulekelela lapho singalekelela khona ngoba sifuna osomankomane bethu abasuka kuma-Amesha befike lapha esibhakeleni esikhokhelayo sebemi ngomumo ukuthi ngelinye ilanga bengasiphathela amabhande aseNingizimu Afrika nawoMhlaba. Ukungenzi kahle kuma-Amesha kulimaza kakhulu” kubeka uDube.
Izimpi zokuqala kulo nyaka zizoba mhla zingama-28 kuNhlolanja zizoqhathwa uZandile Malinga weStarline Boxing Promotions.
Kulezi zimpi kuzobangwa amabhande amathathu aseNingizimu Afrika, uNkosingiphile Sibisi uzovovana inkani noZolile Miya waseGoli kweye-SA Flyweight, uPhikelelani Khumalo abhekane noJohn Bupape kwey-SA Middleweight mese kuba impi yamagqubu kaMapule noRita Mwebi kweye-SA Middleweight.
UMapule ozobe evikela ibhande noRita sebelwe kabili bobabili banqobe kanye, kulempi kuzobe kuzocacisa ukuthi ngempela ubani ongaphezulu komunye.

