UDube ukhala ngesibalo sezimpi ezibe khona kulonyaka esifundazweni iKwaZulu-Natal
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IMenenja yesibhakela esikhokhelayo esifundazweni iKwaZulu-Natal uMike Dube uphonsele inselelo ophromotha bakulesifundazwe ukuthi banyuse amasokisi ekuqhatheni izimpi.
UDube usho lokhu nje ingoba nonyaka sincane kakhulu isibalo semiqhudelwano ebe khona, ekubeni sekubalwa amasonto ukuthi unyaka usongwe.
Nonyaka iyisithupha imiqhudelwano ebe khona kanti nyakanye ibe li-11.
“Sidinga ukuthi yande imiqhudelwano esiba nayo ngonyaka. Ngalokho sidinga ophromotha ukuthi basebenze kanzima ukufeza lelo phupho. Ngikhuluma nje kunamabhokisa angakaze ethole ithuba lokuzwa kulonyaka ngakho njalo ukugqoza kwezimpi. Ngeke sakubonga lokho abakwenzile kulo nyaka, ngoba kwezinye izikhathi kusuke kungayi ngabo” kusho uDube.
Uthe njengoba ophromotha beli-13 esifundazweni iKwaZulu-Natal kumele kube ukuthi uphromotha eyedwa uyaqhatha.
Uveze ukuthi mhla zingama-20 kuZibandlela kuzoba nezimpi zabesifazane ezizobe ziqhathwe iMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi nathe zizobanjelwa eMgungundlovu.
Izimpi zokugcina ebezikhona bezingomhla zingama-31 ngenyanga edlule, lapho kwakuqhathe iTap Tap Boxing Academy kaCebiso Makhathini ngokubambisana neMvelo Boxing Promotions zabe zibanjelwe eShowe Town Hall.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi mhla zingama-20 zikhona izimpi ezizoba khona. Kukhona ezimbili okungakabi khona into ebambekayo ngazo. Sinethemba lokuthi ngonyaka ozayo uzokuba khona umehluko”.
Uchaze unyaka wezi-2025 njengonyanga ongabanga nezinto eziningi ezibabazisayo makuqhathaniswa nowedlule, kodwa uPhikelelani Khumalo wakulesi sifundazwe unqobe ukwazile ukunqoba ibhande le-SA Middleweight. ULindelani noNkosingiphile bakaSibisi bobabili banqoba amabhande e-IBF International.
UNtethelelo Nkosi noKeaton Gomes bahlulwa kowandulela owamanqamu e-WBC Grand Prix
“Okuhle ngaphandle kokunikeza amabhokisa aKwaZulu-Natal ithuba, nakwezinye izindawo senza okufanayo kuyimanje sinoRing Announcer ababili okunguMikey Makhaba noNompilo Mahaye. SinoMatch Maker ababili okunguSifiso Dlamini noThulani Gumede abawenzayo umsebenzi wabo. Asigcini lapho sinikeza nonompempe ithuba kwimiqhudelwano esiyenzayo” kubeka uDube.

