Now Reading
I-DA ihlaba ikhwelo lokuthi kuphenywe ngenkinga yabavukuzi abangekho emthethweni e-Stilfontein
Dark Light

I-DA ihlaba ikhwelo lokuthi kuphenywe ngenkinga yabavukuzi abangekho emthethweni e-Stilfontein

IDemocratic Alliance (DA) isinxuse uhulumeni ukuthi asungule ngokushesha uphenyo ngodaba lwabavukuzi abangekho emthethweni emayini engasasetshenziswa eStilfontein eNorth West. Lokhu kuvele njengoba sekuphothulwe izinhlelo zokuhlenga ezabekwa yinkantolo eziholwa nguhulumeni ngemuva kokuthi kubikwe ukuthi bonke abavukuzi abangekho emthethweni sebekhishiwe emgodini.

Kuleli sonto, bangama-246 sebebonke abavukuzi abangekho emthethweni abakhishwe emgodini kwatholwa izidumbu ezingama-78. Selokhu kwaqala ukusebenza kwamaphoyisa ngaphansi kohlelo i”Vala Umgodi” kulemayini engasasetshenziswa, abavukuzi abayi-1907 abangekho emthethweni bakhishwa emgodini kwatholakala nezidumbu ezingama-87.

ILungu lePhalamende leDA futhi okhulumela iMithombo yeMimbiwa kanye nePhetroleum, uJames Lorimer uthe, “Sicabanga ukuthi abantu abathintekayo, iSAPS kanye noMnyango Wezokumbiwa phansi kanye nePetroleum Resources kufanele bahlolwe ukuziphatha kwabo ngoba lokhu kuyinhlekelele. Sinabantu abangama-78 abashonile kuze kube manje. “

See Also

Eqhubeka u-Lorimer uthe, “Ngakho sifuna ukubona ukuthi wonke umuntu ubewenza njengoba bekufanele enze umsebenzi wakhe futhi ngeke sikwazi ukuvimbela ukwenzeka okufanayo esikhathini esizayo. Ngakho yingakho sidinga uphenyo olugcwele. Kusobala ukuthi ngeke sikwazi ukuthi i-SAPS nomnyango baziphenye yingakho sicabanga ukuthi indlela efanelekile kulokhu kungaba ikhomishana yophenyo ezimele.”

Scroll To Top