Now Reading
UKhongolose ukhongela ubunye nokuthula
Dark Light

UKhongolose ukhongela ubunye nokuthula

Elakuleli kubukeka linesibopho kathathu ezindabeni zaseZimbabwe


Kulikhuni ukuba ngumakhelwane. Uma kunomsindo komunye umuzi uyaphoqeleka ukuba ungathuli ngoba ekuthuleni kungenzeka ukuthi umsindo lona ungcine usukuwe. Lesi yisimo esibhekene neNingizimu Afrika odabeni lwaseZimbabwe. Kule minyaka eyedlule elakuleli lizithole selingenelwa ngamanzi endlini ngezinkinga zaseZimbabwe kulandela ukusabalala kwalabo ababizwa ngababaleki kanye nalabo ababeze kuleli ngenhloso yokuthola imisebenzi. Lesi simo sidale ingcindezi emnothweni wakuleli kwaze kwazwela nakwabanye abantu kuleli.

Kuke kwakhona ukucabanga ukuthi izinto zingahle ziguquke njengoba amandla ombuso ayesesukile kulowo owayenguMengameli umufi uMugabe kwathatha uMnu uMnangagwa. Akubanga njalo njengoba esadlula uMugabe emhlabeni sekukhona abathi empeleni kwabe kungcono ngesikhathi sakhe njengoba osephethe esebabhudubeza kungabi ndaba zalutho. Izigameko zakamuva ezihlanganisa ukuboshwa kwezintatheli nezinsolo zokucindezelwa kwalabo abaphikisana noHulumeni zidale ukukhuluma. Okunye okwengeze kulokhu wukuqhubeka kokwehla kwamandla omnotho. INingizimu Afrika kubukeka inesibopho kathathu odabeni lwaseZimbabwe. Okokuqala iqembu elibusayo labhaca iminyaka eZimbabwe ngesikhathi sombangazwe. Lokhu kwaba ngenxa yobudlelwano phakathi kwalo nalelo elibusayo eZimbabwe iZanu-PF.

Abaholi bamaqembu ezombangazwe kuleliya lizwe abafana noMugabe kanye noNkomo babe weseka umzabalazo waboHlanga kuleli njengoba bagcina belikhaya lalabo ababe sekudingisweni ngaleso sikhathi.

Okwesibili ngesikhathi sokutholwa kwelakuleli inkululeko, iZimbabwe yangena obishini lokuzika komnotho ngenxa yezimo zangaphakathi lokhu kwaholela kufuduko lwabantu abaningi baseZimbabwe beza kuleli. Ingcindezi eyaba (nesaqhubeka) semingceleni yakuleli yabonakala nasemnothweni. Kuliqiniso elingephikiswe ukuthi amazwe athile eningizimu afana nelakwaNgwane, iZimbabwe neLesotho athi angathimula nje lithinteke elakuleli ngakwezenhlalo, umnotho nepolitiki.

Kanti okwesithathu okwenza iNingizimu Afrika ingathuli uma kunomsindo kwamakhelwane wukuthi kwenzeka konke lokhu yiyo (imelwe nguMengameli wezwe) enguSihlalo we-African Union (AU).

Kuleli sonto uMengameli uRamaphosa egqoke isigqoko seqembu uthumele ithimba labaholi abayishumi bakaKhongolose beholwa nguNobhala Jikelele, uMnu u-Ace uMagashule. Leli thimba liya nje bekukhona elikaHulumeni elike lashanela amazolo. Lisoliwe leli lokuqala ngokuthi lifike eZimbabwe labonana noHulumeni kuphela langawabona amaqembu aphikisayo nokuyiwo akhonondayo. Akuqali-ke ukuba kusolwe ukuthi uHulumeni wakuleli ucheme neqembu elibusayo eZimbabwe njengoba kwaba njalo nangesikhathi sikaMengameli uMbeki.

Umkhankaso walabo abaphikisa uHulumeni uthole ukwesekwa ngesikhathi kuqalwa isiqubulo esithi #ZimbaweLivesMatter, nesenze ukukhala ngempatho kaHulumeni eZimbabwe kwaba undabamlonyeni nangale kwemingcele yezwe. Phakathi kwabantu ababoshiwe kulokhu kukhona intatheli uMnu uHopwell Chin’ono eyabhala ngenkohlakalo kuHulumeni kaMnangagwa. Le nkohlakalo yabe ithinta imali yokhuvethe. Omuye owaboshwa wabuye wadedelwa ngumbhali ohlonishwayo, uNks uTsitsi Dangarembga. Khona lapho umuzi wentatheli uMnu uMduduzi Mathuthu wapeqululwa ngamaphoyisa.

Ukuwohloka komnotho

See Also

Akukho ukungabaza ukuthi lesi simo sizowukhinyabeza futhi umnotho. Ngokombiko we-African Development Bank, umnotho waseZimbabwe ubuvele uqhuga nangonyaka owedlule. Ingeniso lezwe, iGDP, linciphe ngama-12.8% ngowezi-2019 ngenxa yokungenzi kahle kwezimayini, ezokuvakasha nezolimo. Izimali zamanye amazwe kanye nokuncipha kwamandla kagesi kube nomthelela omubi ezimayini nakwezokuvakasha. Ezolimo zinciphe ngama-15.8% ngenxa yesishingishane u-Idai ngoNdasa wezi-2019. Imali ekweletwa ngumphakathi ilokhu ingaphezulu kwengeniso lezwe kwebelihloswe uHulumeni elingama-70%. NgoNhlangulana wezi-2019, umnyango wezangaphandle ube nesikweletu esilinganiselwa kuma-87% esilinganiselwa ezigidigidini eziyisi-$8 (73.75%) ebesilokhu sinqwabelana.

Bangaphezu kwama-60% abantu abacindezelwe ububha. Kube ukungalingani kwamaholo kulokhu kuphezulu. Babalelwa ezigidini ezimbili abantu abasezindaweni zasemakhaya lapho indlala idlange khona njengoba kwahlonzwa ngoMbasa kuya kuNhlangulana wezi-2019. Kulindeleke ukuthi isibalo sabahlaselwe ububha sifinyelele ezigidini ezi-5.5 ngoMasingana kuya kuNdasa wezi-2020 kubuye kuchaphazele abayizigidi ezimbili abahlala emadolobheni. Abukho ubufakazi bokuthi abakhongi bakaKhongolose bazoqhamuka nesixazululo kepha okwenzekile kukhomba ukuthi uHulumeni waseNingizimu Afrika ukhathazekile nokuthi uzama ukuvika isimo esenzeka ngaphambilini.

Zonke lezi zimo zikhomba ukuthi uma idubula intabamlilo eZimbabwe udaka luzokapakela kuleli nalo elizixhugela kakhulu kunakuqala njengoba izibalo zakamuva ziveza khona ukuthi umnotho weNingizimu Afrika uyayenda, kungonakala noma yinini.

Scroll To Top