Now Reading
UMengameli Ramaphosa usefikile eMozambique lapho kugcotshwa khona uMengameli omusha
Dark Light

UMengameli Ramaphosa usefikile eMozambique lapho kugcotshwa khona uMengameli omusha

UMengameli uCyril Ramaphosa usefikile eMaputo, eMozambique, ukuzothamela umcimbi wokugcotshwa kukaMengameli uDaniel Chapo. UChapo wanqoba okhethweni olwalungoMfumfu nyakenye.

Esitatimendeni, iHhovisi likaMengameli lithe ukugcotshwa kukaMengameli  uChapo kunikeza ithuba bonke abantu baseMozambique ukuthi basebenzisane ukuze kube nokuthula, intando yeningi nentuthuko.

. UMongameli Ramaphosa ukubheke ngabomvu ukusebenzisana eduze noChapo ekuqiniseni ubudlelwano obukhona phakathi kwalawa mazwe womabili. UMengameli unethemba lokubona abantu baseMozambique bebumbana ngenhloso yokwakha izwe labo.

UMongameli Ramaphosa uhamba noNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana u-Ronald Lamola kanye noNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli u-Khumbudzo Ntshavheni.

See Also

Ukufungiswa kukaChapo kuza ngemuva kokuthi abanye abaholi bamaqembu aphikisayo benqabe imiphumela yokhetho. Amanye amaqembu aphikisayo amemezele ukuthi ngeke awuhambele umcimbi. Umholi weqembu eliphikisayo uVenancio Mondlane umile kwelokuthi uyena owine okhethweni lwangoMfumfu.

Scroll To Top