Isexwayiso sikaTrump singase sisondeze ukuthula eGaza: Umhlaziyi
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
USolwazi eThabo Mbeki African School of Public and International Affairs, u-Anthoni van Nieuwkerk uthi isexwayiso salowo ozoba nguMongameli e-United States uDonald Trump kuHamas sigxilise imiqondo yabaxoxisana ngokuyeka ukulwa.
U-Nieuwkerk uthi kusenezinselelo ezimbalwa abaxoxisanayo okufanele babhekane nazo ukuze kufinyelelwe esivumelwaneni. Lokhu kungemuva kokuba izikhulu zaseMelika zithe sekukhona inqubekela phambili ezuziwe ezingxoxweni futhi isivumelwano sesiseduze.
UTrump uxwayise ngokuthi uma i-Hamas ingabakhululi abantu eyabathumba ngokugcotshwa kwakhe ngoMsombuluko ngesonto elizayo, kuzosiphuka izidindi eMiddle East. Abaxazululi baseQatar bathumele i-Israel kanye ne-Hamas isiphakamiso esisalungiswa sesivumelwano sokumisa ukulwa eGaza futhi bashintshisane ngabathunjiwe basePalestine.
U-Nieuwkerk uchaza ezinye zezinselelo ezingxoxweni. “Kukhona okuphikisana nomqondo wokwenza uhlobo lokuthula kwesikhashana kuzo zonke izinhlangothi. I-Hamas ikhathazeke kakhulu ngokuthi i-Israel ifuna lezi zindawo ezivikelekile, izindawo ezingathathi hlangothi phakathi kwe-Egypt ne-Palestine futhi phakathi kweGaza ne-Israel yonke – kanti abaxoxisana nabo balwela ukufinyelela esivumelwaneni mayelana nokuthi lo mhubhe kufanele ube banzi futhi ujule kangakanani nokuthi ubani okufanele alawule. wona. Okunye okumele ngikuveze ukuthi uNetanyahu uzama ukuxoxisana ngalesi sivumelwano, kodwa amalungu eqembu lakhe ayaphikisana nombono ngokuthi uxoxisane nesitha. “

