UMnyango Wezemidlalo awungenelele ebholeni
IBhola leNdebe Yomhlaba liqale ngesasasa. Lokho kubonakale ngezinkumbi ezethamela umdlalo nomdlalo kulo mqhudelwano webhola lezinyawo othathwa njengomkhulukazi emhlabeni.
Ukubona izinkumbi zababukeli abahambele le midlalo kungenze ngafikelwa wukuthi yize okwenziwa laphaya eRussia kubizwa ngemidlalo kodwa iqiniso elimsulwa elokuthi kuyasetshenzwa laphaya futhi abaphethe lowa msebenzi owenziwa laphaya benza izigidigidi zemali.
Uma siqala sikhuluma ngabadlali okuyibona benza omkhulu umsebenzi wokudonsa izibukeli laphaya kushiwo abantu abahola itshe lemali. Izibalo zokugcina ngokwamaholo bezibeka phambili uLionell Messi wase-Argentina; uCristiano Ronaldo wasePortugal noNeymar waseBrazil. UMessi noNeymar cishe basazolenyusa izinga kule midlalo bafike kulelo elikhonjiswe wuRonaldo ebhuquzisa iSpain ngokushaya amagoli amathathu eyedwa emdlalweni ophele ngamagoli ama-3 nhlangothi zombili kubhekene iPortugal neSpain.
Umbuzo uthi, uma abadlali behola ngalolu hlobo, labo abasezikhundleni bona bahola malini. Baze bamketula esikhundleni uSepp Blatter owayenguMengameli weFIFA okuyinhlangano yebhola emhlabeni kungekho owaziyo kithi ukuthi uhola malini. Kanjalo nezikhulu eziphethe ibhola lakuleli angikhumbuli kudalulwa lokho ezigoduka nakho uma kuphele inyanga. Kuyacaca nokho uma kubhekwa indlela izikhulu ezinamathela ngayo ezikhundleni zingafuni ukuphuma kwala sezidudulwa ngezinsolo zamahlazo ukuthi cishe zinoju ebholeni. Ibhola lingumsebenzi wangempela ophilisa imindeni.
Umqondo ngiwubuyisele ezweni lakithi ngazibuza ukuthi kambe uMnyango Wezemidlalo kuzwelonke yikuphi okwenzayo ukuthi umdlalo webhola lezinyawo othandwa yizinkulungwane zaboHlanga ukwazi ukususa intsha kovulande bezitolo nasemakhoneni emigwaqo iyodlala ibhola ngendlela yokuthi ikwazi ukuziphilisa ngalo. Kubukeka kukuncane kakhulu uma kukhona okwenziwayo kwanhlobo.
Umqondo wami ube usubuyela emuva eminyakeni eminingi eyedlula singakabuswa wuhulumeni wedemokhrasi. Ngikhumbule ukuthi yayiningi kakhulu intsha eyabe iqoqwe yibhola lezinyawo. Ngaphezu kwentsha engabafana, neziqethevu zabanumzane bemizi zazingachithi isikhathi ziphenduka nelanga kodwa phakathi nezinsuku zazibonakala lapho abafana babesuke beziqeqesha khona bezilungisela imidlalo yoqhudeqhude, eyemikhumulajezi nowafawafa eyayiba ngezimpelasonto.
Njengoba kwenzeka ebholeni leNdebe Yomhlaba kulezi zinsuku lapho imidlalo isabalele nalo lonke elaseRussia nangaleya minyaka eyedlula kwakugcwala ezinkundleni ezisemakhaya nezisemalokishini. Nakhona lapha izihlwele zazilandela abafana bendawo ababedlala ibhola elalishesha limnandi ngendlela ebabazisayo. Abanumzane ababesebenza emadolobheni amakhulu njengaseThekwini, eMgungundlovu naseGoli babebuya namagama ezihlabani ababezibuka koMsizini, koWadley Stadium nako-Orlando Stadium. Babezaleka kanjalo o ‘Ndaru,’ o‘Bomber’ no ‘Jomo’ basemakhaya ngoba le emadolobheni kukhona oDarius ‘Ndaru’ Dhlomo owayedlala ibhola elinenkosi phakathi eMsizini, oBomber Chamane owayejikijela izimbokodo zamashodi eWadley Stadium no-Ephraim ‘Jomo’ Sono ko-Orlando Stadium.
Emalokishini nasemakhaya kwakubukwa indlela abafana abancane abalikhahlela ngayo ibhola izingwevu bese zimbeka ezingeni lomdlali othile odumile. Zazingagcini lapho kodwa zazimlandela lowo mdlali izimpelasonto zilandelana. Izinkundla zazigcwala imiGqibelo namaSonto kuye nangohlonze lomqhudelwano odlalelwayo nezinkunzi ezazisuke zizongqubulana.
Lapha eThekwini namaphethelo kwakunamaqembu ayeshisa izikhotha enza omkhulu umsebenzi wokuqoqa abafana abakhulayo ubasusa ezintweni ezingalungile ezinjengezidakamizwa nobugebengu obunhlobonhlobo. Lawa maqembu ayesiza futhi ngokugcina abanumzane bemizi bexhumene nabafana abakhulayo bebanika imiyalo bebabonisa nendlela yokukhula babe ngamadoda aqotho.
Wawungaya noma yikuphi nezwe wawulifica iqembu lebhola elalivelele kuleyo ndawo. Elokishini lwakwaMashu nje kwakukhona amaqembu afana noGolden Birds, oBaumannville City Blacks, oLeeds United namanye. EMlazi wawuthola oMlazi Citizens, oG. Bombshell noPower City. Emakhaya akoMpangeni babekhona oBlack Pirates no-Alusaf Fast X1 kanti nakoNgcolosi wawubathola oMshazi Union Tigers, o-AmaNtungwa Golden Eagles noCrocodiles. EMgungundlovu kwakukhona oSobantu Manchester, oSwift Swallows, oBenfica noSobantu Shooting Stars.
Lapho uMnyango Wezemidlalo ungangenelela khona isekuvuseni lawa maqembu ukuze intsha ibe nokuthile ekwenzayo. Uma belichaza ibhola lezinyawo baye bathi lehluke kwezinye izinhlobo zemidlalo ngoba limumatha abadlali abaningi ngesikhathi esisodwa. Umzekeliso owokuthi iqembu ngalinye uma likwazi ukumumatha abadlali abangama-20 bangaki abafana abangazuzeka kuhlanganisa namaqembu amankonyane uma indawo nendawo ingaba nososesheni engaphansi kwawo!
Umehluko kulokhu kungaba wukuthi uhulumeni ngabe esengenelela ngokuthi abaphethe amahhovisi nososesheni baqeqeshelwe ukuthi baphathe ngendlela esezingeni futhi kube khona abakutholayo ngalokho. Lokhu kungasukela ezisebenzini zasemahhovisi, onompempe nezikhulu ezisingethe amaqembu.
UHulumeni noMnyango Wezemidlalo kufanele benze isiqiniseko sokuthi nabezimboni ezizimele batshala okuthile ukuvuselela ibhola balibuyisele kwelaliyikho ngesikhathi esedlule. Lokhu kuzosiza kakhulu ekulwisaneni nobelelesi buvule amathuba emisebenzi emazingeni ahlukene okuphathwa kwebhola. Okwedlulele kulokhu ukungenelela kukaHulumeni ekuvuselelweni kwebhola ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini kuyovumbulula amakhono acashe kulezi zindawo esezikhohlakele kodwa ezinomlando omude nomuhle ebholeni lezinyawo. Abadlali abafana noBhiza Dlamini owayeyifolosi leKaizer Chiefs neqembu lesizwe wavunjululwa eMgungundlovu, u-Abednigo ‘Shaka’ Ngcobo wavela ngoba eqokelwe kuDurban Invitation eyashaya iKaizer X1 eyagcina isiyiKaizer Chiefs ngamagoli ayi-10 kweli-1 kanti uJomo Sono amagoli akhe amabili okuqala edlalela i-Orlando Pirates wawashaya engafake zihlangu zebhola ethathwe ezidayisela ama-aphula enkundleni.
Ukungenelela koMnyango Wezemidlalo ekuvusweni kwebhola eselifile emalokishini nasemakhaya kuyosiza ngokubuyisela elakuleli ebholeni lomhlaba. Akunakwenzeka ukuthi akukho mdlali osezingeni lomhlaba ongatholakala endaweni yasemaBheleni ePort Shepstone noma eMolweni ngaphandle kwePhayindane lapho labo abathungatha amakhono bengafinyeleli khona. Ukuvuselelwa kososesheni bezindawo kungaba ukuqala komnotho ongakhiwa wukusingathwa kwebhola elingakhokhelwa ngendlela yebhola elikhokhelwayo.