UMaskandi wakwazi ukuchuma ngobugagu bamaciko angaphambilini



UKhoza ungungoti kwezomculo wesiNtu abuye abe ngumsunguli weMbuso Khoza Centre…
Uma sithi nhla endulo! umlando uwelakanya ngocwaningo olunzulu, kusukela ngezikhathi esezadlula lapho abantu besahuba belingisa imvelo ngoba zingeko izimfijoli nezinkehlegume ababezishaya.
UMdali wayekhonzwa ngokulalelwa kwemvelo. Umzwilili owawuzwakala sasiwuphiwa yinyoni nesihlonono endle kanye namanzi lapho imifula ihuba iholoba. Uma kuzoba nembizo kwakukhala uphondo lubhonse kunanele amawa kuhlangane isizwe, zaqala zaguquka izikhathi amadoda ashiya imihlambi eyosebenzela abelungu emadolobheni. Lokhu kwaba nomthelela omkhulu ekuguqukeni kwendlela okwakuculwa ngayo eyayinensa kwesinye isikhathi ibenomsindo wehawu nenduku nehlombe noma ukukhwahla.
Lolu shintsho lweza nezinhlobonhlobo zemiculo yesiNguni, esikhundleni semigqumushelo kwaqala kwaba nemibholoho lapha sesibona kunombhidi phambili oshaya impempe alawule iviyo uma licula, le nto ibivame ukubonakala emazweni ako Europe uma kudlala ibutho lakhona elibizwa nge-orchestra lilawulwa wumbhidi. Ngoba umculo wabo ubhalwa phansi, zaya ngokwanda izigqi emculweni wesintu kwaze kwafika lapho abantu ababesebenza emapulazini, nasemakhishini sebefunda ukudlala inkositini nesiginci naso ababesibona sidlalwa ngumqashi okhuluma ulimi lwesibhunu, uma ethi ungumculi udlala umculo athi “ek speel musik ek is musikant”
Emuva kwalokho kwathi uma abansundu beqala ukuncinza intambo yesigingci kwaphuma unqambothi uma ebuzwa lo odlala isigingci ukuthi muculo muni lona awudlalayo aphendule athi “ngidlala uMasikandi lolu hlobo lomculo lwasabalala lwathola ukwamukeleka okukhulu. Uma singacaphuna izingqalabutho ezimbalwa ezifana noPhuzushukela, uMzikayifani, uMgqashiyo Ndlovu, uNgane Ziyamfisa noKhamba lomvaleliso, uThwalofu namaNkentshane, Ihhashi elimhlophe, uMfazomnyama, uPhuzekhemisi, uMfiliseni Magubane. Bonke laba engibacaphunile babezibambela mathupha ezimbanjeni zikasathane bengabesilisa ngobuningi bethengisa izindathane zamakhasethi namacwecwe. Kangangokuthi kwathi uma kwenziwa ucwaningo kwenye yezinkampani zomculo kwavela ukuthi isifundazwe saKwaZulu-Natal yiso esihamba phambili ngomculo othengwa kakhulu kushiwo uMasikandi njalo.
UMasikandi uwumculo osukhombise ukudlondlobala ngezindlela ezahlukene ngoba waqala kuwumuntu oyedwa odlala isigingci, kwaya kwaba ngabantu ababili ubufakazi balokho wumfoka Mkhize uMajazana ngisho iKhansela lingahambi lihamba noJBC, besekuba wuShwi noMntekhala nabo esebeshise izikhotha ngomculo kaMasikandi. Awubange usama ndawonye lomculo sabona sekusondela abesimame bebambisene nezinsizwa nabo abavele bawubhebhethekisa. Kwaba wumlilo wothathe, lokhu uma sibheka amaqembu afana neZingane Zoma, Imithente, Izintombi zikaMjapani. Lapha ngithinta abambalwa nje ukuveza iqhaza eselibanjwe ngumculo uMaskandi.
Esikhathini eside lomculo ubunenswebu eyodwa ubonakala ngomuntu oshaya isigingci, namuhla zijikile izinto sekunabaculi bakaMaskandi ebesingababuka njengabavumisi bengoma emakhaya noma amagoso ngoba bengasidlali isigingci kodwa sebewenze lomculo wasabalala kakhulu kunakuqala, nakuba isitayela sabo sithi asefane ngenxa yokulandela uMgqumeni kodwa lemiqhudelwano abayenzayo isizakhele olukhulu udumo kubalandeli bakaMaskandi,ngoba sebefika begqoke imifaniswano eyeseka lowomculi abamthandayo, ngakho sithi asiwushayele ihlombe lomcimbi ozoba senkundleni yebhola eMoses Mabhida osungulwe ngumculi ovelele kakhulu kuMaskandi uKhuzani, lokhu kuwubufakazi bokuthi uMasikandi usewumculo oqhakambile ezweni lonke usazinyakazisa izinkumbi njengoba kubonakala nasezinkundleni zokuxhumana indlela isasasa elingakhona impela kuminyene utshumo. Lolu hlobo lomculo luyadinga ukwesekwa lulondwe ngoba lungezinye zezinsika zesikompilo lethu, namuhla nje sesidume ngawo umculo uMaskandi nakubantu abangasikhulumi isiNguni.