Now Reading
AMakhosi azisiwe ngokuhoxiswa kukaNdunankulu
Dark Light

AMakhosi azisiwe ngokuhoxiswa kukaNdunankulu

Sinxusile ISILO ukuthi loludaba luphathwe ngesinono kuhlonishwe obenguNdunankulu, ihhovisi lakhe kanye neSihlalo

Kuvele ukuthi ISILO sibe nokucophelela okumangalisayo ekudluliseni isinqumo saso sokuhoxisa igama likaMfundisi uThulasizwe Buthelezi njengoNdunankulu waso noZulu.

ElaboHlanga lingaqinisekisa ukuthi yize incwadi yokuhoxisa igama likaButhelezi isayinwe mhla zingama-25 kuZibandlela ISILO sikhiphe igama lokuthi kungathiwa vu kuze kube uShenge useyitholile incwadi nokuwuphawu lokumhlonipha.

Lokhu kuqinisekiswe nanguloyo omele ISILO endlini yaMakhosi KwaZulu-Natal, uMntwana uSimphiwe. UMntwana wedlulise incwadi emaKhosini (ethintana noSihlalo) njengenqubo. Kule ncwadi uMntwana uthe:

“Ngokujutshwa yiSILO esaziyo sonke ukuthi uMkhosi uyasiphoqa ukuba sigweme imihlangano nezixuku, ngethula kini isitatimende seSILO esibhalwe ngomhla zingama-25 kuZibandlela 2024. Kungekudala lesi sitatimende sizodluliselwa kwabezindaba nasesizweni.

“Lesi sitatimende esibhalwe ngesilungu, sihumusheka ngokuthi Omdala ngezizathu athe uzozethula kwiNdlunkulu, aMakhosi nesizwe maduze, useyalihoxisa igama likaMfu uThulasizwe Buthelezi kwesobuNdunankulu,” kusho uMntwana.

See Also

Uqhubeke wathi: “Sinxusile ISILO ukuthi loludaba luphathwe ngesinono kuhlonishwe obenguNdunankulu, ihhovisi lakhe kanye neSihlalo. Njengenxenye yalenhlonipho oMdlala akhuluma ngayo loku kuxhumana nikuthola namuhla kusihlwa ngoba iMbube inqume ukuthi kungashiwo lutho engakanikwa esandleni uShenge osekwenzekile. Incwadi ithunyelwe kuye ngeBamba Bukhosi lakwaButhelezi uMnu uMpikayise Buthelezi. Nami qobo ngimthintile uShenge ngamazisa ngencwadi yeSILO,” kuphetha uMntwana.

Ngokuthola kwelaboHlanga inqubo yeNdlu yaMakhosi wukuthi uma sekwaziswe uSihlalo okuyiNkosi uShinga udaba lube selusatshalaliswa kuwo onke aMakhosi kweleNdlovukazi. Lokhu ngokusho koMntwana lokhu sekwenzekile ngakho belu ukuhlonipha iSihlalo nenqubo.

Scroll To Top