Now Reading
Kuphazamiseke imizamo ye-Ingonyama Holdings yokuthenga uHullet 
Dark Light

Kuphazamiseke imizamo ye-Ingonyama Holdings yokuthenga uHullet 

Imizamo yobukhosi bakwaZulu  yokuthenga inkampani kashukela esezinkingeni, iTongaat Hulett SA iphazamisekile okwesikhashana. Lokhu kulandela ukuqhubeka kukagingqigongqo mayelana nokuthengwa kwalenkampani.

Ngeledlule ElaboHlanga  libike ukuthi uhlaka lwe-Ingonyama Trust lokuhweba, iNgonyama Holdings ihlanganyela ne-RGS Holdings ukuthenga iTongaat-Hulett. iTongaat ifakwe ngaphansi kohlelo lotakulo ngekaMfumfu ngowezi-2022 emva kokuvela kokuthi ikweleta imali engaphezulu kwezigidigidi ezingama R7.5 kanti izikhulu eziphezulu zazisenge ezimithiyo ngesimo samabhuku.

Ukuvotela ukuthi yisiphi isicelo esamukelekile kwakufanele kwenzeke ngoLwesihlanu ziyi-8 kwephezulu. Kepha kwahlehlela uLwesine, zili-14 emva kokuthi iSouth African Sugar Association kanye neRCL engumnini weSelati, befake isivimbelo enkantolo. Bakhala ngokuthi izicelo ezikhona azicacisi ngokubhalwe phansi malunga nemali eyizigidigidi eziyi-R1 ekweletwa yiTongaat-Hulett. 

Izolo, zili-13 kuZibandlela uMehluleli Rashid Vahed unqume ukuthi ukuvota kwenzeka engakashayi umhla zili-11 kuMasingana ngowezi-2024. Ingonyama Holdings engabalingani be-RGS kulomzamo wokuthenga iTongaat-Hulett ayeneme ngalesisingqumo. Lenkampani ikhala ngokuthi babavezele ngokusobala abatakuli ukuthi bakulungele ukuthi kuyovota ngoba bakwazile beyinhlanganisela ukuchibiyela isicelo nesiphakamiso sabo ukuhambisana nezifiso zemboni yashukela. “Sikwazile futhi ukukhombisa ukuthi  iSASA nabanye ukuthi imali yokukhokha imali yemboni ikhona. Ukushesha kokuthi kuqedwe loludaba kusho ukuthi abachaphazelekayo bazosheshe bathole ukusizakala”, kusho okhulumela Ingonyama Holdings  uMnu Lucas Mkhwanazi. 

UMkhwanazi uqhube wathi babona ngathi ukulibala kwaloludaba kuvuna izimbangi zabo okuyi Vision Consortium eholwa nguMnu Robert Gumede waseMpumalanga. iRGS ikhala ngokuthi iVision yayinikwe kufikela kumhla ziyi-6 kuZibandlela ukufaka imali edingakalayo, okungenzekanga. Ngokwe RGS lokhu kwakufanele kube nomphumela womkhumulajezi kwezikaGumede.

See Also

“Asazi noma lokhu kungenxa yokubukelwa phansi kwenkampani emele uZulu. Sineminyaka sisho ukuthi okuhle okwenzeka eRoyal Bafokeng nathi singakufeza kwelikaMthaniya, kepha sihlekwa usulu. Lenkampani yakwaHulett isebenza emhlabeni wethu. Iningi lalabasebenzi abachaphazelekayo abayizinkulungwane ezingama-25 bayingabade yeNgonyama Trust. Umnotho wezindawo zasemakhaya uyaphazamiseka. Isicelo sethu ngukuthi umehluleli nabatakuli basinikeze ithuba lokudlala indima ohlelweni olungakehthi baweli”, kusho uMkhwanazi.

Inkampani kahulumeni exhasa amabhizinisi amakhulu, i-Industrial Development Corporation, imi ngelithi iyoboleka imali lowo odle umhlanganisio kwivoti. Amabhange yiwo akweletwa imali eningi ngakho anezwi elikhulu nxashana kuvotelwa izicelo zokuthenga iTongaat-Hulett.

Scroll To Top