Now Reading
Umqeqeshi welesizwe ufuna bezwane amandla ne-England
Dark Light

Umqeqeshi welesizwe ufuna bezwane amandla ne-England

Umqeqeshi weqembu lesizwe labesilisa lebhola lomnqakiswano uJabulane Vilane uyaziqhenya kakhulu ngeqembu lakhe eligile izimanga linqoba umqhudelwano waminyaka yonke i-African Netball Cup, obubanjelwe eNamibia.

Lo mqhudelwano waqala mhla ziyi-9 wasongwa mhla zili-14 kwephezulu, elakuleli kowamanqamu lehlule eSwatini ngamaphuzu angama-60 kwangama-39.

“Sijabule kakhulu ukunqoba lendebe yase-Africa, kwazise yithi ebesiyivikela njengoba nanyakenye sayinqoba eBotswana. Ngeke ngakufihla ukuthi yize sinqobile kodwa bezikhona izingqinamba ebesibhekene nazo. Sibonga kakhulu iNetball South Africa (NSA), ngokuthi isiseke ngoba mhlambe besizogcina singakwazanga ukuba yingxenye yalo mqhudelwano. Iqembu labesilisa alinabo abaxhasi esikwenzayo, sikwenza ngothando” kusho uVilane.

Lo mqeqeshi onamava ayisimanga uthathe izintambo zokuba umqeqeshi weqembu lesizwe labesilisa ngonyaka wezi-2022, kusukela afika elakuleli lenza kahle kakhulu.

“Nguyaziqhenya kakhulu ngempumelelo yeqembu njengoba selokhu ngaqala ukuqeqesha iqembu lesizwe ngkwezi-2022 ngisahlulwe kumdlalo owodwa, lapho sahlulwa khona iJamaica siyodlala imidlalo yamazwe eSaint Vincent, eMelika. Nakhona kuningi okwazuzwa abadlali ngabodwana okuyinto enhle, naseNamibia benze njalo. Konke lokhu kwenzeka nje ayikho iligi yabesilisa kazwelonke” kusho uVilane.

Kubadlali abahlomule ngemikomelo uLutendo Maiwashe weBest Shooter, uLwazi Nzama Best Center no-Eugene Sinxezi yena othole owePlayer of the Tournament.

UVilane ubalule ukuthi balindele i-England ukuba ibaphendule, ukuze bezokwazi ukuzwana nayo amandla, uma kuqala unyaka ozayo.

“Unyaka wezi-2024 ube impumelelo kumina ngoba ngikwazile ukunqoba imidlalo yamazwe, sisebenzisana nabadlali abahlukene. Sifuna lo mdlalo ukhule unyaka nonyaka ingakho sifuna ukubhekana ne-England”.

See Also

KumaKZN Sports Awards waqokwa kumunxu womqeqeshi ovelele kodwa wangawunqoba, wagcina unqotshwa uPrecious Mthembu.

Esonga utshele elaboHlanga ukuthi kuyamkhathaza ukubona abadlali abaningi baKwaZulu-Natal befudukela kwezinye izifundazwe.

“Izinga leNetball KwaZulu-Natal likhulile kakhulu ngokulekelelwa iKZN Netball kodwake yikho ukuthi abadlali bethu bayahamba beye kwezinye izifundazwe, ngenxa yokuthi amaNyuvesi alapha awubathathi ngohlelo lomfundaze. Kwezinye izifundazwe kakhulukazi eGoli bayathathwalwe, uma lungasebenza lapha loluhlelo kungasisiza kakhulu isifundazwe” kushk uVilane.

Scroll To Top