Ngaphandle kwezibukeli kuzolanjwa



UXimba uyintatheli yezemidlalo nezobuciko.
Yize kwabanye izindaba zokuthi sekuseMome ukuthi ibhola eNingizimu Afrika libuye enkundleni, kodwa iqiniso lisekuthini akubona bonke abantu abazokujabulela lokho.
Njengoba unobhutshuzwayo usufana nesikompilo emphakathini wakuleli, kuningi okuzuzwayo ngomdlalo owodwa nje ziqhathiwe.
Amaphanta aseqalile ukuhleka wodwa njengoba ezinye izinkampani seziqalile ukuvula ukubheja usekhaya.
Kodwa abantu ababukeka bezoshayeka kakhulu uma kuzodlalwa abalandeli bengekho ezinkundleni abahweba ngamabhizinisi ahlukene.
Umkhakha wokuvakasha usuqalile ukukhala kwananela izihosha njengoba kungekho bantu abazobhuka izindawo zokulala.
Kuvamise ukuthi kunyinyitheke emahhotela uma kunamaqembu anabalandeli abaningi abasuka ezindaweni ezikude. UMnu uNkanyiso Goba oneBnB eDurban North uthi bashayekile, hhayi ngebhola kuphela kepha ngokuphasiswa kukathaqa.
“Lezi zinyanga ezimbili zemvalelwakhaya (Lockdown) zifana neminyaka emibili umuntu eboshwe ngeketango. Ngiphoqelekile ukuthi ngikhulule abanye abasebenzi ngoba akukho muntu ongenayo kule ndawo yami,” kukhala uGoba.
Ngisho nomshayeli wetekisi imbala ovamise ukuthutha izindimbane zabalandeli ebaqondise enkundleni uzoshayeka. UMnu uMbhekiseni Nzama waseNanda uthi ubevamise ukuzenzela “igwinya” ngokulayisha abalandeli begatsha laseMachobeni beKaizer Chiefs ukuya eMoses Mabhida.
“Ngaphandle kwemali ebengiyenzela umqashi wami yokulayisha erenki, le midlalo emikhulukazi ibisiza kakhulu ekuqiniseni iphakethe ikakhulukazi njengoba besilayisha mhlawumbe kabili ebusuku ngoba basuke bebaningi abangenazo izimoto zabo,” kusho lo mshayeli.
UNkk Cebile Gwamanda waseMount Moria uthi uneminyaka edayisa ukudla ngaphandle kwenkundla eMabhida nasePrincess Magogo Stadium KwaMashu. Uvamise ukuthengisa ipapa, inyama nomenenayithi. “Isibulele le nto yokhuvethi. bheka nje mina mntanami angisebenzi ngiziphilela ngemali yesibonelelo sikaHulumeni. Bengazi kahle ukuthi enyangeni kukhona okuncane engikutholayo emdlalweni ekusuke kufike kuyo iPirates, iChiefs neSundowns. Le mali ibisiza ekondleni abantwana bami abane nabazukulu abathathu.”
Njengoba uhulumeni eshaye umthetho wokuthi abantu abangasondelani futhi akuphuzelwe utshwala ezindlini, nabamaTavern bakhala esifanayo.
UNks uNonzwakazi Bhojela osebenza ethilini e-Obsession Bar ekuWest Street eThekwini uthi ubebala aze akhathale izandla imali abebeyenza uma kubukwa ibhola kule ndawo.
“Izimpelasonto bezisihlekisa kahle ngoba bekugcwala abantu bebhola ebebethenga iziphuzo zabo bebe bezibukela amaqembu abo kumabonwakude. Manjena-ke kubi njengoba kungavunyiwe abantu bathenge bese bephuzela khona eTavern”.
Amanye amaqembu anjengeChiefs, AmaZulu neMaritzburg United avamise ukwenza imali ethe xaxa ngokugxumeka izitodlwana edayisa amajezi, izikhafu nezikibha zeqembu. Manje lokho angeke kwenzeke njengoba kungekho mlandeli ozolubhada enkundleni.
Nawo amaqembu imbala azoshayeka uma ezodlala ebukwa izihlwele.
Ukudlala ngaphandle kwabalandeli kuyinto esiqalile yenzeka kwamanye amaligi okubalwa neBundesliga.
Unobhutshuzwayo ngaphandle kwabalandeli uyinto engeyinhle ingakho uma abantu bezikhulumela bethi “Awukho umdlalo ongenabalandeli”.
Amaqembu asenkingeni kakhulu ilawa asezansi kusukela kwelisendaweni ye-13 okuyiBaroka FC kuze kube iBlack Leopards elele kweye-16.
Njengoba kusele imidlalo eyisi-6 lamaqembu angenxa amdinga kakhulu umdlali we-12 (Abalandeli), kakhulukazi uma edlala ekhaya ukuze ezokwazi ukuvika izembe.
IBlack Leopards enamaphuzu angama-20 emdlalweni emithathu izoyidlalela ekhaya neMaritzburg United, iSupersport United neBidvest Wits. Yize kuyimidlalo engelula neze kuyona cishe kukhona amaphuzu ebizowathola ilekelelwa abalandeli abayigcwalsa phama iThohoyandou Stadium.
AmaZulu FC agcina ehlule iChiefs emdlalweni wawo wokugcina uma kuthiwa abalandeli bebengena enkundleni abesethubeni elihle okusuka lapho ekhona njengoba esalelwe imidlalo emine ekhaya kweyisi-6.
Kule midlalo emine azobhekana neBaroka FC, iBloemfontein Celtics, iLeopards neHighlands Park.
Okuwubufakazi bokuthi umdlali we-12 udlala ingxenye enkulu kunoba iliphi iqembu, iMaritzburg United kule sizini ayikaze ihlulwe ekhaya uma idlala ngoLwesihlanu eHarry Gwala Stadium. Kuyona yonke imidlalo yeTeam of Choice (iMaritburg United) kusuke kugcwele phama.
Emdlalweni esele khona oweChiefs neMamelodi Sundowns, lowo umdlalo ofana nowamanqamu ukungabi bikho kwabalandeli uzofana nomdlalo wobungani. Baningi abantu akade bezozuza ngalo mdlalo, sibala abazindawo zokulala, osomatekisi.
UMnuz Cebo Ntuli waKwaMashu uthi yena ufe olwembiza njengoba ebona ukuthi uma kuthiwa kubuyelwa enkundleni ngeke mavumeleke abalandeli.
“Yize ngingumlandela wePirates kodwa imidlalo yoSuthu uma ludlala ekhaya akwenzeki ingiphuthe ngoba ngiwathanda ngenhliziyo yami yonke. Ngikhumbula kahle emdlaweni ayezowudlala ayezotholana phezulu neBaroka FC, ithikithi ngase ngilithengile. Lesi isikhathi lapho Usuthu abesidinga khona singabalandeli njengoba esendaweni engeyinhle kulogi,” kusho uNtuli.