Uzigqaja ngesu elavundla esiswini sakhe eliyibamba esiswini seBafana
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
USphephelo “Yaya” Sithole ungomunye wabadlali abalime enkulu indima ekutheni iBafana Bafana igcine ifinyelela kowandulela owamanqamu ku-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubekayo e-Ivory Coast.
Ekuqaleni kwalo mqhudelwano baningi akade bemungabaza kodwa ngasekuqhubekeni kwawo, utshengisile ukuthi kungani ebizwe kwelesizwe. Ukubambisana kwakhe noTeboho Mokoena kanye noThemba “Mshishi” Zwane, kwenze isisu seBafana Bafana saqina kakhulu.
Njalo emva komdlalo weBafana Bafana bekuba khona ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana, abantu bemncoma uSithole oneminyaka yobudala engama-24.
ElaboHlanga libe selithinta unina uNtombifuthi “Nkosazana Mkhize” Mkhize, ukuzwa ukuthi kuthini ukubona indodana yakhe yenza ezibukwayo kanje e-Ivory Coast.
“Kungijabulise kakhulu ukubona indodana yami idlala kahle, ingenzeli mina nomndeni kodwa yenzela iNingizimu Afrika. Lokhu akwenzayo ngikuthatha njengokuthi ukhuthaza intsha esemva kwakhe, ukuthi akubalulekile ukuthi uqhamukaphi inqobo nje ukuzimisela nokuhlonipha” kusho uNtombifuthi.
USithole wasoLundi, kwaQhubede isigodi uyidlale yonke imidlalo yeBafana Bafana. Igama elithi “Yaya” liqhamuka esihlabanini somdlali wase-Ivory Coast uYaya Toure, ngoba ucishe adlalise kwakhe.
Eqhuba uNtombifuthi uthe: “Kungithokozise uma ngizwa abantu abanjengoJomo Sono, uDoctor Khumalo noSteve Komphela bemncoma. Yonke indawo lapho engihamba khona abantu bayangivimba bengitshengisa ukuthi kuthiwani ngaye uSphephelo. Ngiyaziqhenya kakhulu ngoba kusukela emncane bengimseka ngakho konke. Ikhono lakhe lavela emncane. Ngingasho kugcwale umlomo ukuthi ufuze komalume bakhe kwaMkhize, omalume bakhe balidlalile kakhulu ibhola yize bagcine bengaphumelelanga. Okungithokozise kakhulu ukubona abantu basendaweni beziqhenya ngendodana yabo. Kunobaba ekuthiwa uMthombeni oze kimi wathi kuyamjabulisa ukubona ephumelela uSphe ngoba wayethi njalo mayemthuma engabuyi ngesikhathi azidlalele ibhola endleleni” kubeka uNtombifuthi onguthisha kwaMame Full Service School.
Naye unina kaSphephelo uthi ngezikhathi zakhe wayezibandakanya nezemidlalo edlala iBasketball kanye neNetball.
“Yazi uSphephelo yena noMokoena ngendlela abambisene ngayo ngathi bavundle esiswini esisodwa. Ngifisela bonke abadlali beBafana Bafana ikakhulukazi labo abancane engathi bengathola amadlelo aluhlaza. Badlale kahle kakhulu abafana, ukubalwa namaqembu amane asele emqhudelwaneni akuyona into encane. Ngiyabonga kakhulu kubantu abalule isandla ekutheni uSphephelo abe lapho ekhona namhlanje” kusonga uNtombifuthi othe ufisa ukumbona uSphephelo edlala koweNdebe YoMhlaba.
Ubani uSphephelo Sithole:
Uzalwe nini:
-Wazalwa mhla zintathu kuNdasa ngowe-1999.
Izikole afunde kuzona:
-Buhlebenkosi Pre-Primary School (Olundi)
-Mbhasobheni Primary School (Olundi)
-Prince Dabulamanzi Primary School (Olundi)
-Nsikayendlu High School (Olundi)
-Umqhele Public Secondary School
Amaqembu adlale kuwona:
- 2016-2017 KZN Academy
- 2017-2018 Sporting U/19
- 2018-2019 Vitoria Setubal
- 2019-2023 Belenenses SAD
- 2023- Club Desportivo de Tondela