Now Reading
​​I-SACP isamile odabeni lweDA kuhulumeni wobambiswano
Dark Light

​​I-SACP isamile odabeni lweDA kuhulumeni wobambiswano

ISouth African Communist Party (SACP) isiphinde yagcizelela ukungahambisani nokufakwa kweDemocratic Allaince (DA) kuhulumeni wobumbano (GNU) oholwa wuKhongolose. Ukugxeka ukufakwa kweDA kuhulumeni esidlangalaleni kwaphoqa lamadlelandawonye (uKhongolose neSACP ) abambe umhlangano ophuthumayo.

Iqembu belikhuluma nabezindaba eceleni komhlangano walo obalulekile obuhanjelwe uMengameli uCyril Ramaphosa nephini lakhe, uMnu uPaul Mashatile, kanye nethimba leSACP eliholwa nguNobhala Jikelele walo uMnu uSolly Mapaila, noSihlalo wakhe uDkt uBlade Nzimande.

Okhulumela iSACP  u-Alex Mashilo uthe bona abahlanganise lutho ne-DA.

See Also

“Ngesikhathi siyokhankasela i-ANC ngokhetho lwangoNhlaba, sasigxeka i-DA. Sangena umuzi nomuzi, isigodi nesigodi singena emalokishini, sixoxisana nabasebenzi basemafemini, sasigxeka iDA. I-DA ngaleso sikhathi yayikhankasela ukususa i-ANC embusweni, sisamile lapho esasikhona. Namanje kusenjalo ngakho sisakugxeka ukuba yingxenye yahulumeni kweDA. Ngizokwenza izibonelo ezimbalwa, sakhankasela i-NHI, i-DA yaphikisana nayo, basasiphikisana nangayo kumanje, asikuthandi lokho,” kusho uMashilo.

Scroll To Top