Now Reading
UMkhize emizamweni yokukhonga isibili kuNFP
Dark Light

UMkhize emizamweni yokukhonga isibili kuNFP

UKhongolose uzama ukuvuselela lapho kwabhidlika khona ukuze kwehle ingcindezi

ISIZULU sithi inyoni yakhela ngezinsiba zenye.  Kanti futhi sibuye sithi isihlahla kasinyelwa. Zombili lezi zinkulumo ziyasebenza kakhulu nakupolitiki lapho sibona amaqembu ephoqeleka ukuba asebenze noma athathe imicabango kanjalo neziphakamiso zamanye ukuze akhele kuzo. Futhi siyabona amaqembu lawa egwema ukugxibhana ngokweqile ngoba phela azi ukuthi ngelinye ilanga ayodingana.

OZul’azayithole sebengakuqinisekisa ukuthi amaqembu asohlwini okhethweni oluzayo aseqalile ukuzisondeza kuNFP njengeqembu kanjalo nakumalungu ayo. Lokhu kuzisondeza kuhlanganisa izinkulumo ‘zokuyeseka’ iNFP ezinkingeni ebhekene nazo nokuyikhapha nxa isiya eNkantolo Yokhetho njengoba isibuyekeze isicelo sayo sokuba ihawukelwe ivunyelwe ukuba ingenele ukhetho. I-EFF yaba ngabokuqala ukukhalisana nokweseka iNFP.  Yalandela neCongress of the People. Kanti ngakolunye uhlangothi abahlobo beNFP abadala nokho ubuhlobo babo obukhungethwe yizinkinga nabo sebeqala ukusondela.

IBAYEDE ithole ngemithombo ekuzona zombili lezi zinhlangano ukuthi uKhongolose onengcindezi emangalisayo usuqalile nawo ukusondela. Kulokhu uthumele umkhongi omdala nokunguye owabe ehlanganise la maqembu nasekuqaleni uDkt uZweli Mkhize.  Lapha inhloso wukuthi kusuka manje kuze kube kuyavotwa kube sobala ukuthi i-ANC ayiqhelile kuNFP.  Ngokuthola kweBAYEDE njengoba yenzile iNkatha ne-EFF, i-ANC ingase ibe yizimpelesi uma iNFP iqoma ukuya eNkantolo.

La maqembu angaba ‘ngabangani benkantolo’ nokuyoshiya abe-IFP bodwa. Phakathi kwabaholi abamqoka nesebelisango kuNFP njengoba ubuholi bukazwelonke busezinkingeni nguMnu uVikizitha Mlotshwa onguSihlalo weNFP KwaZulu-Natal. UMlotshwa ungomunye walabo okwabe kuthiwa wayeshaya amakhala ngobudlelwano be-ANC neNFP okwabe kuthungwe nguDkt uMkhize kanye noNkk uZanele Magwaza-Msibi.

See Also

Akuqondakali ukuthi ngabe lezi zinhlangano emizamweni yazo yokuzisondeza zizongena ephaketheni yini zikhokhele abameli, nokho iBAYEDE ithole ukuthi kubo kukhona ukukhathazeka ukuthi ukungahleleki kwezinto kuNFP kungenza sibe sincane isikhathi sokwenza izethulo ezizwakalayo eNkantolo yikho nje kubo kunomuzwa wokuthi mhlawumbe kumele yelekelelwe nangamaqhinga kanjalo nabameli abakhaliphile. Leli phephandaba linalo uhlu lwabameli abasha abangase basetshenziswe kulokhu.

Scroll To Top