Now Reading
Ingwazi ibona kufanele abadlali bakuleli balwele ukudlala phesheya
Dark Light

Ingwazi ibona kufanele abadlali bakuleli balwele ukudlala phesheya

Usephonsele inselelo abadlali abagijima kuDSTV Premiership ukuthi balwele ukuyodlala phesheya kwezilwandle owayengukaputeni weBafana Bafana, uSibusiso “Rhee” Zuma.

IBafana isanda kuthelwa ngehlazo lamagoli ama-5/0  yiFrance emdlalweni wesihle obuseLille ngeviki eledlule.

Igebe phakathi kweBafana nompetha bomhlaba lihlale obala kuhle kwezinqe zesele.

UZuma utshele elaboHlanga ngeqhinga elingasiza iBafana ekutheni ivale igebe phakathi kwayo namazwe ahamba phambili emhlabeni.

“IsiZulu sithi indlela ibuzwa kwabaphambili. Ngesikhathi sifika kuBafana besibukela kubadlali abebe ngaphambi kwethu. Besibophele oLucas Radebe noPhil Masinga ebebegijima kuLeeds, e-England, uShoes Moshoeu obeyibamba kuFernabanche eTurkey, uHelman Mkhalela naye obedlala eTurkey noDavid Nyathi obese-Italy. Sonke besifuna ukulandela ezinyathelweni zalaba badlali ngokuthi nathi sidlale kumaligi ahamba phambili emhlabeni,” kubeka uZuma.

IBafana isanda kuphuthwa yithuba lokuyodlala kweyeNdebe YoMhlaba eseQatar. Muva nje ibingabonwa nangokhalo ku-Africa Cup of Nations (Afcon) ebiseCameroon.

IBafana selokhu yagcina ukuzibekisela indawo ku-Afcon ngowezi-2002 .

Elakuleli lidlale kweyeNdebe YoMhlaba eMzansi ngenxa yokuthi belingosokhaya. “Ngicabanga ukuthi yingakho iBafana ibiwathwalisa kanzima amaqembu esizwe ahlonishwayo futhi abebophele izihlabani zabadlali. Ukubhekana nala badlali bekungabathusi. Bebejwayele ukudlala nabo ku-Uefa Champions League noma emidlalweni yeligi. Abanye bethu besidlala nabo,” kusho uZuma.

Eminyakeni eyedlule uZuma uke wahlonishwa ngesichuse eqenjini ayedlala kulona iCopenhagen ebalwa nezikhondlakhondla zamaqembu eDenmark. Kuleli qembu wadlala amasizini amahlanu ngaphambi kokuthi ajoyine i-Arminia Belefeld yaseGermany.

“Mina nje ngiqala ukudlala kwelesizwe iningi labadlali abadala lakubeka kwacaca ukuthi kumele ngisebenzele ukuyodlala phesheya kwezilwandle. Babekuqonda kahle ubumqoka bokuthi siyodlala kumaligi ahlonishwayo phesheya. Nangempela iningi lethu ligcine lidlala phesheya. Kithina bekukhona mina, uSiyabonga Nomvethe, uDerlon Buckley, uSteven Pienaar, uQuinton Fortune, u-Aaron Mokoena, uMatthew Booth, uMacbeth Sibaya, uShaun Bartlett, uBradley Carnell noMark Fish. Ngaleso sikhathi iqembu lesizwe belikwazi ukudlala emiqhudelwaneni emikhulu kalula. Manje asinabo abadlali abaningi abagijima kumaligi amakhulu emhlabeni. Yingakho abadlali bethu besajabulela ukuthatha izithombe nokushintshana ngamajezi,” kuchaza uZuma.

Njengamanje iBafana ayinaye umdlali ogijima kumaligi amathathu ahamba phambili emhlabeni.

See Also

“Asidingi nje abadlali abaqala imidlalo ukuthi kube yibona abadlala phesheya kwezilwandle kodwa nebhentshi lethu kumele lakhiwe ngabadlali abasuka phesheya kwezilwandle,” kubeka uZuma.

Ekuqaleni kwesizini uPercy Tau ushiye iBrighton Hove Albion wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt kwathi uKeagan Dolly wahlukana neMontpellier yaseFrance wajoyina iKaizer Chiefs.

“Ngaso sonke isikhathi sishumayela ivangeli elilodwa kodwa akekho olilalelayo. Nakhona uma uphesheya kumele ulwele ukudlala wonke amasonto. Yingakho thina sihlale isikhathi eside ngoba besidlala phesheya kwezilwandle. Uma udlala njalo phesheya angeke usibone isidingo sokukhumbula noma sokubuyela ekhaya.” kuqhuba uZuma.

Phakathi kwabadlali beBafana abagijima emazweni aphesheya esikwatini esimuhluzwe yiFrance kukhona uLyle Foster ogijima eBelgium noBongokuhle Hlongwane odlala e-USA. UFagrie Lakay use-Egypt njengoba enye ingxenye yesikwati idlala kuDSTV Premiership.

“Kuyajabulisa ukubona iMamelodi Sundowns yenza kahle emiqhudelwaneni emikhulu yase-Afrika. Ngifisa sengathi singabona namanye amaqembu esika iphethini kuSundowns. Uma singaba namaqembu amaningi enza kahle emiqhudelwaneni yeCaf bese abanye basayine emaqenjini aphesheya, iBafana izobuyela ezingeni layo. Nombango ekhaya kumele unyuke. Asikwazi ukuba neqembu elilodwa elenza kahle minyaka yonke. Uma iChiefs ne-Orlando Pirates bengavuka neSundowns iqhubeke ezingeni elifanayo, neBafana izokhula. Bekunjalo thina sisadlala.” kuphetha uZuma.

Scroll To Top