Now Reading
Izembe liloliwe kuPSL, umlomo ukhamisile kuGladAfrica
Dark Light

Izembe liloliwe kuPSL, umlomo ukhamisile kuGladAfrica

Kunzima ukuqagela ukuthi iliphi iqembu okungenzeka lidliwe izembe ku-Absa Premiership njengoba kusawuginqigonqo nje.

Amaqembu abhekene naleyo ngozi yokudliwa izembe iPolokwane City, AmaZulu FC, iBaroka FC neBlack Leopards.

Wonke la maqembu njengoba edlala kule mpelasonto azobe elwela ukufa nokuphila, ukuze ezothola amaphuzu amathathu ukuze ezozibeka endaweni engcno kulogi.

Kodwa indlela imidlalo ehlelwe ngayo kubukeka kuzoba likhuni satshe ukuba amanye ala maqembu athole amaphuzu amathathu, iBaroka izobhekana neMamelodi Sundowns esembangweni weligi bese iPolokwane City ibhekana neBloemfontein Celtic eyenza kahle muva nje.

Umdlalo okuyiwo okulindeleke ukuthi kuguge utshani kuwona ophakathi kwa-AmaZulu FC neBlack Leopards. La maqembu azobe engabhekile ukuthi alwele amanye amaqembu kuzomele azilwele wona ukuze athole amaphuzu amathathu.

Lo mdlalo we-Absa Premiership uzobanjelwa eLucas Moripe Stadium, ePitoli ligamenxe elesi-3 ntambama. Le nkundla njengoba wonke amaqembu edlalela eGoli, ilikhaya la-AmaZulu FC (Usuthu). Usuthu luya kulo mdlalo lusendaweni ye-15 kulogi emdlalweni engama-27 lunamaphuzu angama-25, iBlack Leopards (iLidoda Duvha) yona isendaweni ya-13 emdlalweni elinganayo ngamaphuzu angama-26.

 Emdlalweni wokuqala la maqembu etholene phezulu kowawubanjelwe eThohoyandou Stadium, eLimpompo  alikho elafuna ukugoba uphondo njengoba umdlalo waphela zibambene ngeqanda nhlangothi zombili.

Usuthu oluqeqeshwa u-Ayanda “Cobra” Dlamini luya kulo mdlalo ludlale ngokulingana neCeltic emdlalweni obungoMsombuluko ngamagoli amabili nhlangothi zombili. Belikhombisa ukuthi lifuna nakanjani ukuwunqoba lowo mdlalo njengoba lihambe phambili kabili kodwa lahluleka ukuvala emumva nokuyinto ekhalise uDlamini.

“Besinawo amaqhinga okunqoba emdlalweni weCeltic, asebenzile kakhulu. Sikwaze ukuhamba phambili kabili, kodwa sahluleka ukuvikela amagoli ethu. Amagoli asingenelile angeneme neze ngawo, ngokwami bekumele senze kangcono. Konke lokho kudlulile sisalelwe imidlalo emithathu emiqoka, okumele kube ukuthi asiwenzi amaphutha azosenza silahlekelwe amaphuzu,” kusho uDlamini.

Emva kwalo mdlalo uSuthu luzosalelwa ukuba lubhekane neStellenboch kanye neHighlands Park, le midlalo engelula neze njengoba la maqembu asembangweni wokungena emaqenjini ayisi-8 aphezulu kulogi.

See Also

ILidoda Dhuva abadlali bayo ngeke neze ukuba baphunyulwe ilo mdlalo njengoba kwenzekile ngoLwesibili ibhekene neSuperSport United lapho ingenelwe igoli seliyoshona ilanga, yaguqa ngalo eqandeni.

Abadlali baleli qembu laseLimpompo kule midlalo esele bathenjiswe amabhonasi ezinkulunganwane ezili-R10 uma benqoba umdlalo. Lokho kwenzelwa ukuthi basindise leli qembu eselike ladliwa izembe izikhathi eziningi.

Emva kwalo mdlalo kubukeka iLidoda Dhuva izobhekana nomqansa njengoba izolandela ngeBidvest Wits bese isonga isizini neSundowns.

IBaroka FC ehlezi endaweni ye-14 emdlalweni yayo esele izodlala neSundowns, iSuperSport United bese isonga iligi neKaizer Chiefs. Kuthi iqembu elisemsileni iPolokwane City yona isalelwe iCeltic, iSundowns bese ivala neBidvest Wits.

Scroll To Top