Kungenise imbokodo ku-Afcon eqhubeka kwelase-Ivory Coast.
Njengamanje imidlalo ye-Afcon isingene esigabeni somkhumulajezi. Intokazi yaseNingizimu Afrika, u-Amanda Dlamini izifake emabhukwini omlando e-Afcon.
UDlamini owayengukaputeni weBanyana Banyana ube ngowokuqala wesifazane ukusakaza i-Afcon bukhoma.
Le ntokazi edabuka eHarding esifundazweni saKwaZulu-Natal (KZN) iyingxenye yabasakazi abethula i-Afcon kumabonakude.
Selokhu lo mqhudelwano wasungulwa ngowezi-1957 kuyaqala ukuthi kubenowesifazane oyingxenye yethimba.
Umdlalo wakhe wokuqala esakaza ku-Afcon ubuphakathi kweMorocco neTanzania kweyamaqoqo eStade de San Pedro.
Exoxa nabeCafonline, uDlamini uveze ukuthi ngeke aphinde awukhohlwe lomlando awuqophe kwelase-Ivory Coast.
“Bengazi ukuthi ukusakaza imidlalo ye-Afcon kwabesilisa usuku olukhulu kunazo zonke izinsuku esengake ngaba nazo empilweni. Ngesikhathi ngithola izindaba zokuthi ngizosakaza ku-Caf ngangingakholwa futhi ngichichima yinjabulo kodwa kwakumele ngehlise umoya. Ngangingafuni le mpumelelo ingingene ekhanda ngoba ngangijabule kakhulu,” kubeka uDlamini.
UToki okuyigama ateketiswa ngalo uvele usephenduke inkunzi yomhlaziyi webhola kwaSuperSport. Uhlaziya imidlalo yeDSTV Premiership neyeqembu lesizwe.
“Ngiyethemba ukuthi lomlando uzovulela abanye abantu besifazane amathuba angcono baphinde bazethembe bakholelwa emakhonweni aba neziphiwo abazinikwe nguMdali,” kuqhuba yena.
UDlamini ubalwa nabadlali abadlale imidlalo engaphezu kweyikhulu kuBanyana.
“Bengixoxa nozakwethu ngibalandisa ngokuthi abazali bami babehla benyuka beyogcwalisa i-battery yemoto ukuze sizokwazi ukubuka iBafana ngowe-1996. Ngikhumbula nje isigameko lapho umama waze washisa khona uphuthu ngenxa yokuhlabahlosa komdlalo wamanqamu weBafana (neTunisia) we-Afcon ngowezi-1996. Ngikhumbula nobaba engiphosa phezulu ngemuva komdlalo.” kulandisa uDlamini.
Le ntokazi yaseHarding akuyona kuphela eyenza izimanga ku-Afcon. Kukhona nomthwebuli wabesifazane omncane kunabobonke ukuthatha izithombe ku-Afcon. Igama lakhe nguSarjo Baldeh.
Le ntokazi engasibheki isithombe ineminyaka engu-21. Isasenyuvesi lapho yenza khona izifundo ze-Sport Photographer and PhotoJournalism.
“Uthando nelukuluku lwethula ezemidlalo ezicashile yilona olungenze ngangena kulo mkhakha. Okwesibili yinhloniphp enginayo nhalo mkhakha nentshisekelo yokufunda yikona okwethu ngithande umsebenzi wami,” kusho uBaldeh uthando lwakhe lokushutha oluqale eneminyaka eyishumi nanhlanu ngesikhathi exoxa ne-Alkamba Times.
UBaldhe udabuka ezweni laseGambia okuyilapho esezakhele igama ngokuba yinkunzi yomthebuli.
“Kimina ukuthatha izithombe kuyisiphiwo. Yinto esondelene kakhulu nenhliziyo yami. Ngiqale ukuthatha izithombe ngisafuna isikole. Iphupho lami elikhulu wukuvula indawo yami yokuthatha izithombe ngiphinde ngikhule nenqwaba yabesifazans esifisa ukungena kulo mkhakha,” kuchaza lentokazi.
Enye intokazi ethathe emehlo abantu kule-Afcon nguBouchra Karboubi ongunompempe odabuka kwelaseMorocco.
Nguyena kuphela unompempe wesifazane oyingxenye yalo mqhudelwano. Udlalise umdlalo wakhe wokuqala ngesikhathi iNigeria ibhekene neGuinea Bissau.
Le ntokazi eneminyaka engu-36 itshele iDW ukuthi iyaziqhenya ngokuzifaka emlandweni.
“Ngiyaziqhenya ngami. Kufezeke iphupho lami. Ngesikhathi ngisaqala ukudlalisa eminyakeni eyedlule angikaze ngizitshele ukuthi ngingazuza into efana nale. Nokho ngisebenze kanzima. Ngimi lapha nje ngijabule,” kuchaza uKarboubi.
Ngowezi-2018 kulapho ezakhele khona igama ku-Afcon yabesifazane kwelaseGhana. Uqophe umlando ngowezi-2020 ebangowsifazane wokuqala eMorocco ukudlala kowamanqamu wabesilisa eligini yaseMorocco emdlalweni owawuphakathi kwe-Al Fars ne-Atletico de Tetouan. Ngokokusebenza uKarboubi uyiphoyisa.
“Iphupho lami elikhulu sekuwukudlalisa eNdebeni yoMhlaba yabesilisa manje.” kuphetha uKarboubi obeyingxenye yonompempe abebedlalisa eNdebeni yoMhlaba yabesifazane kwelase-Australia naseNew Zealand ngonyaka odlule.