Akanikwe ithuba uBroos kuBafana impumelelo ithatha isikhathi: Clive Barker


Umakadebona womqeqeshi uClive “The Dog” Barker usenxuse abaphathi beSouth African Football Asssociation (Safa) ukuthi banike abaqeqeshi beqembu lesizwe isikhathi esanele ukwakha isikwati esizobuyisa izinsuku zenjabulo eNingizimu Afrika.
UBarker nguyena kuphela umqeqeshi osake wanqobela iBafana isicoco. Ngowe-1996, uBarker wasiza iBafana yakhala yemuka nesicoco se-Afcon.
Kusukela lapho, iBafana ayikaze iphinde ihlabane ngalesi sicoco. Ngowe-1998, yadliwa i-Egypt kowamanqamu eBurkina Faso.
UBarker akagcinanga nje ngokudla ubhedu ku-Afcon kodwa waphinde waqopha umlando efaka iBafana okokuqala kweyeNdebe YoMhlaba eyayiseFrance ngowe-1998.
Exoxa nelaboHlanga udalule ukuthi uHugo Broos akanikwe isikhathi. “Ukwakha iqembu kuthatha isikhathi. Ngesikhathi siqala iBafana akuzange kube lula. Sasishaywa ngamazwe ahlukene ngama-4/0. Saze saqanjwa igama kuthiwa singama-4×4. Ngowe-1994, asikwazanga ukuzibekisela indawo ku-Afcon naseNdebeni YoMhlaba. Okuhle wukuthi iSafa yanginika isikhathi. Kwasithatha iminyaka emine ukwakha iqembu eladla ubhedu ngowe-1996 lase lisitholela nethikithi lokuyodlala kweyeNdebe YoMhlaba. Impumelelo ithatha isikhathi. Yingakho noBroos kumele anikwe isikhathi sokwakha iqembu elizoba yinkinga eminyakeni ezayo,” kuchaza uBarker.
IBafana iqhathwe neMorocco, iLiberia neZimbabwe kweyokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-Afcon ezoba se-Ivory Coast ngonyaka ozayo.
Amazwe amabili azoqeda phezulu yiwona azozibekisela indawo e-Ivory Coast. “Into engiyithanda ngoBroos wukuthi iqembu lakhe alishintshashintshi kakhulu kanti neminyaka yabadlali ababizayo ikhomba ukuthi iBafana inekusasa elihle. Babenebhadi kweyokuhlungela iNdebe YoMhlaba. Leli qembu akusamele lihlakazwe. Kuhle ukuthi lidlala namazwe ahloniphekile njengeFrance. Siyadinga ukubhekana namazwe ahlonishwayo emhlabeni nase-Afrika. Nathi sadlala namazwe afana noBrazil, iGermany, iZambia noNigeria wonke ayeshisa ngalezo zikhathi. Kweminye yale midlalo sashaywa ngembudlu yamagoli. Konke lokhu kwaliqinisa iqembu. Ngemuva kweminyaka emine sibumba sagcina siphumelele,” kubeka uBarker.
IBafana ibingabonwa nangokhalo ku-Afcon eCameroon ekuqaleni konyaka. NaseQatar angeke ibe yingxenye yeNdebe YoMhlaba. Selokhu yagcina ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba emidlalweni yokuhlunga ngowezi-2002 eJapan/Korea.