Now Reading
UMokwena ubalisa ngezingwazi eziboshelwe zizacile kwelesizwe
Dark Light

UMokwena ubalisa ngezingwazi eziboshelwe zizacile kwelesizwe

Ukhathazekile umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena ngezethenjwa zakhe ezibizwe kuBafana Bafana zilimele.

Lo mqeqeshi udalule lezi zindaba ngemuva komdlalo wezakhe weNedbank Cup neMaritzburg United izolo ebusuku eLucas Moripe Stadium.

IBrazilians iguqise iTeam of Choice ngama-2/0 wamagoli kaThembinkosi Lorch. Ngemuva komdlalo uMokwena utshele abezindaba ngokuthi ukhathazekile ngokubizwa kukaRonwen Williams noTeboho Mokoena bengaphilile.

“Kunzima ukuphendula umbuzo ngabadlali bethu ababizelwe kuBafana. URonza udonsa kanzima ngenxa yehlombe. Uma sibuya ekhefini lemidlalo yeFifa sinomdlalo onzima weQuarter Final yeCaf Champions League neYoung Africans yaseTanzania. UTebza yena unenkinga yedolo elimthwalise kanzima. Leli dolo selimnike inkinga kusukela abuya ku-Afcon. URonza uhlushwa yihlombe kusukela abuya ku-Afcon. UMothobi naye ubelimele usanda kubuya. Naye wathinteka ku-Afcon. USailor, uKhuliso Mudau, naye usanda kululama ngemuva kokuthinteka ku-Afcon kodwa uMaseko usalimele. Ngizama ukusebenzela iSundowns nokuvikela abadlali bethu ngazo zonke izindlela esingazisebenzisa ukubavikela,” kuchaza uMokwena.

Izolo ntambama iBafana ibhekise amabombo e-Algeria lapho iyodlala khona iFifa International Friendlies. Izobhekana ne-Andorra ne-Algeria.

“Namhlanje (ngeSonto) sibaphumuzile ngoba sifuna ukwehlisa umthwalo wemidlalo eminingi emahlombe abo. Ukuhlala bengadlali umdlalo owodwa kuzokwenza umehluko nokuthi bafike kuChampions League beyimiqemane. Akukho lula ngoba ekugcineni sisahlalelwe yijoka lokunqoba imidlalo bengekho. Awukwazi ukubeka izaba ngemuva kwemidlalo uthi u-Aubrey Modiba, uRonza, uTebza noMshishi (uThemba Zwane) bebengekho. Sonke siyazi laba badlali bamqoka kangakanani kithina. Namuhla besingenayo uLucas Ribeiro. Okuhle wukuthi wonke umuntu uphokophele ekulweleni ijezi lakhe. Noma kungabani ufuna ukwenza umehluko empumelelweni yeqembu. Ngiyaziqhenya ngabadlali abathole ithuba namuhla (ngeSonto). Okumqoka manje wukuthi sizithobe bese siqhubeka nokunqoba imidlalo,” kuqhuba uMokwena.

See Also

Abadlali beSundowns babambe elikhulu iqhaza iBafana ibuya nendondo yethusi ku-Afcon ngenyanga edlule.

“Abadlali ababizwe kuBafana bebephunyuziwe ngoba banemihuzuko. Ngabe ukulimala kwabo kubi ngaleyo ndlela ukuthi kuzokwenza ukuthi bahoxe kuBafana? Nami angazi. Njengeqembu sihlale sileseka iqembu lesizwe futhi ngeke siyeke ukufaka isandla kunoma yini eyenziwa yiqembu lesizwe. Uma kwenzeka ngingathanda ukubona uMshishi naye ephunyuzwa. Ngiyazi umlenze wokuqala weQuarter Final yeChampions League ngeke akwazi ukuwudlala ngoba udonsa isigwebo samakhadi. UMshishi umqoka eqenjini. Ngeke umthole omunye uMshishi. Yebo, asikho isikhala somuntu esingavaleki kodwa ngabe asibenzi ubulungiswa uma sithi sizophuma inqina siyofuna omunye uMshishi. Sizobe singabenzi ubulungiswa kuMshishi nakulowo mdlali esithi sizovala ngaye isikhala sakhe.” kusho uMokwena.

Scroll To Top