Isamukele ngenjabulo isipho sikayise iChiefs


Yize iKaizer Chiefs izitholile izipho zokuthi ibigubha iminyaka engama-50 ngeledlule, kodwa esikhulu kakhulu ilesi esithole ngoLwesithathu kusihlwa. Isipho esikhulu isithole ezimbangini zayo ezinkulu i-Orlando Pirates, ngokuthi iguqise iMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiership.
Ukuguqa kweSundowns kusho ukuthi iChiefs isalivulile igebe lamaphuzu ayisi-9 esicongweni, iPirates inqobe ngegoli elilodwa elivalelwe phakathi uGabaldinho Mhango.
Yize le miphumela ibajabulisile abalandeli beChiefs kodwa ukhalo lubukeka luselude, njengoba kusasele imidlalo eli-13, kwamanye kusele eli-12 ngaphambi kokuthi kuphele iligi.
Elinye iqembu elingafaka incindezi kuChiefs esicongweni yiBidvest Wits, ngoLwesithathu abalandeli baMakhosi bebefisa ukuthi idliwe ngesikhathi kade ibhekene neBloemfontein Celtics kodwa yanqoba ngamagoli amathathu kwamabili.
IWits ngenxa yemidlalo yeCAF Confederation Cup inemidlalo eli-14 inamaphuzu angama-30, iChiefs isidlale imidlalo eli-17 inamaphuzu angama-41.
Kule mpelasonto umshikashika wokulwela izigidi ezili-R15 okuyimali ezothathwa iqembu elinqobe iligi uyaqhubeka, kunemidlalo ehlabahlosile kakhulu. Umdlalo ozovula ozokuba namuhla kusihlwa lapho kuzotholana phezulu omkhaya baKwaZulu-Natal iMaritzburg United na-AmaZulu FC.
Amakhosi alokhu enqoba ngamagoli amathathu kulezi zinsuku azotholana neBlack Leopards, kusasa emdlalweni ozobanjelwa eThohoyandou Stadium, eLimpompo. IPirates yona khona kusasa izovovana inkani neHighlands Park.
IChiefs emva komdlalo wayo uma kakhulukazi uma inqoba izobe isimincela ukuthi iCape Town City ihlule iBidvest Wits khona kusasa kusihlwa.
Kuzothi uma beqeda baphinde bemincele iSundowns ukuthi iphinde iqhuzuke ngeSonto bese ibhekene nomkhaya bayo iSupersport United.
Lo mdlalo unzima kakhulu njengoba iSupersport United isenalo ithemba lokuthi iligi isangayinqoba, isendaweni yesithathu kulogi ngamaphuzu angama-31.
IChiefs kuwona wonke la maqembu asembangweni wesicoco seligi kubukeka kuyiyo esenkingeni kwazise isahlalelwe ukuthi ibhekane neBidvest Wits kabili, ibhekane nePirates kanye neMamelodi Sundowns. Abalandeli bayo kumele baqale bejabule emveni kwemidlalo emihlanu kusukela manje, okwamanje abazitshele ukuthi basahlezi ngoqhezu olulodwa.
Imidlalo emihlanu elandelayo yeChiefs uma kubalwa nowakusasa izodlala neLamontville Golden Arrows, iMaritzburg United, iPirates na-Amazulu FC.
NakuGladAfrica Championship kuminyene ubende phezulu njengoba kungacaci ukuthi iliphi iqembu elizoya ku-Absa Premiership ngaphandle, namaqembu amabili azodlala kumaplayoffs.
Mahlanu amaqembu asemathubeni lapho kubalwa i-Ajax Cape Town esesicongweni ngamaphuzu angama-32, uThongathi FC olunamaphuzuangama- 31, iSteenberg FC enamaphuzu angama-29, iReal Kings enamaphuzu angama-27 nomdlalo owodwa olengayo kanye neMoroka Swallows nayo enamaphuzu angama-27.
Kuzothi kushaya elesi-6 kusihlwa ngeSonto lapho kuzobe kuphela umdlalo wokugcina amatafula azobe eseguqukile.