Impikiswano ngokufanelebethweswe umqhele wobuqhawe



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
UBUKOLONI nobandlululo kwabukela phansi, kwabhija futhi kwacindezela isiko leningi lezakhamuzi zaseNingizimu Afrika. Inkululeko yokukhuluma yaqedwa kwabuye kwenziwa imizamo ehleliwe yokuthuntubeza ukuziqambela. Imiphakathi yancishwa okokusebenza nezinto zokusebenza ukuze ithuthukise okwayo ngokwamasiko ngaphandle uma lokho kuthuke kuhambisana nobukoloni. Embikweni othi; “United Nations Human Development Report 2004: Cultural Liberties in the Today’s World, Identity and Culture are Important National Matters”. Uma ubuwena nesiko kungaqondakali kahle noma kuyingxemu, ukucindezeleka emphakathini kuyanda, ukubuyisana kwesizwe nempumelelo (kwezomnotho, kwezemfundo nakwezepolitiki) kuyajama. Ngokwalo mbiko abantu bayaqinisa ekufuneni ukuhlonishwa nokwaziwa ngokwesiko. Esikhathini esiningi, abakufunayo ubulungiswa ngokwenhlalo ukuze babenezwi elizwakalayo lezepolitiki. Nokho akusikhona lokho kuphela, okunye abakufunayo ukuba babonakale futhi bahlonishwe.
Okokugcina kombiko, iSouth African Truth and Reconciliation Commission (TRC) eyaziwa ngeKhomishini Yamaqiniso Nokubuyisana yancoma ukuthi njengengxenye yokwakha isizwe nokubuyisana, uHulumeni kufanele acabange ukwakha izakhiwosikhumbuzo ukuze bangakhohlwa wumlando futhi bahloniphe labo abaguqa (abashona).
Kwaba yilesi siphakamiso esenza kwakhiwa phakathi kokunye isikhungo iFreedom Park ePitoli nehlonipha amaqhawe omzabalazo kuleli. Phezu kwalokhu uHulumeni kuzwelonke, izifundazwe kanye nowendawo banazo izinhlelo zokuhlonipha hhayi kuphela labo abangasekho kepha nalabo abaphilayo ngenxa yamagalelo abo emzabalazweni nasenhlalweni jikelele. UHulumeni akagcini ngezakhiwo kepha uyalilondoloza ifagugu lelo (abantu nezigameko) ngokuthi ethe izindawo, izakhiwo, amabhuloho nezitaladi ngabantu abathile. Isibonelo umgwaqo odumile oseSoweto uVilakazi wethiwe ngosomfundo, usonkondlo nombhali uDkt uBenedict Wallet Vilakazi.
Nokho kwezinye izindawo le mizamo yokuqopha nokulonda ifagugu ihlangabezana nezingqinamba ngenxa yepolitiki. Okwejwayelekile wukuthi iqembu elisuke liphethe ngaleso sikhathi kuba yilo eligqamayo nabaholi kanye nomlando walo nokuyinto enobungozi nxa kuqoshwa umlando. Lokhu kwaqala ukubonakala ngesikhathi amaBhunu ethatha umbuso ngaphansi kweNational Party (NP) nokwathi angangena nje aqamba ngawo izinto egugula lokho okwabe kuqanjwe kakhulu ngamaNgisi okwakuyiwo ayephethe. Lo mkhuba ubonakele nakuye uHulumeni obusayo ngesikhathi kuba nokusola kwabanye ukuthi uma uqhakambisa labo obabiza ngamaqhawe kuba yilabo ababedlelana nawo.
KwaZulu-Natal kuke kwaba nenkulumompikiswano ngesikhathi kuzoqanjwa igama lenkundla entsha yezemidlalo nokwakuthiwa izoqanjwa ngoMjokwana kaNdaba, iNgonyama uSenzangakhona le nkundla yabe izomumatha abantu abayizi-85 000 izodla imali eyizigidigidi ezintathu nengxenye. Ekhuluma ngale nqabakutholwa owayenguNdunankulu uDkt uSbusiso Ndebele mhla zingama-25 kuNtulikazi ngowezi-2006, wathi : “Inkundla enizoyibona ezinsukwini ezingengaki ezilandelayo kuzobe kuyinkundla enhlosoningi iKing Senzangakhona ezoba yisakhiwosikhumbuzo esifundazweni esizelwe kabusha, esifundazweni esiguqula amanxeba aso abe wukukhanya. Izoba wuphawu lwaKwaZulu-Natal oluhlanganisayo noluthuthukisayo. Sizoba nesizinda esinhlosoningi lapha ukuze sikhangise isifundazwe sethu emhlabeni, kuzoba nesilondolozimagugu sezimpahla kanye nokuyizimpawu ezisemqoka.”
Le nkulumo yajabulisa abaningi nababevumelana nemizamo kaHulumeni waKwaZulu-Natal ukuthi igama likaMjokwana kaNdaba lizoqhakambisa umlando kaZulu nowaboHlanga. Ukujabula lokhu akuthathanga isikhathi eside njengoba kwagcina sekwethiwe le nkundla ngegama likaMnu uMoses Mabhida isigomagoma somzabalazo nesabe singuNobhala Jikelele weSouth African Communist Party ( SACP).
Okube ngumlando
Ngonyaka owedlule ngesikhathi kunomgubho weminyaka engama-89 yokuzalwa komunye wezigomagoma zomzabalazo waboHlanga kuqopheke umlando ngesikhathi uHulumeni waKwaZulu-Natal oholwa nguKhongolose uthatha isinqumo sokuhlonipha umholi we- Inkatha Freedom Party (IFP) nonguNdunankulu kaZulu, uMntwana wakwaPhindangene. Ngomlomo walowo ophathiswe uMnyango Wezobuciko, Amasiko Nezemidlalo, uNkk uBongi MaSithole Moloi, kwavela ukuthi uHulumeni unqume ukuba ufake isandla esikhungweni iPrince Mangosuthu Buthelezi Museum and Documentation Centre, ukuze sikwazi ukusebenza ngendlela. Lesi sikhungo esisedolobheni oLundi siqukethe wonke umlando othinta impilo yoMntwana kusuka ebuncaneni bakhe kuze kufike ekhula engena esikoleni, nalapho eqhubeka eyofunda ekolishi i-Adams nakwangqondonkulu, eFort Hare kuze kube uzihlanganisa nezepolitiki. Akugcini lapho ngoba nokusebenza kwakhe njengeNkosi yesizwe sakwaButhelezi kanye nokuba nguNdunankulu kaZulu nakho kuqoshiwe.
Lesi sinyathelo sikaHulumeni sashayelwa ihlombe nhlangothi zonke njengento ezoqinisekisa ukuthi “umlando wangempela” nodidiyelwe uyagcineka. UMphathiswa uMaSithole Moloi, wathi lesi kwaba yisinqumo esinzima ukuba asithathe ngoba ngesikhathi ephakamisa ukuba kulethwe amagama alabo ababa neqhaza emzabalazweni, abasebenzi boMnyango wakhe uthi babevele balethe amagama abaholi be-ANC kuphela. “Ngabe sengiqhamuka negama loMntwana wakwaPhindangene nokuyinto abasebenzi abaqale bangayinaka bavele bangihleka. Empeleni ngigcine sengixabana nabo ngoba bengakukholwa engangikusho ukuthi ngifisa kube uMntwana wakwaPhindangene esimhloniphayo.”
“Okunye bebazi ukuthi mina nginguKhongolose ngakho bebevele baqhamuke namagama ezingqalabutho ze-ANC ukuthi kube yizo esizihloniphayo kulolu hlelo esinalo eMnyangweni. Nokho ngashaya phansi ngonyawo ngathi nali igama engibona kufanele sisebenzele kulo ngoba uMntwana naye uyakudinga ukuhlonishwa ngakwenzele isizwe. Namanje ngiyasho ukuthi uyathanda awuthandi kodwa uMntwana ungumholi ofanelwe ukuhlonishwa ngamagalelo abenawo kwezombusazwe. Kuzomele senze isiqiniseko sokuthi umlando awuqophile siyawugcina ukuze isizukulwane esizayo siwuthole. Ukuthi UMntwana ngowaliphi iqembu kakusho lutho, mina ngithunyiwe ukuthi ngihlinzeke zonke izakhamuzi zakuleli,” kusho uMaSithole Moloi.
Ezibongela uMntwana wehluleke ukuzibamba ngenxa yokujabula wabonga akangaqeda kuMaSithole Moloi. Uthe isenzo sikaMaSithole Moloi sikhombise ukuba ngumuntu wesifazane ohlakaniphe ngokuseqophelweni eliphezulu kwezepolitiki.
“Kuyangithokozisa ukubona ukubambisana okuqalayo phakathi kwalo Mnyango kuHulumeni wesifundazwe, iKwaZulu-Natal nePrince Mangosuthu Museum and Documentation Centre. Isikhungo ngokwaso besingeke sawuphothula umsebenzi wesizinda senqolobane yamagugu, njengoba kuphoqa, kwezinye zezinto ukunwetshwa kwesikhungo ukuze sikwazi ukumumatha umthamo wawo wonke amarekhodi agcinwe ezindaweni ezehlukene. Ngiyathokoza Ngqongqoshe ukuba wazise ubumqoka bodaba lwalolu hlelo. Ngibonga ngiyanconcoza ukuqhakambisa incazelo yombuso wentando yeningi. Sekunomuzwa wokuthi selidumela emasumpeni ngosizo olunohlonze olungaka oluvela eMnyangweni lohlelo lokonga umlando nokuthi ekugcineni sekuyagcwaliseka. Kunginika ithemba elikhulu ukunikezwa lesi sipho esingaka ngosuku lwami lokuzalwa. Ngiyathokoza Ngqongqoshe, ungumholi omele bonke abantu ngokungacwasi. Ngiyaziqhenya ngokuthi kube inkosazana engumZulu, etshengise ubuholi obuseqophelweni eliphezulu kwezombusazwe. Ngifisa sengathi kungabe ngiyabazi abazali bakho. Ngokuzala wena ngenelisiwe ukuthi isizwe saseNingizimu Afrika abazali bakho basipha utho ngawe Jobe. Ngiyabonga Mondise,” kubeka uMntwana.
Abayizwa le ndaba
Nonyaka njengoba uMntwana ubeqeda iminyaka engama-90 kuvele ukuthi uHulumeni ubeke isamba esibalelwa ku-R1 200 000 ukubungaza lokhu othi kuyingqophamlando. Nokho kuthe kusatuswa lokhu iqembu iNational Freedom Party (NFP) yabe isishaya amakhala ngalokho ekubize ngegidigidi nje elingenasidingo. Umholi waleli qembu KwaZulu-Natal uMhlonushwa uVikizitha Mlotshwa esitatimendeni sakhe wathi; “Isabelomali esiyizigidi ezi-R1.2 esenziwe uMnyango Wokuqoqa Izimali okulindwe ukuba sivunywe kufanele sichithwe yiSishayamthetho. Sesizwile ukuthi isabelomali esiyizigidi ezi-R1.2 sizoxhasa uMbungazo Mbhiyozo (Bash Celebration) kaMengameli we-IFP uMntwana uMangosuthu Buthelezi. Emva kokuba uNgqongqoshe uTito Mboweni eseshilo ukuthi thina njengezwe sidinga ukubuyekeza ngokujulile indlela esisebenzisa ngayo imali sigxile ikakhulu ekunciphiseni ekusebenziseni imali ngokungenasidingo eNingizimu Afrika. “INFP ikholelwa kakhulu ekutheni kufanele sazi okunesidingo ngempela ikakhulukazi njengoba kunengcindezi yokusebenzisa imali kube ingenisomali likhula kancane KwaZulu-Natal,” kusho uMlotshwa.
Akagcinanga lapho njengoba athi: “Yonke imibhiyozo kufanele imiswe kuke kugxilwe ezinselelweni zezemfundo ikakhulukazi ekuthuthweni kwabafundi. Siyaqaphela ukuthi kusilela ngezigidi ezili-R125 mayelana nokuhlelelwa kokuthuthwa kwabafundi. Lokho kusilela ngonyaka okufanele ngabe kukhokhwe ngawo akwamukeleki kube kuneminyango esahluleka ukusebenzisa imali nokubona ukuthi yikuphi okufanele ikubeke eqhulwini ngemali eyabelwe yona. Ukwaba imali uyiyise emibhiyozweni kudodobalisa izinga lemfundo kulesi sifundazwe. Isibonelo sinesikole iMthenje High eBergville esaphihlizwa yisichotho ngowezi-2015 ngonyaka olandelayo ngowezi-2016 kwangqongqa umtapo wolwazi ngokushaywa yizulu, kuze kube namhlanje akukaze kwenziwe lutho. Abaphathi besikole batshelwa ukuthi akunamali yokulungisa isikole.
Kwabathile inkulumo kaMlotshwa yabe inenhlese yepolitiki. Likhuluma neBAYEDE elinye ilungu leNFP elingathandanga ukuba igama lalo livele ngoba udaba luthinta ozakwabo lithe: “Cha khona asivumelani neNkatha kodwa kukhona iphutha okumele singalenzi leli lokuhlanganisa lokho kanye nokwenza okulungile. Uma uMlotshwa ethi uMntwana akangabungazwa kuyamangaza ngoba umholi wethu uKaMagwaza Msibi wakha ibunjwamuntu ethi naye wenza njengoba uHulumeni enza, ukuhlonipha uMntwana. Ngaleso sikhathi ngoba sabe sikuyo Inkatha asibuzanga ukuthi lokhu kwenziwa nje badlile yini abantu baseZululand. Okunye ngicabanga ukuthi lezi zinto ziyahlelelwa akukhona ukuthi kuthathwa imali yesikole kukhokhelwe imigubho,” kusho lo mholi .
Noma ngabe yiziphi izizathu ezingenza iNFP ishaye amakhala iqiniso lithi udaba lokuthi ngubani iqhawe noma okumele abungazwe yinto ehlala ingumdonsiswano phakathi kukaHulumeni, amaqembu kanye nabantu nje jikelele. Lokhu akuqali manje futhi ngeke kuphele ngoba selokhu kwathi nhlo umlando ubhalwa ngabanqobi.