Now Reading
Ayaqothwa amasosha akuleli eDRC, kusacwebe iziziba ngeKhabhinethi
Dark Light

Ayaqothwa amasosha akuleli eDRC, kusacwebe iziziba ngeKhabhinethi

Ngesikhathi kusacwebe iziziba ngokumenyezelwa kweKhabhinethi kaHulumeni wehlandla lesi-7 ezweni kuyaqhubeka ukuqothwa buthule kwabombutho wezokuvikela kuleli abatshalwe eDemocratic Republic of Congo.

Ngaphambi kokhetho iDemocratic Alliance yathembisa ukuthi izofaka ingcindezi kuHulumeni omusha ukuba uhoxise amasosha akuleli emazweni angaphandle ukuze ugxile ekuvukeleni imingcele yakuleli.

Ephuzwini eliphambili ukweseka isiphakamiso sayo iDA yaveza ukuthi yiqiniso elaziwayo ukuthi iSouth African National Defence Force (SANDF) ayimile kahle ngakwezezimali kodwa isebenzisa yona le mali engekho ezintweni zamanye amazwe. Ngaphezu kwalokhu leli qembu lithi iSANDF ayihlomile ngokwanele ukubhekana namavukelambuso ahlome ngazo zonke izikhali  futhi esekwa ngamazwe aziwayo ngokukhiqiza izikhali.

Ezinyangeni ezimbili  sekubulawe amasosha akuleli amathathu eDRC empini ephakathi kwamavukelambuso eM23 namasosha kaHulumeni.  NgoNhlaba kwasala enkundleni uLt General Ngubane ukubulawa kwakhe okwagcina ngokusatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana.

NgoLwesibili kubulawe uKaputeni webutho i-46 Brigade Headquarters nozakwabo onguKaputeni  ku-Air Defence Artillery Formation. Kulokhu kuhlasela kulimale amanye amasosha angama-20 kuwona amane alimala kanzima asalashwa esibhedlela. Lokhu kuhlasela kwenzeke edolobheni iSake eliyibanga elingama-20 km ukusuka enhlokodolobha iNorth Kivu eGoma lapho kusetshenziswe khona neMortar. Lesi isizinda seM23 futhi yilapho kuvae khona ukuba nezigameko zokuhlaselwa kwamasosha angasohlangothini lukaHulumeni waseDRC oholwa uMengameli uFelix Tshisekedi osanda kuqokelwa ihlandla lesibili.

Emuva kwalokhu kuhlasela amavukelambuso eM23 abe nemibhiyozo asababalisa nasezinkundleni zokuxhumana izimoto zamasosha akuleli zithungelwa ngomlilo. Amasosha aseNingizimu Afrika atshalwe eDRC ngaphansi kohlelo lweSouthern African Development Community Mission kanye namazwe anjengeMozambique i-Angola, iTanzania. Esigamekweni sokuhlaselwa kwamasosha zingama-30 kuNhlaba kwasala enkundleni isosha laseTanzania kwalimala inqwaba, kepha imibiko engaqinisekiswanga yaveza ukuthi angaphezu kweshumi amavukelambuso eM23 abulawa ngalolu suku.

Nonyaka mahlanu amasosha akuleli asesale enkundleni eDRC. Emuva kokusabalala kwesibhicongo sokubulawa kwamasosha akuleli, sibe sikhulu isikhalo sabantu ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi kuphuthunyiswe ekusungulweni kweKhabhinethi ukuthi kuzoqokwa uNgqongqoshe Wezokuvikela. UMengameli uCyril Ramaphosa njengoMkhuzi Kazwelonke nguye onamandla okuphaka nokuhoxisa amasosha emazweni angaphandle.

Omele iDA Kwezokuvikela uMnu uKobus Marais uthi esikhundleni sokugxila ekuthumeleni amasosha ngaphandle, iNingizimu Afrika kumele ivuselele uMbutho Wezokuvilela ngokutshala izimali nokulondoloza kubuchwepheshe besimanje bezokuvikela nokuzihlela kabusha okuyikho okuzosho ukuthi elakuleli lisadinga yini ukuthi amasosha athunyelwe kwamanye amazwe.

See Also

Akukhona kuphela eDRC lapho iNingizimi Afrika ilekelela khona naseMozambique sekuphele unyaka wesili etshalwe eCabo Delgado  ekuvikeleni uHulumeni kaMengameli uFilipe Nyusi kumavukelambuso.

UMarais uthi uma kungahlelwa ngendlela izinto ibhajethi isetshenzise ngendlela kuphinde kube nohlelo olucacile ngenhloso yenqubomgomo namazwe angaphandle kungalekelela ekutheni noma yisiphi isinyathelo esithathwayo ekutshalweni kwamasosha ngaphandle kwakuleli kube wukuthi asiphambani nomMhethosisekelo wezwe.

“Umbutho wezokuvikela kumele ube uhlaka lokweseka inqubomgomo yezokuxhumana namazwe angaphandle, ngesikhathi esifanayo ukwazi nokuba bukhali lapho izwe lingaphansi kokusatshiswa. Ukuthunyelwa nje kwamasosha okungalizuzisi ngalutho izwe ngoba kufezwa izinhloso zezepolitiki kufana nokubuyisela emuva izwe.” 

Uthi kuyichilo nokuthi amasosha atshalwe eDRC awanazo izindiza ezinophephela emhlane ezakhelwe ukubhekana nesimo sakhona kodwa kuyaqhutshekwa nokutshalwa kwamasosha kuleliya lizwe. IDA ithi kubeka engcupheni impilo yezingane zabantu ukuthunyelwa kwazo empini yamanye amazwe zinganikiwe incazelo egcwele futhi zingahlomile ngendlela. Izazi kwezokuvikela zikhathazekile ngokuthi amasosha akuleli awahlomile ngendlela futhi nezindiza azisebenzisayo azikwazi ukubhekana nezimo ezinjengalezi zalapho impi ivame ukubambana khona eDRC.

Scroll To Top