Kugqama amazondo kolukaNtanzi wasebaQulusini



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Imibiko emithathu yakamuva imkhipha phambili kepha umnyango ungahle uphikelele
Cishe uma kukhona izindondo zemeneja engadla umhlanganiso kwezihujwe umnyango isikhathi eside, uMnu uBonga Ntanzi angazihambela yedwa. Leli phephandaba selibhale kaningi ngezigemegeme emsebenzini kaMnu uBonga Ntanzi. Okusobala kuzo zonke lezi zigameko wukuthi ngongaphansi nongaphezulu, umnyango umfuna phandle noma yingayiphi indlela kanti naye uFakazi ucije ngemikhonto yabameli ababukhali abaphebeza kwasani. Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi umzuliswano wakamuva ngokwamaphepha uphunyelelwe nguye uNtanzi. Kule mibiko kukhona othi “Legal Opinion on Disciplinary Action Against The Municipal Manager of Abaqulusi Municiplaity” nongamakhasi ali-13. Owesibili umbiko nosihloko “Legal Opinion on Veracity of Abaqulusi Municipality Forensic Report on Irregularities in Human Reources and Procurement Process”. Yomibili le mibiko ihlanganiswe ngu-Adv uM J Mathenjwa (B Juris ( UFH) LLB ( Wits), LLM LLD ( Unisa ).
Owesithathu obungakaphumi nokho elaboHlanga selinawo uhlanganiswe uMnyango isihloko sawo sithi: ZNT 2022/2017 LG -10, Final Forensic Report: KwaZulu-Natal Department of Co-Operative Governance and Traditional Affairs Forensic Investigation of various alleged maladministration, fraud and corruption at the AbaQulusi Local Municipality, September 2020.
Kwenzeka konke nje mhla zili-17 kuMandulo ngowezi-2019, uMhlonishwa uHlomuka waphikelela enkantolo eMgungundlovu. Lapha uMhlonishwa wangena nezicabha ecela ukuba inkantolo ngokuphuthumayo inqume ngoNtanzi.
Leli cala liqoshwe ngokuthi, ‘The Member of the Executive Commitee for Cooperative Governance and Traditional Affairs of KwaZulu-Natal and others v Ntanzi and others, Case No. 6969/19P’. Kula maphepha uHlomuka wabe engadlali ecela ukuba phakathi kokunye uNtanzi akangalubhadi futhi akavunyelwe ukuba yingxenye yokuba semahhovisi AbaQulusi. Lokhu kwaphikiswa nguNtanzi noMasipala. Lapha uHlomuka nabahambisana naye bathelwa othulini ngoba inkantolo yaluchitha udaba yathi kabakhokhe nezindleko zikaNtanzi noMkhandlu.
Ngokulandela okubhalwe phansi kuyacaca ukuthi uMnyango kaHlomuka kawenamanga ngalesi sinqumo wabe usedlulisa. Nalapho iProvincial Division of the High Court nayo yamchitha uHlomuka nezakhe. Kwaba sengathi uMnyango wona kawenziwa kanjalo njengoba kwathi nje kusadonsiswana wabe ngesandla saloyo owabe umqoke ukuba eluse ukusebenza kwabaQulusi njengomlawuli wagadla. Ngomhla zi-3 kuNcwaba nonyaka uMlawuli uDladla wamisa uNtanzi egabe ngombiko wenkampani iNMK Investigators.
Okuqaphelekayo ngale nkampani yikuthi kade babe jijimezana noNtanzi ngoba nangesikhathi esakwaNongoma njengeMeneja yiyo eyabe imqobela ogodweni. Sekuwumlando ukuthi kwaNongoma nakhona lapha ebaQulusini uFakazi uyithela othulini.
U-Adv uMathenjwa embikweni wokuqala uphetha ngokuthi: ngokubhekisa ekuhumusheni uMthethosisekelo, ukwakhiwa kwemithetho nasecaleni elale lenzeka, ngibona ukuthi umbiko wophenyo weNMK awukho emthethweni; uphenyo oluqhubekayo lukaMphathiswa kuMasipala Abaqulusi awukho emthethweni. Ngakho-ke iMeneja kaMasipala akufanele ngabe iyamiswa uma kubhekwa le mibiko.”
Eqhubeka u-Adv uMathenjwa ube esechitha isigungu sokuphatha saKwaZulu-Natal lapho ethi: “Ekugcineni, amandla agixabezwe umlawuli ukuba aqondise ubugwegwe kuMeneja kaMasipala. Amandla okuphatha anganikezi nhlobo igunya lokungenelela kweSigungu Esiphezulu Sesifundazwe eMkhandlwini kaMasipala.”
- Loludaba lusaqhubeka ngokuzayo nayilapho kuzokwenatshwa ngombiko wesibili nowesithathu. Okwamanje kunikezwe isikhathi esanele abathintekayo ukuba baphawule.