Now Reading
I-EFF yamukele uRamaphosa ngomhlane obandayo izolo
Dark Light

I-EFF yamukele uRamaphosa ngomhlane obandayo izolo

ZISUKA nje amadaka iqembu i-EFF isivele yazikhombisa ukuthi izomthwalisa kanzima uMengameli omusha waseNingizimu Afrika, uMnu uCyril Ramaphosa njengoba ivele yaduba engakaqokwa yahamba ePhalamende izolo.

Leli qembu belikhala ngokuthi akukwazi ukuthi kungaqhutshekwa nohlelo lokukhetha uMengameli ozovala isikhala sikaMnu uJacob Zuma, ekubeni kufanele engabe kuhlakazwa iPhalamende.

Umholi waleli qembu uMnu uJulius Malema uthe kufanele engabe uSomlomo uNkk uBaleka Mbete uhlakaza iPhalamende ngoba akekho noyedwa ku-ANC ofanelwe ukuthatha isikhundla sokuba uMengameli ngenxa yenkohlakalo.

UNkk uMbete uvele wakuchitha lokhu wathi akukho ohlelweni losuku ngakho bazoqhubeka nokuqoka uMengameli njengoba kubhalwe phansi.

Uhlelo lokuqoka uMengameli luqhubekile ngokusingathwa uMehluleli uMogoeng Mogoeng.

Alikho iqembu eliphakamise elinye igama ngaphandle kwelikaRamaphosa eliphakanyiswe uKhongolose maqede kwavunyelwana ngalo wamenyezelwa ngokusemthethweni.

Amaqembu aphikisayo, ngaphandle kwe-EFF neCope, amhalalisele uRamaphosa kodwa amkhumbuza ngezinto ezibalulekile okumele abhekane nazo ezithinta izakhamuzi zaseNingizimu Afrika.

Umholi weDemocratic Alliance (DA) uMnu uMmusi Maimane uthe lesi yisikhathi sokuba uRamaphosa alungise izinto ngoba uZuma ngesikhathi sakhe umoshile.

“Mhlonishwa uRamaphosa abaningi bayajabula ngokuphuma kukaZuma esikhundleni kodwa sekuyisikhathi sokuba sikhohlwe i-ANC kodwa sibhekane nezinkinga zezwe. Nokho okubalulekile nokumele kwaziwe ukuthi kuyona yonke le minyaka uZuma namaGupta bebengeyona inkinga kodwa bekuyi-ANC ebeke uZuma esikhundleni yavumela inkohlakalo. Ibimvikela ngisho sithi siyamkhipha ngevoti lokungamethembi. Lokhu engikushoyo angiqambi amanga kodwa buka nje ezinye izethenjwa zikaZuma sinazo lapha namhlanje. Akuzithathanga ngisho isikhathi esingakanani ukumjikela ukuze ziqhubeke nempilo. Ngakho siyakubongela futhi sikufisela inhlanhla,” kusho uMaimane.

USotswebhu we-IFP, uMnu uNarend Singh uthe bafisa ukumhalalisela uRamaphosa kodwa bamphonsela inselelo mayelana nokuthi abhekane nezingqinamba ezithinta izwe njengesimo sokufuneka kwemfundo yamahhala.

UJenene uBantubonke Holomisa onguMengameli we-UDM uthe bayamhalalisela uRamaphosa ngokukwazi ukuqumba phansi uZuma.

Uthe sebebheke ukuba abuyisele izwe esimweni, aqede nenkohlakalo ukuze nomnotho usimame.

See Also

USotswebhu we-ANC, uMnu uJackson Mthembu ugxile kakhulu ekuhalaliseleni uRamaphosa nasekuchazeni umlando wakhe namagalelo abenawo emzabalazweni waseNingizimu Afrika.

“UMengameli wethu waseNingizimu Afrika, uRamaphosa akamusha kulo mzabalazo wokukhulula abantu bakithi. Uyaziwa ngesikhathi i-ANC isavalwe umlomo elwa noHulumeni wengcindezelo,” kusho uMthembu.

URamaphosa ubonge bonke abaholi bamaqembu aphikisayo nabe-ANC ngokumhalalisela waze wenza namancoko kodwa wakuqinisekisa ukuthi uzimisele ukwenza okungcono ukuthuthukisa isizwe.

“Kuzobaluleka ukuba sikhulume ngendlela enokuhloniphana futhi ngizimisele ukusebenzisana nawo wonke amaqembu ezepolitiki ngoba okuhamba phambili kimi ukuthi sengiyisisebenzi somphakathi waseNingizimu Afrika. Ngifisa ukusho ukuthi ngizohlale ngifika lapha ePhalamende ukuzophendula imibuzo ebalulekile.  Mhlonishwa uMaimane ngizwile ukhuluma indaba yangowezi-2019, empeleni mina ngithi cha ungajahi ukuthi siyohlangana ngawo ngoba sizohlale sibonana kule Ndlu. Okubalulekile ukusebenzela abantu siphakamise imibono ngaphandle kokufuna ukubukwa. Mhlonishwa uNhlanhla Khubisa we-NFP ngibongile ngamazwi akhayo futhi okushilo kubaluleke kakhulu esizweni njengoba ukhulume ngokuzigqaja nangokuvikela uMthethosisekelo wezwe lethu. Mhlonishwa uSingh ngiziwile usho ukuthi uMntwana wakwaPhindangene ubefisa ukuba lapha kodwa waba nenkinga yendiza. Nami bengingathanda ukuzwa amazwi anezilokotho avela kuMntwana. Nokho ngikujabulele okushilo futhi uthinte nendaba yezemfundo ebaluleke kakhulu okumele sibhekane nayo. Mhlonishwa uHolomisa mina nawe kumele ngisho ukuthi kusazomele sihlale phansi sidle inyama. Empeleni ngizama ukusho ukuthi ngaphandle nje kokwehlukana ngokwamaqembu ezepolitiki kodwa sizolokhu sihlangana ngoba akukho okusivimbayo ukuba senze njalo,” kusho uRamaphosa.

Ubabale bonke abaholi abakhulumile ebonga kubo kwaze kwaba uveza ukuthi inkulumo yesizwe uzoyethula namhlanje ngoLwesihlanu njengoba esenguMengameli wezwe.

Okugqamile ukuthi ngesikhathi emenyezelwa njengoMengameli omusha waseNingizimu Afrika kuqhume inhlokomo phakathi ePhalamende kucaca ukuthi kujatshulwe nxa zonke. Amalungu kaKhongolose asePhalamende aqale ingoma ethi: “Phakama Ramaphosa ixesha lisekhona” ayivume kwaphakama nezihambeli ebezihleli phezulu zigqoke izikibha zikaRamaphosa ezithi CR17.

Scroll To Top