Uveza okwenza iGallants isilele ngasemsileni
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Injini yeMarumo Gallants uCelimpilo Ngema udalula okuyikho okwenza bengenzi kahle, kusukela kuqale isizini.
IGallants idlale imidlalo eyisikhombisa kusukela kuqale isizini ka-2022/23, kuyona ikwaze ukudlala ngokulingana kweyisithupha yahlulwa kowodwa. Lokhu kuyibeke endaweni ye-15, ngamaphuzu ayisithupha.
“Ngesizini edlule besiqeqeshwa uDan Malesela, sidlala ibhola ebelithandwa abantu abaningi. Ekuqaleni kwesizini le esikuyona sibe sesiqala nomqeqeshi omusha uRomain Folz, besisazama ukuthi sijwayele isitayela sakhe sokudlala nakhoke naye wavele wasula isigubhukane. Ngamafuphi, into esenze sangenza kahle kule midlalo esiyidlalile ukushintshanisa kwabaqeqeshi ngoba lowo nalowo ufika nesitayela sakhe. Kuthatha imidlalo ukuze sijwayele isitayela somqeqeshi, lokho kwenza silahle amaphuzu” kusho uNgema.
UFolz ongowokudabuka eFrance kuqale isizini ethembisa ukuthi uzokwenza kahle, kodwa emasontweni edlule wavele wasula isigubhukane kwiGallants. Isizathu sokusula kwakhe ingoba abaphathi beqembu bamehlisa esikhundleni abe yisekela bese kuthi uRaymond Mdaka kube nguyena umqeqeshi.
UNgema odabuka eMelmoth ubalule ukuthi okunye okwenza bengezi kahle amaphutha asemuva. “Ngeke ngithi ingoba izitobha zethu zenza ngenhloso ukuthi singenelwe amagoli, kodwa sonke siyiqembu lokho kumele sikulungise. Akusizi ukufike sishaye igoli kanzima bese singenelwa igoli kalula nje.”
Uthe indlela abadlale ngayo neKaizer Chiefs emdlalweni obungeSonto eledlule ubona bebe nomdlalo omuhle kakhulu.
“Umdlalo wethu neChiefs ungumdlalo engeminye esiyidlale kahle, kwala khona nje ukuthi asiwatholanga amaphuzu amathathu. Igoli elashawa iChiefs nakanjanji kwabe kuyi off-side, kodwake akukho esisangakwenza ukuthi sibheke phambili. Akuyona into enhle ukuqala kabi, kumele siqale siqoqe amaphuzu agcwele.”
Lo mdlali oteketiswa ngoZidane, isizini yakhe yesithathu le egijima kuDStv Premiership esuka kuThongathi FC olugijima kuMotsepe Foundation Championship. Uthe kule sizini uzimisele ukushaya amagoli ayisishiyagalombili noma ngaphezulu. Uselishayile vele elilodwa bebhekene neLamontville Golden Arrows.
Kule mpelasonto iGallants izovakashela iChippa United eGqeberha.