UKaunda ube ngumhlatshelo: ilungu lobuholi beSifunda iTheku
Ukubhimba kohlelo ku-ANC KwaZulu-Natal emuva kokuphikwa ngabavoti okhethweni kusolwa ukuthi yikho okuholele ekususweni esikhundleni kweMeya uMnu uMxolisi Kaunda.
Lithe liyozilahla konina izolo injolozela bese ikulo Mkhandlu ngokuthi ubani ozojutshwa yiqembu emuva kukaKaunda.
Kulabo abangaphakathi eqenjini abazwelana noKaunda bathi ube ngumhlatshelo nje, empeleni ubuholi beSifunda iTheku okumele engabe buyahlakazwa ngoba bumbuleke izinqe amawadi amaningi ahamba neMK okhethweni.
Kukhona abathi uKaunda wayevele ecelwe iqembu ukuba azobamba kuze kubuye uzinzo kulo Masipala ngoba sekusukume i-ANC kuzwelonke kulandela inkohlakalo eyayibikwa ngesikhathi sikaNkk uZandile Gumede.
“Ngiyacabanga ukuthi esikhathini asihlalile ukwazile ukubuyisa isithunzi sedolobha yize esuswe ngesikhathi esingesihle lapho i-ANC ivukelwe ngabantu kulo Mkhandlu,” kusho oyilungu ebuholini beSifunda egcizelela nokuthi akanawo amandla okuphawula kwabezindaba.