Now Reading
Isinqumo esingabuyisa udumo, okanye sishabalalise iphupho likaMagwaza-Msibi
Dark Light

Isinqumo esingabuyisa udumo, okanye sishabalalise iphupho likaMagwaza-Msibi

Ngaphambi kokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe ngenyanga edlule, iNational Freedom Party (NFP) ibingabalwa nhlobo emaqenjini angavelela ingasaphathwa eyokuba inoni. Kubahlaziyi bezepolitiki nababhali, imiphumela yokhetho ibizosho ukuphela kwaleli qembu ngenxa yokwehlelwa ukweseka kuzwelonke naKwaZulu-Natal lapho izimpande zalo zikhona.

Sekungumlando ukuthi ezinsukwini ezedlule leli qembu libe ngundabamlonyeni ngenxa yokuthi bekuyilo eliphethe amandla okuwelelisa emandleni izikhondlakhondla zamaqembu amadala i-ANC, i-IFP, iDA noMkhonto Wesizwe okuyiqembu elesekwe ezinyangeni eziyi-6 ezedlule eliholwa nguMnu uJacob Zuma. Iqhina liphumile embizeni izolo uMengameli waleli qembu uMnu u-Irvin Barnes ezihlanganisa nohulumeni wobambiswano ohlanganisa i-ANC, i-IFP neDA KwaZulu-Natal wachayisa iMK eqale ukumeshela seliyoshona ilanga.

Ngaphambi kwesimemezelo seNFP uMnu uBarnes ubambe imihlangano nawowonke amaqembu abebheke ivoti lakhe. wenze lesi simemezelo nje uNobhala we-ANC esifundazweni uMnu uBheki Mtolo bese evele ekushilo ukuthi sebeqedile noBarnes osekusele ukuthi azise isizwe ukuthi usenqumile ngokweseka uhulumeni wokubambisana esifundazweni. 

Yize izinkomba bezisho ukuthi makhulu amathuba okuthi iNFP yeseke i-ANC kodwa bekungelula ukufakazela lokho njengoba umbusazwe uguquguquka. Ukuzihlanganisa kweNFP ne-ANC kuzoqinisa ubudlelwane obukhona kulamaqembu ikakhulukazi kuMasipala iTheku lapho bebambisene khona. Ukube iNFP iyichayisile i-ANC KwaZulu-Natal bekulula ukugqashuka kwegoda kulamaqembu eThekwini. UBarnes uthe lesinqumo bafinyelele kuso emuva kokuxoxisana nazozonke izinhlaka zeqembu.

“Sithathe isinqumo sokuthi KwaZulu-Natal sizosebenzisana nanoma yiliphi iqembu  elizimisele ngokubambisana nathi.  Uma sisuka lapho okusemqoka kithi ukubuyisa ukwethenjwa kweqembu emphakathini, siqede lokhu esesidume ngakho kombango wezikhundla,” kugcizelela uBarnes.

Okwamanje iNFP iyintandokazi ku-ANC ngokuyitakula ehlazweni lokulahlekelwa yisifundazwe, kodwa umbuzo omkhulu ukuthi ngabe zonke izinhlaka zeqembu ikakhulukazi labo abalivotele bayakuthakasela yini okwenzekile, noma uBarnes nahambisana nabo bafeza izinhloso zabo.  Ngakolunye uhlangothi kukhona abathi lesinqumo sifana nokubuyisana kwabandawonye ngoba iNFP iyingane ye-IFP. 

INFP ithole isihlalo esisodwa kulolu khetho esiKwaZulu-Natal kuphela. UBarnes nguye iqembu ebelifolosa ngaye kwesikaNdunankulu okusho ukuthi nguye ozomela iqembu esiShayamthetho kusasa. Leli qembu liye okhethweni nje ngoZibandlela uhlangothi olungameseki uBarnes lamemezela ukuthi luyamumisa eqenjini ngenxa yokuthi wafana neqhude elazibeka engquthetheleni yeqembu njengoMengameli.

Kwabangahambisani naye isinqumo sokuzihlanganisa nombimbi lwe-ANC, i-IFP siphambene nezifiso nephupho lomsunguli weqembu umufi uNkk uZanele kaMagwaza-Msibi sokuba iqembu lizimele. Basonga ngokuthi kungekudala lomshado oyindumezulu okwamanje uzophela kabuhlungu ngoba i-ANC inomlando wenkohlakalo futhi wonke amaqembu asezihlanganise nayo abekhankasa ngakho. “Lapha kupolitiki sengifunde ukuthi awukwazi ukuba nezitha nabangani bangunaphakade. Izinto ziyaguquguquka okwamanje kumele sigxile kubantu abadingayo kungabi yithina esizibeka phambili,” kusho uBarnes.

See Also

Kulo mshado ozohlanganiswa ngokusemthethweni kusasa eSishayamthetho sesifundazwe eMgungundlovu kuzovotwa ngokuqala ngokukhethwa kukaSomlomo, iSekela lakhe kugcinwe ngoNdunankulu. Emagameni abakhethiweyo okubhekwe ukuba babe sezikhundleni zokuhola uhulumeni igama likaBarnes angeke lasala ngaphandle njengoba ebe ngumalamulele.

Kungephikwe ukuthi eminyakeni emihlanu yalo mshado injolozela izoba ngakuye ngokweluswa yilabo abanike amandla kanjalo nasezinqumweni azozithatha. Uhlangothi olungahambisani naye lusabisa ngokuthi okhethweni lohulumeni bezindawo kungasho ukuphela kweNFP koMasipala ngoba angeke bazihlanganisa neqembu elithatha izinqumo ngaphambi kokuxoxisana nabantu balo. I-IFP izithole ingaphansi kwengcindezi efanayo lapho iningi labantu ezinkundleni zokuxhumana lizwakalise ukungahambisani nesinqumo sayo sokweseka i-ANC.

Kulokho umholi we-IFP uMnu uHlabisa usheshe waphendula ngokuthi abakwazi ukulawulwa ngabantu abangazange babavotele kodwa abavotele amanye amaqembu ngokuthi yisiphi isinqumo okumele basithathe.

Scroll To Top