UMokwena uhilizisane nabezindaba eTunisia
Uxabane nabezindaba umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena ngesikhathi ezakhe ziguqiswa yi-Esperance yaseTunisia emdlalweni owandulela amanqamu eCaf Champions League ngoMgqibelo ebusuku emlenzeni wokuqala.
Umlenze wesibili uzodlalelwa eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli ngoLwesihlanu ngehora lesishiyagalolunye ebusuku.
Emlenzeni wokuqala iBrazilians iguqiswe ngelolodwa eqandeni wegoli likaYan Sasse odabuka kwelaseBrazil.
Sekuphele umdlalo uMokwena uzithole esesusana nabezindaba okuphethe ngokuthi agcine ngobaduba.
“Ngiyaphika ukuthi i-Esperance ibingaphezu kwethu. Ebholeni zimbili izinto ezimqoka. Eyokuqala wukuthi wakha amathuba amangaki okwesibili yindlela ovimba ngayo uma ungasaliphethe ibhola. Ubani owakhe amathuba amaningi phakathi kwethu ne-Esperance? Yithina angithi? Ngiyabonga ngoba niyakuvuma lokho,'” kusho uMokwena eqophisana nezintatheli eTunisia ngesikhathi kuqhubeka isithangami nabezindaba.
“Ubani ovale kangcono emuva? Ngicela ungiphendule,” kusho uMokwena etshela intatheli.
Impendula intatheli iveze ukuthi ngokwayo i-Esperance iyona egqobhe kangcono emuva.
“Mhlawumbe nginendlela ehlukile engihlaziya ngayo ibhola. Uma usuke uvale emuva kumele wenze isiqiniseko sokuthi izitha azakhi amathuba angcono okushaya amagoli. Angivumelani nesitatimende sokuthi i-Esperance ivale kangcono emuva kunathi. Ngebhadi-ke iqembu lami kumele ngilivikele.
Enye intatheli imtshele ezinhlamvini zamehlo uMokwena ukuthi i-Esperance yenze kangcono okumqoka ngoba ikwazile ukuthola igoli okuyinto ehlule iSundowns emdlalweni.
“Kungenzeka ukuthi uqinisile ngokwakho. Ukudlala umdlalo wonke bese wakha ithuba elilodwa wukukudlala kahle ngamehlo akho? Uma ubona kanjalo kulungile. Kungakanaki lapho nike nibone khona i-Esperance ipaka ibhasi uma idlala ekhaya? Ngabe ngezintatheli zaseTunisia niyakujabulela ukubona iqembu elikhulu kangaka njenge-Esperance lihlala emuva. Uma nijabule, ayikho-ke inkinga.
La maqembu azohlangana emlenzeni wesibili ngoLwesihlanu ngelesi-9 ebusuku eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
“Ningakwazi ukuncoma i-Esperance ngaphandle kokudlela iSundowns umona. Cha cha, wena ungitshela ukuthi i-Esperance ibingcono ngokwamaqhinga. Amanga lawo,” kusho uMokwena ngokunengeka.
Intatheli iziphendulele yathi ayizange ikhulume ngamaqhinga kodwa ikhulume ngokuthi yiliphi iqembu elenze okubalulekile emdlalweni.
UMokwena ube eseyavalilisa.
“Nisale kahle ngiyabonga,” kuvalelisa uMokwena.
ISundowns idinga amagoli amabili bese yenza isiqiniseko sokuthi ayidedeli lutho ukuze idlulele kowamanqamu.
“Ngifuna ukuqala ngokubongela i-Esperance ngokuphumulela. Okwesibili ngifuna ukubonga abadlali bami ngokuzinikela. Bangenze ngaziqhenya ngabo. Ngicabanga ukuthi sikhombise isibindi ngokuphatha umdlalo nangendlela ebesivala ngayo emuva uma ibhola lingekho ngakithi. Kade ngibuka imidlalo yakamuva yi-Esperance ngaphambi kokuthi sibhekane nayo. Angikaze ngibone iqembu lizenzela ngale ndlela esizenzele ngakhona,” kubeka uMokwena.
Isithenjwa seSundowns neBafana Bafana uTeboho Mokwena asizange sidlale emlenzeni wokuqala.
“UTeboho Mokoena ubekulungele ukudlala kodwa asifunanga ukumjaha njengoba kade ethintekile. Imidlalo yethu iyalandelana ngakho besingafuni ukumbeka engcupheni,” kubeka uMokwena.
Emlenzeni wesibili kubhekwe ukuthi abeseluleme ngokugcwele uMokwena.
“Izihlwele ziyisizile i-Esperance. Bengiqala ngqa ukubona uSasse waseBrazil ebuya ezomaka uma engaliphethe ibhola,” kuchaza uMokwena.

