Now Reading
UMkhumbane Classic uzoqala umlenze wesibili ngomqeqeshi omusha 
Dark Light

UMkhumbane Classic uzoqala umlenze wesibili ngomqeqeshi omusha 

Uzoqala ukusebenza kuMkhumbane Classic ngoMsombuluko uThobela “King” Bikwani obeqeqesha iStone Breakers kwi-Safa KZN ABC Motsepe League. 

Lezi zindaba ziqinisekiswe usihlalo wayo iClassic uSithembiso “Mashalofu” Mabaso. 

Lokhu kwenzeka nje leli qembu lisanda kuhlukana noCryil Mthembu, esingaqondakali isizathu sakhe njengoba eshiye iqembu lihlezi phezulu eqoqweni. 

UBikwani uzolekelelana noPhilani “Maoti” Shange wodumo kwiLamontville Golden Arrows, ubevele eyisekela likaMthembu. 

“Sesiqashe uBikwani njengomqeqeshi wethu omusha, asikungabazi ukuthi bazosebenzisana kahle noShange. Kudala siqalile sikhuluma naye kwaze kwaba ukuthi siyavumelana ngakho konke. NgoMsombuluko uzoqala ukubonakala edlubhe imibala yoMkhumbane Classic” kusho uMabaso. 

Ngaphambi kokuqala isizini iClassic yaqasha uDoctor Mkhonza nowagcina ngokuqeqesha imidlalo yomkhumulajezi wase ekhonjwa indlela ngenxa yokudlalisa ibhola elingagculisi. Kwabe sekuqashwa uMthembu, njengoba sekuzoba uBikwani. 

“Asigcinanga ngokuhlukana nomqeqeshi kodwa siphinde sahlukana nabadlali abane. Manje simatasa sithungatha abadlali kakhulukazi emumva, nasezinhlangothini. UBikwani simazisile ukuthi engafika nabadlali ababili akholelwa ukuthi bazolilekelela iqembu” kusho uMabaso. 

IClassic izovula ne-Ozyn Academy ekuhambeni. 

See Also

Lo mdlalo owamagqubu kwazise kumlenze wokuqala lamaqembu adlala ngokulingana, iClassic umdlalo yawunqoba etafuleni ngenxa yokuthi i-Ozyn Academy yadlalisa abadlali beMilford FC. 

I-Ozyn Academy iqembu elingaphansi kwayo iMilford FC edlala kuMotsepe Foundation Championship. 

Kwezithinta iStone Breakers kaScelo Gumede, kuvela ukuthi isimo asisihle neze njengoba abadlali nabaqeqeshi bengakhokheliwe.

Scroll To Top