OwoSuthu umincele ukuba oNgangezwe Lakhe atheleke enkundleni



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isitobha sa-AmaZulu FC uRamahlwe Mphahlele uthandazela ukuthi sigcine sifikile enkundleni ngeSonto, ISILO uMisuzulu Sinqobile KaZwelithini njengoba sasibathembisile ngesikhathi besivakashele oPhongolo emasontweni edlule.
NgeSonto azotholana phezulu neKaizer Chiefs emdlalweni womlenze wesibili weMTN, eMoses Mabhida Stadium. Kwenzeka lokhu nje ngoMgqibelo ozayo kuyo le nkundla ISILO sizobe sizonikezwa isitifiketi nokulindelwe ukuthi kube khona izinkulungwane zabantu abaqhamuka ngisho nangaphandle.
“Ukufika kweSILO kuzoba isikhuthazi esikhulu kuthina ukuthi siwunqobe lo mdlalo. Kuzokwenzeka kahle ngoba ngempelasonto ezayo sizobe siyomukela isitifiketi saso. Thina singamabutho AmaZulu FC sizimisele ukumhlonipha, ngokunqoba lo mdlalo” kusho uMphahlele.
La maqembu aya kulo mdlalo ayalingana njengoba kumlenze wokuqala aqeda ebambene ngegoli elilodwa nhlangothi zombili. Ngalokho izinto zivuna uSuthu kwazise lashaya igoli ekuhambeni, nelavalelwa phakathi uGabadinho Mhango.
UMphahlele ubalule ukuthi leli qembu likaSandile Zungu, lingelinye lamakhulu kwi-Premier Soccer League (PSL).
“AmaZulu FC kuwafanele ukuthi ahlezi efinyelela kowamanqamu, ayiqembu elikhulu kakhulu lapha eNingizimu Afrika. Lokho akutshengisile ngokuthi angene kwiCarling Black Label, lapho kade kuvotwa khona agcine ebalwa namane amaqembu avotelwe kakhulu. Akumele kodwa egcine ngokuba makhulu ngokulandelwa, kumele athole amaphuzu aphinde anqobe nezinkomishi” kusho uMphahlele.
Lesi sitobha esidabuka eLepelle-Nkumbi, eLimpopo kulindeleke ukuthi sisebenzise amava aso njengoba sibalwa nabanye abadlali asebehambe ibanga elide kunobhutshuzwayo. Usedlale iminyaka eli-15 kuPSL, njengoba aqala ukudlala ngonyaka wezi-2007 kwiMoroka Swallows, uke wagijima kwiMamelodi Sundowns, iPretoria University (Tuks) nayo iChiefs.
Mayelana namalungiselelo alo mdlalo uthe: “Emdlalweni emibili edlule sidlale kahle kakhulu inkinga asiwatholanga amaphuzu agcwele, lokho sisebenza phezu kwakho ngoba ngeSonto asifuni kube khona iphutha esilenzayo ngoba siyazi siyobhekana neChiefs elabembele isicoco njengoba sekuphele iminyaka ingafaki lutho ekhabetheni layo. Okumele sikwenze njengeqembu ukubambisana ukuze sizophumelela” usho kanje.
“Iqiniso ukuthi siyazi abalandeli beChiefs bazobe bephume ngobuningi, yize kunjalo kodwa kumele sikutshengise ukuthi sobe sidlala ekhaya. Ngeke sivume ukushayelwa esibayeni sethu” kubeka uMphahlele.
Uphinde waxwayisa ozakwabo ukuthi baqaphe abadlali baphambili ngehlo lokhozi, lapho ubala uKeagan Dolly, u-Ashley Du Preez, uKgaogelo Sekgota noKhama Billiat asambala njengomdlali ohamba phambili kuligi yalapha eNingizimu Afrika.
IChiefs eza kulomdlalo ngaphambi kokuthi idlale ngokulingana neTS Galaxy ngoLwesithathu, ibhekene nomqansa wokuqeda ishobolo leminyaka eyisikhombisa yagcina ukunqoba isicoco.
Komunye umdlalo ozokuba kusasa i-Orlando Pirates neSundown, uzobanjelwa eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Kumlenze wokuqala emdlalweni owabe use-Orlando Stadium, la maqembu abambana ngeqanda ngapha nangapha.
Eza kulo mdlalo nje ahambela phezulu njengoba enqobile emdlalweni wayo weligi, iPirates ihlule iLamontville Golden Arrows ngamabili eqandeni, iSundowns yahlula iMarumo Gallants ngelilodwa eqandeni.
UMonnapule Saleng wePirates nguye ozobe ebhekwe ukuthi agqame kulo mdlalo njengoba kowe-Arrows evalele phakathi amagoli amabili, nasemdlalweni womlenze wokuqala wagqama waze waginqa phansi u-Andile Jali.
Amaqembu azonqoba kulo mdlalo azotholana phezulu mhla zinhlamu kuLwezi, eMoses Mabhida Stadium.