Izwi lokugcina: Owezi-2021 kube ngunyaka womvoti kuleli



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
INingizimu Afrika inomlando omude womzabalazo. Lokhu kusuka ngesikhathi lapho umzabalazo lona usaholwa wuBukhosi namafelankosi kuze kube yisikhathi lapho sekunezinhlangano zombangazwe. Ingxenye enkulu ngeyaboHlanga bezabalazela phakathi kokunye lokho okungamalungelo abo. Lamalungelo angahlukaniswa izigaba ezahlukene kepha onke ancike emthethweni eyamukelwe umhlaba wonke nokungamalungelo esintu. Elinye lala malungelo yilelo lokuziqokela uhlobo likaHulumeni ofisa likuhole ekwenzeni inqubomgomo kanjalo nasekuletheni izidingo. NgokoMthethosisekelo wezwe namuhla, mibili imilenze lapho umvoti eba khona namandla okukhetha, kukuzwelonke lapho kuqhamuka khona iPhalamende eliqoka uMengameli. Umlenze wesibili kuba yilowo woHulumeni Bendawo nayilapho kwakhiwa khona imikhandlu.
UHulumeni Wendawo uhlala uwumkhathi wombuso oyinkimbinkimbi futhi unezinto eziningi eziguqukayo kunakwezinye izindawo. Usondelene kakhulu nezidingo nokulindelwe yimiphakathi. UHulumeni Wendawo othuthukayo ugxila entuthukweni yenhlalo nasekukhuleni komnotho ngokwakha amathuba emisebenzi nasetshalwenimali, uhlinzeka izinsizakalo njengokuqeqesha amabhizinisi amancane nokutholela ababekhishwe inyumbazane izindlela zokungena emnothwenimvama. Ukudidiyela nokulawula imisebenzi yababambisene kuHulumeni Wendawo ukuze banikele ezinhlosweni zokuthuthuka kunokusebenza ngawedwa.
Ukhetho loHulumeni Bendawo obelungoLwezi luveze isithombe esithile hhayi kuphela ngesimiso sezwe uma kufikwa kupolitiki kepha nangesimomqondo sabavoti. Kulokhu abavoti cishe bawo wonke amaqembu bagile izimanga. Kusuka kulabo abavote ezikhungweni kuya kulabo abavote nangezinyawo zabo (abaqome ukungayi kovota), umlayezo ube sobala ukuthi manje umvoti useyakhuluma, usenombono futhi uyazi ufunani.
Iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) kubukeka kuyilo elithole ulaka lwabavoti njengoba zombili izinhlobo zabavoti zigadlile kulo. Kulabo abahambe bayovota bavotele amanye amaqembu kwathi labo abekade belidinelwe leli qembu neningi labo kungamalungu nabalandeli balo baqoma ukungayi. Lokhu kulilahlekisele kakhulu leli qembu njengoba libuye langena ehlazweni lokulahlekelwa ngamandla emikhandlwini emikhulu nenemali kuleli. Lapho ibuyele khona ibe isilekelelwa ngamanye amaqembu njengalapha eThekwini lapho noma leli qembu liyaphefumula kuze kwaba ngenxa yamaqembu amancane.
Kanti okunye okuvele njengesifiso sabavoti ngisho nakuwo amaqembu amancane ngesokuthi kungakuhle kubanjiswane kungabi khona iqhude komasipala. Yize lokhu kwenzinye izindawo kukhomba ingozi njengoba ukuncikisana kwamaqembu kungasho ukuthi mhla kungabonwa ngasolinye kubhidlike konke, lapha umvoti ubukeka emile ekutheni akusetshenziswane. Kanti kwezinye izindawo njengaseDumbe umvoti ushintshe izandla waqinisekisa ukuthi unika abanye ithuba njengoba iNational Freedom Party (NFP) isiphethe uMkhandlu ngaphansi kweMeya uMnu uMkhabela.
Ukwethenjwa kukaHulumeni
Ukuvota lokhu kwabuye kwavusa enye inkulomo endala nebide ivela nxa kucwaningwa. Le nkulumo ingokuthenjwa kwezinhlaka zikaHulumeni. Ngokwemiphumela yocwaningo yeSA Reconciliation Barometer (SARB) yezi-2017 neyezi-2019, ukwethenjwa kwezakhiwo zombuso (uHulumeni, iPhalamende, uHlelo Lwezemithetho, uSARS, uSAPS, iNkantolo YoMthethosisekelo, oKlebe, iNPA) babangaphansi kwama-50% ngaphandle kweSABC eyathuthuka isuka kuma-51% kuya kuma-58% ngaleyo nkathi. Ngaphakathi kuHulumeni ukwethenjwa koHulumeni Bendawo kwabangama-34% kungaphansi kwalokho koHulumeni bezifunda okungama-36% nokukaHulumeni kazwelonke okungama-42% ngowezi-2019. Ukwethenjwa okungokwesikhathi esithe xaxa kuHulumeni kusuka ngowezi-2003 kuya kowezi-2018
kowezi-2018 kutholakala kwaHuman Sciences Research Council (HSRC) ngokusebenzisa iSouth African Social Attitudes Survey (SASAS), ekhombisa ngokusobala ukuthi ukwethenjwa kuHulumeni kazwelonke bekuphezulu kunalokho kohulumeni bezifundazwe nabezindawo eNingizimu Afrika (yize bekulokhu kwehla ukwethenjwa kukaHulumeni kuyo yonke iminxa). Lolu khondolo luyehluka kulokho kwakwamanye amazwe lapho ukwethenjwa koHulumeni Bendawo kwakuphezulu.
Okunye okuvelayo ocwaningweni wukuthi ukusebenza ngendlela kukaHulumeni ukunikezela izinsizakalo ezakhamuzini kuyisisekelo sombuso ozinzile. Kuhlangene nezinhloso zikaHulumeni ukuzibophezela, ukubeka obala nokusebenzisa inqubomgomo yomphakathi ngokwethembeka, ukungachemi nokuzinikela ekuthuthukiseni imiphumela kuba nomthelela ohlangene oqinisa ukwethenjwa yizakhamuzi nalabo abasezakhiweni zikaHulumeni. Ukwethembeka kuyinqubo futhi kuwumphumela wokusebenza kukaHulumeni.
Ukwethenjwa kwamaqembu
Ngokocwaningo lwabe Afrobarometre olwaziwa nge‘South Africans’ trust in institutions and representatives reaches new low’ noluhlanganiswe nguMikhail Moosa noJan Hofmeyer, luthi: Njengezakhiwo zombuso, amaqembu ezombusazwe abelahlekelwa ukwethenjwa ngabaseNingizimu Afrika. Kuze kube ngowezi-2011, iningi ebelibambe iqhaza ocwaningweni lithe lethemba kakhulu iqembu elibusayo i-ANC ‘kancane’ noma ‘kakhulu’ kodwa manje lokhu sekwehlile kusukela ngaleso sikhathi, lokhu kuhambisana nokwehla kwamavoti e-ANC kuzwelonke kusukela ngokhetho lwezi-2004. Manje ingxenye eyodwa kwezine ethi ithanda i-ANC okungama-27% ezakhamuzi, abangaphansana kukahhafu wangowezi-2011 okungama-61%.
Ukwethenjwa emaqenjini aphikisayo akukaze kweve ngaphezu kwama-40% okumanje kukuma-24% okusikisela ukuthi amaqembu aphikisayo ehlulekile ukwenza okwehlukile kuneqembu elibusayo. Ukwethenjwa eqenjini elibusayo kunamandla ezindaweni zasemakhaya kungama-32% kunasemadolobheni lakungama-24% kanti amadoda angama-295 ayalithemba kunabesifazane abangama-24%. Amazinga okwethenjwa akhula ngokweminyaka nangokwamazinga obubha. Kwehle kakhulu ngokwamazinga emfundo, kusukela ema-60% kulaba abayanga esikoleni kuye kufike ema-18% kulabo abaya esikoleni baze baba nemfundo engaphezu kweyasesekondari.
Lezi zinombolo kanjalo nokungalubhadi kwabanye okhethweni nokwenze kwehla isibalo sabavoti kuhlonze lokho okuvezwa wucwaningo. Amazing aphansi okwethenjwa kwezakhiwo zomphakathi eNingizimu Afrika kuyinkomba yobuthakathaka bezimiso ezidemokhratikhi. Ngaphezu kweminyaka engamashumi amabili edomokhrasi kodwa kunobubha, ukungalingani, nobugebengu obulokhu buyinkinga njengoba isethembiso sedemokhrasi yaseNingizimu Afrika kusafanele ilethe intuthuko ebonakalayo kubantu abaningi. Ngaleli liso, abantu abaningi (67%) baseNingizimu Afrika bangavuma ukhetho uma uma uHulumeni ongakhethiwe ungaletha ukuvikeleka, imisebenzi nokuhlaliswa. Lokhu kuwumbono wabaningi njalo uma kwenziwa ucwaningokusukela ngowezi-2006, kodwa ngowezi-2021, kubandakanyeka izingqinamba zezempilo nezezomnotho okwadalwa wukhuvethe isibalo ‘sabangavuma’ ukuhlukana nokhetho olujwayelekile ngoHulumeni ongakhethiwe kodwa osebenzayo senyukele kuma-46%.
Zonke lezi zibalo zifakazela lokhu okwenzeke okhethweni lwangoLwezi lapho izibalo zabavoti zehle kakhulu. Uma lokhu kuqhubeka kusobala ukuthi ukuya phambili umvoti waseNingizimu Afrika useyawuqonda umdlalo wepolitiki nokuthi useyazi ufunani kubaholi bakhe. Lokhu kube sobala kulo nyaka.