Now Reading
Umsindo kudlula amahora isikhungo sokuvota sivaliwe
Dark Light

Umsindo kudlula amahora isikhungo sokuvota sivaliwe

Kuthe kuvulwa ezikhungweni eziningi zokuvota esiFundeni iTheku olayini bese bebade abantu belangazelela ukuvota.

Kwezinye izikhungo kudingeke ukuthi kuze kungenelele umphakathi ubona kudlula ihora lesikhombisa kungenamnyakazo. Isikhungo sokuvota esikoleni iPrimrose Primary eSiphingo kuze kwashaya ihora le-8 kungakavulwa. Abantu abebelinde kolayini kusuka ekuseni bagcine sebephelelwa isineke befuna abaphethe kwa-IEC esiFundeni bachaze.

Kwezinye izikhungo njengaseZimbokodweni, KwaMakhutha ezikoleni iGugwini Primary, iJaja Memorial ukuvota kuqale ngesikhathi, abantu bekuthakasela abanye bexoxa nokuthi bazovota kanjani. “Sengivotele iqembu elilodwa iminyaka eminingi, kulokhu kungokokuqala ngivota ngokwehlukile,” kusho uMnu uMzi Ndlovu wasePulangweni ngaphandle kwelokishi KwaMakhutha.

Scroll To Top