Now Reading
Idlisa ngobuhle nobuchwepheshe iKia Picanto yesimanje
Dark Light

Idlisa ngobuhle nobuchwepheshe iKia Picanto yesimanje

Eminyakeni eyevile kuma-20 ngibhala ngezimoto eNingizimu Afrika uba lula umsebenzi wami uma ngizoba yingxenye yomsebenzi wokethulwa kwemoto ngoba luningi ulwazi okwazi ukuluqokelela. Lapho uthole nethuba lokuxoxisana neziphathimandla zenkampani ekhiqiza lolo hlobo lwemoto esuke yethulwa, uphinde usizakale ngokuphenduleka kwemibuzo eminingi ebingeke yaphenduleka uma ubungekho lapho. Yize ngingabanga yingxenye yokwethulwa ngokusemthethweni kweKia Picanto entsha eKapa ngenyanga edlule, iziphathimandla zale nkampani zenze isiqiniseko sokuthi yimi ozibula ngokuyivivinya kwelikaMthaniya.  

Empeleni imoto engadinge kwethulwa kuleli ngoba yatheleka okokuqala ngowe-2004, yazitholela indawo ezinhliziyweni zabathengi. Engikuqaphelile zisuka nje ukuthi kusewumncanyana, ngesikalo isalingana ncamashi naleyo yokuqala ngoba ukuvuleka ingu-1,595mm, ukuya phezulu ingu-1,495 mm. bese kuthi ukululeka ibe ngu-3, 595. Angikusho zisuka nje ukuthi bayishintshile kusuka phansi kuya phezulu. Ingaphambili lithe ukucija yase ikakwa  ngamalambu ahamba ehlele ngezansi. Uma uyibonela ukude ingaphambili layo lizokudida uzitshele ukuthi ngenye yezimoto ezinkulu zakwaKia njengoba ingaphambili selifana ncamashi nazozonke izimoto zale nkampani yaseSouth Korea. Cishe ingaphambili lonke lenziwe kabusha kusuka kobhampa kuya kwibhonethi. 

Ingaphakathi lePicanto

Ngemuva benze esifanayo ngokuhlela kabusha itailgate namalambu nobhampa abatebhisile. Lolu hlobo ebengihamba ngalo olusesigabeni esiphansi iLX. Ngikuqaphelile ukuthi amasondo aphuma namawheel cap angakudida uma ukude. Angibange ngisachitha sikhathi ngashaya ukhiye yavuleka ngasho phakathi. Isihlalo somshayeli siyakwazi ukuhlehla ibanga elide ukuya ngemuva naphambili ngaphandle kokuphazamiseka kwabanye abagibeli. Yize incanyana ukhiye wayo uwugqinsi olunesiythunzi.

Iyi-remote central locking, ukuyivula nokuyivala uchofoza ukhiye. Amawindi asebenza ngogesi ngemuva nangaphambili. Iphuma ne-airconditioner, umsakazo ongakwazi nokuwulawula esiteringini. Phakathi nendawo bathe chwa itouchscreen esisebenza ngokuthi utitoboze mbijana esingu-8 inch esikwazi ukuxhuma i-Apple CarPlay ne-Android Auto. Lokhu nje kukodwa kuyenza izihlulele kude ezinye izimoto ngobuchwepheshe. Iphuma nekhamera elekelela umshayeli ukubona uma ihlehla okuwubuchwepheshe obuyingxenye yokuphepha. 

Bekungakuhle ukuthi kwaKia bengeze iwipher langemuva kulo mncanyana ukwenza izinto zibe lula. Ebesihamba ngayo iphuma nenjini engu-1.0 litre ekhiqiza amandla afinyelea ku-49kW, kanye netorque engu 95Nm. Iphuma nogearbox oshintshwayo ngu 5 speed. Emgwaqeni ilapho ufike ubone ukuthi kwaKia bawenze ngempela umsebenzi wabo kule Picanto ngoba iyashibilika, futhi namagiya angena kalula okwenza isandla singasuki egiyeni ude uyixova noma isidingo sesingasekho. Igiya lesithathu-3 ngikuqaphelile ukuthi liyakwazi ukubekezela lidonse ibanga elide ngisho isifika ezindaweni eziyimiqansa.  

Izihlalo zayo ziyindwangu egqize ngombala omnyama okwenza kube lula ukuzihlanza nokungadonsi kalula ukungcola. Amasondo angu 14 -inch bese iphuma ne-ABS nama-airbag amabili angaphambili. Ngiyithole iwubukhosi kuphethroli ngoba ngebanga lika-100km  idla amalitha angu-5 kuya ku-5,2 okuwuhlobo lwemoto edingakalayo kulesi sikhathi sanamuhla sokwenyuka kukaphethroli.

Emgwaqeni ovulekile kulula ukuzithola sewuphula umthetho ngoba ijubane eliphezulu ligcina ku-155km/h. Isitering sincane kahle sase sigqiza ngesikhumba negiya lakhona. Indaba ifike yaba sebhuthini lapho sengimele ngilayishe impahla. Isikhala sebhuthi singu-233 litres simumatha impahla encane kakhulu kudingena uze usebenzise izihlalo zangemuva uma unempahla eningi. Uma uzodidwa ukuthi uyibona incanyana ushaye phansi iKia Picanto iphelele iqedile ekuselona lolu hlobo olwalubizwa ngokuthi ama-starter pack okwabe kuyizimoto ezincane ezingenazo izinto eziningi.

See Also

Intengo: R260, 995

Intengo yeKia Picanto ihambisana newarranty yeminyaka emihlanu namakhilomitha angenamkhawulo kanjalo neService Plan yeminyaka emibili okanye ibanga lika-30 000km.

Kafushane ngezinto ezitholakala kwi-LX:

  • Iphuma ne-ABS 
  • Ama-airbag amabili 
  • Obhampa abagqize ngombala womzimba
  • Amasondo aphuma namawheel cap 
  • IRemote central locking ne-immobilizer
  • Iscreen esingu 8-inch touchscreen esiphuma neBluetooth, i-Apple CarPlay & Android Auto nekhamera
  • IKeyless entry
  • amawindi asebenza ngogesi 
  • I-Airconditioning
  • I-USB-C port
  • Idonsa ngamagiya amahlanu.
Scroll To Top