Now Reading
Iyakudlana intengo yamaqili kuMasipala wakwaNongoma
Dark Light

Iyakudlana intengo yamaqili kuMasipala wakwaNongoma

Zingase zibe sobishini  izikhulu zikaMasipala waKwa-Nongoma ngaphansi komkhandlu iZululand enhla nekwa Zulu-Natal

 

Lezi zikhulu zisolwa ngomgunyathi kanye nenkohlakalo emayelana nohlelo lwezindlu zomxhaso kahulumeni .IBAYEDE isingakuqinisekisa ukuthi uMnyango wokuHlaliswa kwaBantu oholwa ngu-Mhlonishwa u-Ravi Pillay uthathe isinyathelo  sokujuba uphenyo olunzulu ngokubambezeleka kohlelo lokwakhiwa kwezindlu zomxhaso, i-Siyazama Rural Housing Project olwaluzohlomulisa umphakathi ontulayo oSuthu kwa-Nongoma.

Lolu hlelo olukhulukazi lokwakhiwa kwezindlu zomxhaso eziyi-1000 kwakumele luqale ngonyaka ka-2007 luphothulwe ngo-2012 nokuyinto okuthiwa kayikenzeki  kuze kube yinamuhla. Izinsolo zithi ukwenzeka nokuphumelela kwalolu hlelo kunqindwe yinkohlakalo ehlanganisa umgunyathi wezinkampani kanye nokugwazisa  okuthiwa kuqhutshwa yizikhulu ezithize eziphezulu zika-masipala kanye nabaholi abathile be-National Freedom Party (NFP).

Ngokuthola kwe-BAYEDE (okuhlanganisa incwadi eyathunyelwa eMnyangweni kanye nokukhuluma gqo nabathintekayo), izikhulu  zikamasipala zanqamula inkontileka yenkampani  I-FIDECO Homes esebenzisana ne-Magxabhashe Construction nokwakuyiyona eyayithole ithenda yokwakha lezi zindlu ngoba abaphathi bayo benqabe ukugwazela izikhulu ezithile zalo masipala okubalwa kuzo nomholi oqavile weNFP.

Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, uMnu Mbulelo Baloyi ukuqinisekisile ukuthi bafuna izincazelo ku-Masipala wakwa-Nongoma ngokumiswa kwenkontileka i-FIDECO Homes ne-Magxabhashe, ngoba ayikho incwadi evela kulo masipala echaza ngezizathu zokumiswa kwale nkampani. “Ngomhlaka we-6 ku-Nhlaba wango-2013, izikhulu zoMnyango wakwa-Nongoma, okubalwa kubo ne- Meneja kaMasipala,  u-Mnu Bonga Ntanzi kanye noMnu Irvin Barnes bazisa uMnyango ukuthi sebeyinqamulile inkontileka ye-FIDECO Homes ne-Magxabhashe ngoba yehlulwa ngumsebenzi,’’ kusho uMnu Baloyi. Uqhuba uthi lezi zikhulu zikamasipala zathi isizathu sokunqanyulwa kwenkontileka yale nkampani i-FEDECO wukuthi ihudula izinyawo ukuqeda umsebenzi.

“Kodwa okuxakayo wukuthi ayikho incwadi abayithumelela uMnyango ngokunqanyulwa kwale nkontileka. Namanje sisayilindile le ncwadi njengoba babethembise ngo-2013,’’ Kuqhuba uMnu Baloyi.

Uqhube wathi lesi senzo sikamasipala sokungayithumeli  incwadi edingeka eMnyangweni sekube nomphumela omubi njengoba sekuholele ekubambezelekeni  kokwakhiwa kwalezi zindlu zomxhaso oSuthu. “Manje lokhu sekwenze lolu hlelo lokwakhiwa kwezindlu oSuthu lusilele emuva yize lwaluqale kuqala kunezinye izindawo ezakhele uNongoma. Kubuhlungu ngoba lo mdonsiswano ongenasidingo phakathi kwezikhulu zikamasipala nabenkontileka yokhwakha uhlukumeza umphakathi waSosuthu osulinde isikhathi eside ukwakhelwa izindlu,’’ UMnu Baloyi uqhube wathi uMnyango wakhe usunqume ukuthi nawo manje ubambe iqhaza ekuqashweni kwezinkampani zokwakha. Ngeke kusaba ngomasipala kuphela abenza lokho ukuze sigweme izinkinga ezifana nalezi ezenzeka oSuthu.

UMnu Baloyi ube esephimisa amazwi ashaqisayo lapho ethi nxa le nkinga ingaxazululeki ngeke iqhubeke le ntuthuko oSuthu.

“Empeleni uMasipala wakwa-Nongoma awukwazi ukuqasha enye inkampani ezoqedela lo msebenzi ungakayilethi le ncwadi yokunqanyulwa kwenkontileka ka-FEDECO Homes ngoba uMnyango ngeke uyikhokhele leyo nkampani engaqashwa kungekho maphepha abhaliwe,’’ kuphetha uBaloyi. Ngokomthombo we-BAYEDE osondelene nalolu daba, enye yezinkampani zokwakha ebisiqashwe esikhundleni sika-FEDECO isiwulaxaze phansi umsebenzi wokuqhubeza lolu hlelo lokwakhiwa kwezindlu oSuthu ngoba ingakhokhelwe nguMnyango futhi kungekho zivumelwano ezibhalwe phansi ngokuqashwa kwayo.

Unyaka wezigigaba

Unyaka ka 2012 kwaba wukuphela kwephupho lokwenza umsebenzi nenzuzo ku-Nkk Claudette Keene. Le nkosikazi iyisikhulu senkampani i-FIDECO HOMES eyayithole ithenda yokwakha izindlu endaweni yakwa Nongoma. Ngokusho kuka Nkk Claudette Keene, amaphupho akhe kanye nenkampani aphela emuva kwesijeziso sokungaphumeleli ukugwazela izikhulu izindodla zemali. Konke lokhu kuqukethwe encwadini ayibhalela uMnyango nosekuthe ngenxa yophenyo lwe-BAYEDE kwavumbuka amahlazo amaningi ngokwenzeka komasipala kwaZulu-Natal.

UMnu Mbulelo Baloyi okhulumela uMnyango ukuqinisekisile ukuthi nembala, uNkk Keene wasifaka isikhalo nayefisa ukuba uMnyango umelekelele.  Uphinde wakuqinisekisa ukuthi ezinye zezinsolo wukuthi kwakukhona uhlelo lokugwaziswa kwezinkampani zokwakha okuthinta izikhulu zikaMasipala wakwaNongoma ngenhloso yokuxhasa ngezimali inhlangano ye-NFP ekuqhubeni  imikhankaso  yokhetho.

IBAYEDE inayo ikhophi yencwadi ebhalwe yi-FEDECO iyiqondise  eMnyangweni nokuyilapho yayichaza kabanzi khona ngokunqanyulwa kwenkontileka yayo kanye nokufunwa imali ewumgwazo ngesinye isikhulu sikamasipala esingumholi oqavile we-NFP. Le ncwadi yathunyelwa mhla ziyi-19 ku-Ncwaba 2013.

Incwadi ebhalwe ngabakwa-FEDECO ikhomba ukuthi  ziningi izingqinamba ababezidalelwa zikhulu zikamasipala wakwaNongoma ezaholela ekutheni bangakwazi ukuqhubeka nomsebenzi. “Ngo Mfumfu ka2012  mina nemeneja yami uMnuz Sipho Ncamane, saba nomhlangano no-Mnu Irvin Barnes kanye namakhansela  ukuzama ukuxazulula lezi zinkinga  ezazisiphazamisa ekuqhubekeni nomsebenzi. UMnu Barnes kulo mhlangano wangitshela ezinhlamvini zamehlo ukuthi isizathu esenza ngibe nezingqinamba esokuthi angivumanga ukugwaza,’’ kusho uNkk Claudette Keene.

UNkk Keene uqhuba uthi kwathi uma ephendula uMnu Barnes ukuthi ukugwaza kuphambene nezinkolelo zakhe wathi, “Leyo nkolelo yami kuzomele ngiyishiye ekhaya ezinganeni ngenze okwenziwayo. Wangitshela emehlweni ukuthi ngalena kwalokho ngizolamba uma ngingagwazi,’’ kuqhuba uNkk Keene.

Le nkosikazi ibe isiqhubeka iveza ukuthi ngokubona ukuthi insimbi iyashisa, yabe  isithatha isinqumo sokuba okungenani kuqhubeke uzakwabo uNksz Dudu Mbatha kanye no-Mnu Sibonelo Zondi benkampani Isiqu Consulting ngoba ecabanga ukuthi mhlawumbe uMnu Barnes uzobalalela bona ngoba bengabebala elimnyama.  Uthi inkampani ka-Mnu Zondi bayicela ukuba izobalekelela ngenxa yezinkinga ababezidalelwa yizikhulu zika-Masipala waKwaNongoma.

See Also

Ngakolunye uhlangothi UNksz Mbatha naye uzeka akwaziyo lapho  ethi emhlanganweni owawungomhlaka-6 ku-Nhlaba 2013 wabizelwa emhlanganweni owawusemahhovisi  oMnyango eThekwini nalapho izikhulu zikamasipala okwakungoMnu Barnes, Bonga Ntanzi oyi-Menenja ka-Masipala,  Zakhele Mbonane no-Nksz Nomkhosi Nxumalo abayizikhulu eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu oLund. Yibo abamazisa  ngokuthi inkontileka yabo isinqanyuliwe.

“Bathi isizathu sokunqanyulwa kwenkontileka yethu wukuthi sihudula izinyawo ekuqedeni umsebenzi nokuthi ngeke sisaqhubeka nawo ngoba uzakwethu u-FIDECO  Homes usehoxile,” kuqhuba uNks Mbatha nothi lezi zikhulu zikamasipala zenqaba ngisho esezichazela ukuthi basasebenzisana ne-FEDECO Homes kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. “Ekugcineni uMnuz Barnes wabhoboka wathi empeleni isizathu esixoshelwa sona wukuthi asifuni ukubagwazela,’’ kuqhuba uNksz Mbatha.

UNksz Mbatha uqhuba uthi wabe esecela okubhalwe phansi ngokunqanyulwa kwenkontileka yabo nokuze kube manje abakaze bayithole incwadi abebeyifunile kumasipala. “Yingakho lolu daba sigcine silubikele  uMnyango wezokuHlaliswa kwa-Bantu,’’ kusaqhuba uNksz Mbatha.

Ethintwa yi-BAYEDE, uMnu Barnes ongu-Mqondisi wakwa Technical Services kulo Masipala wakwa-Nongoma  uzichithe njengeziyimbudane zonke izinsolo zenkohlakalo ezenziwe nguNkk Keene noNksz Mbatha ngaye  nomasipala. “Ngumbhedo wonke lona abawusho ngathi. Uma kungukuthi sabagwazisa pho ababikelanga ngani iHhovisi loMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela?’’ kubuza  uMnuz Barnes nokubeke njengamanga aluhlaza ukuthi abakwa-FEDECO kabayitholanga incwadi yokumiswa kwabo.  Uphinde wakuqinisekisa ukuthi empeleni lolu hlelo seluya ngasemaphethelweni.

“Kade sabathumelela incwadi. Empeleni umhlangano wango-mhlazi-6 ku-Nhlaba 2013 kwase kungukugcwalisela nje ngoba inkontileka yabo sasesiyinqamule ngo-2012 ngoba behluleka wukwenza umsebenzi ababeqashelwe wona. ngumasipala,’’ kuqhuba uMnu Barnes. Ukuphikile futhi ukuthi umehlo kaboni lona kwakuwuhlelo lokuqoqela inhlangano ye NFP ayilungu layo. Kanti bebuzwa ngomhlangano,  o-Nksz Nxumalo beno-Mnu Mbonane abayizisebenzi zoMnyango, bakuqinisekisile ukuthi wabakhona mhla ziyi-6 ku-Nhlaba 2013. Nokho balile ukuphawula ngawo ngoba bethi abagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.

Emuva kokuthi uMnuz Barnes eveze ukuthi konke kuhamba kahle ngalolu hlelo , izindlu ziyakhiwa, IBAYEDE ibe isithinta amalungu omphakathi okuhlanganisa lowo onguSihlalo we-Siyazama Housing Project, uMnuz Mzikayise Masondo. Yena ukubabaze njengamanga ukuthi konke kuhamba kahle ngalolu hlelo. Uthe konke kumile.  Inkulumo ka-Mnu Masondo  ifakazelwe nangu-Dokotela Dumisani Khumalo onguSihlalo wo-Osuthu Tribal Authority. “Awu akukho okuqaliwe. Silindile phela kwazise sazi ukuthi uhulumeni unomlando wokuthatha kancane. Impela asikaboni ngisho lokhu okuthiwa yi slab okuyingqalasizida nxa kuzokwakhiwa,” kusho uDkt Khumalo .

UMnu Baloyi unxuse bonke abanezikhalo ezifanayo nezithinta inkohlakalo ukuba bazibike beze nobufakazi obubhalwe phansi futhi obufungelwe. Lokhu kuzokwenza kube negunya eliphelele lokuphenya nokubopha abenzi benkohlakalo .

Scroll To Top