ISilo uMisuzulu sesibize imbizo yaMakhosi ephuthumayo
Lo mhlangano ozokuba ngoLwesine oLundi, owokuqala wokudingida okubonakala ngenjemizamo kahulumeni, ukuthi kuphucwe aMakhosi amandla awo okusayina izimvume zokuhlala.
Lo mhlangano uzophinde ube yigxathu lokuqala elibheke ekubizweni kwe-ISIBAYA esizobe sihlanganisa wonke amaZulu eSigodlweni saKwaKhangelamankengane.
UNdunankulu Wesizwe, uThulasizwe Buthelezi, edalule ukuthi i-ANC ihlela ukuphuca uBukhosi phezu komhlaba ongaphansi kwe-Ingonyama Trust.
UButhelezi ubekhuluma ngoLwesine ngaphambi kokuqulwa kwalolu daba eNkantolo Enkulu yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu.
Uthe i-ANC ngomlomo kaNgqongqoshe Wezokubuyekezwa Komhlaba noKuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya uThoko Didiza, ifuna ukuphuca abaholi bendabuko amandla okusayina izimvume zokwakha ezaziwa ngepitiyoni (Permission to Occupy). Ipitiyoni inikeza isiqinisekiso, ngokubhala phansi, ukuthi umhlaba osetshenziswayo wabelwe isakhamuzi ngokusemthethweni
Umbango womhlaba we-Ingonyama Trust uqale ngesikhathi seSilo esebuzile uZwelithini kaBhekuzulu owaze wasabisa ngokuthi kuzoliwa impi yawo.
Lezi zinsongo zenzeka ngemuva kokuthi lowo owayeyiPhini likaMengameli uKgalema Mothlanthe ekhiphe umbiko wethimba lakhe owawuphakamisa ukuthi kuchithwe i-Ingonyama Trust.