Aphi amadoda? Lapho iNdlunkulu kaZulu izigwaza ngowayo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Akukho ukungabaza ukuthi umhla zili-12 kuNdasa nonyaka wafika kungekho owabe elindele ezweni. Lolu kwaba wusuku lapho iSILO, uMdlokombana aphefumula okokugcina wabe esebuza esibhedlela iChief Albert Luthuli eThekwini. Ukusabalala kwezindaba zokwebuza kweSILO kwananelwa kuwo wonke amagumbi amane omhlaba kwazise kwase kuphele iminyaka engaphezu kwama-50 kungekho okhothamile KwaZulu njengoba kwabe kugcine ngoyise, uBhusha.
Kwaba yimibuzo kuwo wonke umuntu owabe elindeleke ukuba enze okuthile ukuthi kumele kuqalwe kuphi. Kusuka esibhedlela lapho saphefumula khona okokugcina, eMakhosini nasezinduneni kuya kuHulumeni kuzwelonke akekho owayazi ukuthi uma lishonile KwaZulu kuthathwa kuthiweni. Ngisho abezindaba imbala babamba bayeka ngakho belu ngoba kwabe kudilike intaba kubo kungekho ofisa ukunyathela kabi.

Okwaqapheleka ngalesi sikhathi yimisebenzi iSILO esabe sibuzile esabe siwenzile okuwukubeka uZulu phambili, sokuwenza ube yinqanawe uhlonishwe ngisho yizitha. KuZulu ukuhamba kukaNomthebe kwaba sengathi kuthi; ‘Hlangana mihlathi eyazanayo’ njengoba kwala ngisho kunezexwayiso zokuthi izixuku kazifuneki ngoba zizobhubha ngenxa yokhuvethe kepha abadala nabancane benza njengokhokho babo endulo, bazidela besho khona ukuthi nxa befa bayobe befe kahle ngoba bayobe befela iNkosi yakwaZulu.
Baphuma nxa zonke beyoba neNdlunkulu futhi akekho owabe engabavimba. Ngenxa yalesi senzo akekho namuhla eNdlunkulu ongathi wazizwa eyedwa ngalesi sikhathi ngoba uZulu wathi bu wathula du uNongoma, wathi mbo kwaKhethomthandayo abeNkosi bafudumala.
Wonke lo muzwa wokuzigqaja uya ushabalala lokhu akwenziwa yisitha thizeni esivela kwelinye izwe kepha uZulu uzigwaza ngowakhe. Ukukhuluma kuzwakale ngesikhathi abeNkosi bekhuluma udaba lwezifiso zeNdlondlo ngekwabo kanjalo neSihlalo. Kusuka lapho uZulu uphenduke kwabanye uteku nje, kepha kwabanye kuqale iminjunju engechazwe ngoba kubo okwenzakalayo kugugula hhayi kuphela izifundiso zeSILO uMdlokombana kepha zehlisa nesithunzi seSihlalo esafungelwa ngezingazi zamadoda nabafazi bakaZulu.
Okuqaphelekayo nokuletha ukudumala neminjunju muva wukuphatheka kwamalungu aseNdlunkulu abehamba noMdlokombane. La malungu abeyizinsika zeSILO ezigabeni ezehlukene, besingezi okumqoka singabathintanga. Kulamagama kuphatheka eleNdlovukazi uMaZungu obegane iSILO uNyangayezizwe. UMntwana waKwaPhindangene obenguNdunakulu waso iSILO nosenguNdunankulu kaZulu. Abanye abathintekayo ngaBantwana bakaBhusha abazalwa naye uMdlokombane, uMntwana uThembi noMntwana waseKhwezi, uMbonisi bakaBhekuzulu. Okubi wukuthi aphatheka nje kunomsindo akukho ukuvumelana nokwamukelana ezindabeni ezithinta iSihlalo.
Okwamafa neSihlalo
Yize uma kukhulunywa noma kubikwa kuvela sengathi yinto eyodwa kepha selokhu kwathi nhlo, uZulu uyehlukanisa lokho okuyizindaba zegceke (ezithinta okwansuku zonke kwaseNdlunkulu) kanye neSihlalo. Kwaba ngenxa yalokhu kuqonda uZulu ungaphakamisanga izinhlonzi nxa kuthiwa kunencwadi yamafa eyabe ikhuluma ngokuthinta igceke. Lapha uZulu wazi ukuthi kangeni kepha zindaba zeNdlunkulu.
Osekulishwa wukuthi ukukhuluma nomsindo sekukapakela nakuso iSihlalo. Cishe wonke amasonto sekuvela imibiko noma kube khona izithangami nabezindaba nayilapho ezithinta iSihlalo zithinteka nakhona zimbozwe ngumsindo. Okokugcina nje kube yizithangami ezimbili ezishiyane ngosuku. Esokuqala kube yileso ebesibizwe nguNdunankulu kaZulu, uMntwana waKwaPhindangene eKwaKhangelamankengane. Esesibili kube ngesibizwe ngaMazinyane eSILO esikhotheme kanye naBantwana uThembi noMbonisi sona besiKwaKhethomthandayo. Kuzo zombili izithangami luqaphelekile ufa.


Esithangamini soMntwana waKwaPhindangene, uShenge ubikele isizwe ngathe akuhambanga kahle. UShenge uthe ukwenziwa komsebenzi ohlanganisa ihlambo nokugezwa kwezikhali zeSILO akukwazi ukwenzeka ngaphandle kwendlalifa esesihlalweni.
“Lo msebenzi owokuphela kwesikhathi sokuzila ngokusemthethweni futhi okuvumela oNdlunkulu beSILO ukuba bakhumule inzila. Izinsuku ebezibekiwe bekuwumhla zili-16, zili-17 namhla zili-18 kuNhlangulana ngowezi-2021. Ngeshwa, iSilo uMisuzulu besinokudunguzela okwenze lezi zinsuku zibe nokungabazeka. Ngimangele uma ngithinta iNdlovukazi mhla zili-16 kuNhlangulana ngathola ukuthi unamalungu aseNdlunkulu okukhona kuwo aBantwana uMbonisi, uLindi, uVulindlela noMxolisi, nokuthi isinqumo sithathiwe ukuthi kuqhutshekwe nehlambo singekho iSilo,” kuchaza uShenge.
Uqhubeke wathi: “Bekungafanele lokhu kwenzeke indlalifa ingekho ngoba akekho onelungelo lokuthatha izikhali zeSILO ukuba ziyogezwa ingekho indlalifa. Uma ngikuveza lokhu kuyo iNdlovukazi iphuthume yenza isimemezelo, emalungwini eNdlunkulu abe nayo, esithi ukuphosa inyamazane ukuze kugezwe izikhali zeSILO ngeke kusaqhubeka. Le micimbi yomibili ibizohlukaniseka, ukuphonsa inyamazane bekuzokwenzeka ngokugunyazwa yiSILO sikhona naso,” kuchaza uMntwana nothe njengoba kungaqedwanga nje kusazohlelwa olunye usuku.
Ngakusasa esithangamini ebesikwaKhethomthandayo, aBantwana beSILO nabakaBhusha basho okunye. Ephawula ngomsebenzi weSILO nathe uhambe kahle nokuphikisa okushiwo nguShenge, uMntwana waseKhwezi uthe :
“Angicabangi ukuthi izindaba ezithinta ihlambo leSILO esikhotheme zithinta abezindaba, kodwa njengomndeni besinohlelo oluzalandelwa mayelana nehlambo leSILO kuhlanjululwa izimpahla zaso. Silandele lokhu ngokwesiko leSihlalo,” kusho uMntwana uMbonisi.
UMntwana uThembi yena uthe akukabi naNkosi kwaZulu nakho okuphiksa lokhu uNdunakulu kaZulu akushoyo nsuku zonke. Uthe yima isazobekwa iNkosi:
“Sizolandela uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika oshoyo ukuthi iNkosi iqokwa ibekwe kanjani. Sinohlaka olukhethayo eNdlunkulu, lolu olushiwo nguShenge alunawo amandla okukhetha,” kusho uMntwana uThembi.
Lokhu kukhuluma kuqinisekise ukuthi ukwehlukana akusekho nje kuphela emafeni nasezindabeni zegceke kepha sekuthinta iSihlalo ngqo. Lokhu kwengezwe nawukuvela kwezindaba zokuthi uMntwana uThembi nabanye sebeyingxenye yecala eliseMgungundlovu neliphikisa ukuthi yiSILO esabe sisayine encwadini yamafa. Kulokhu uMntwana uThembi ucashunwe ethi:
“Yebo sizifakile izincwadi ezifungelwe ezisekayo. Kulukhuni ukuninika isibalo samalungu aseNdlunkulu okuyiwona afake izincwadi ezifungelwe ezisekayo kodwa kukhona naBantwana bakaBhusha nabakaMdlokombane. Isizathu esenze ukuba sihlangane silwe ukuthi bekufanele sisukume uma aMazinyane eSILO uMdlokombane ethi kwaba nomkhonyovu ukusayinwa kwamaphepha. Lokho kungaba yiqiniso, ngokwazi kwabo,” kusho uMntwana uThembi.
Aphi amadoda?
Kulezi zinyanga ezintathu kulo mdonsiswano weNdlunkulu okwabezindaba kukhona okuqaphelekayo ukuthi akuzwakali ukuthi izinhlaka zoBukhosi (aMakhosi nezinduna) nesizwe jikelele, akukho lapho kuvela ukuthi bayathinteka noma bayaphawula ngeSihlalo. Lokhu kwehlukile kunalokho okwabe sekwakhiwe nguMdlokombane owayexwayisa ngobungozi. “bokuhlukanisa inhloko nomzimba”. Lapha Omdala wayekuchaza ngokuthi iSihlalo singephile, singevikeleka uma sehlukene nomzimba okungaMakhosi nesizwe. NeNdlu YaMakhosi akuzwakali ukuthi ithini ngeSihlalo esesijivazeka.
Ekhuluma okokugcina ngesikhumbuzo sempi yaseSandlwana ngowezi-2020 Omadala wathi ngeNdlunkulu neSihlalo:
“KuNdlunkulu kaZulu yesikhathi sami ekhona nedlulile ngikhulekela ubunye ngokwazi ukuthi uma ilula yona nami ngiba lula nesizwe sibalula. Kuyo Simakade hlumelelisa ubuqotho, ukuzazi nokuzihlonipha. Buyisa isithunzi seNdlunkulu kaZulu, kwabancane bayo tshala lokho owakutshala kithi okuwuthando, ukuhloniphana nokuzwana. Simakade ngibeka lesi Sihlalo sakho owasiboleka uZulu. Usume naso kuzo zonke izivunguvungu. Wama naso sebefungile ukuthi ngeke siphakame. Siphakamise Simakade nangalesi sikhathi. Singesakho njengoba noZulu kungowakho. Yima nabama naso, ulwe nabalwa naso ngoba singesakho,” kusho ISILO.
Ngobumqoka bemindeni kaZulu nokuxhumana kwayo neSihlalo sasithi: “Umlando wethu uyasivezela ukuthi uBukhosi engiyinhloko yabo busekelwe imindeni, lokhu kwenza isakhiwo somndeni sibemqoka noma sibe umongo kaZulu. Endulo imindeni yiyo eyayikhiqiza amaqhawe empi, amadelamzimba. Izintombi lezi esizobe sizamukela kusasa selokhu kwathi nhlo, zivela emndenini”.
Lenkulumo yabe ibeka abantu nemindeni phambili kuzo zonke ezithinta iSihlalo.
Izinduna kwaZulu naseGoli nezingathandaka ukuba zibizwe ngamagama zikubekile ukukhathazeka kwazo ngalokhu nezithe kuziphindisa emuva.
“Njengezinduna sithola imiyalezo engafani, sizwa ukunyundelana asizwa indlela eya phambili. Mina nje ngesaba ukuthi konke lokhu okwenziwa yiSILO kokusihlanganisa kungahle kubhidlike,” kusho enye induna. Enye ithe kuze kwahlehla nomsebenzi abebewuhlele eGoli ngoba kuthe kusalungiswa kwafika olunye uhlangothi lwaseNdlunkulu lakuchitha lokho. Kanti ezinye zithe zifonelwe ngesonto eledlule ziphume inqina zelulekwa ukuthi zingalokothi ziye lapho.
ElaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi encwadini yamafa uMdlokombane waphawula ngohlaka iRoyal Council nathi kumele ibe yingxenye yezindaba ezithinta iSihlalo.
Abukho ubufakazi obuthi sekuke kwaba nokuthintana nalo kulezi zinyanga ezintathu. Okwamanje okuningi isizwe sisezwa ngabezindaba. Khona lapho elaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi ukuzazelana kweNdlunkulu sekudale inkulumo mpikiswano nasesizweni njengoba abanye beseka uMntwana wakwaPhindangene abanye baseka uMntwana uThembi noMntwana uMbonisi.
Lesi simo sinobungozi bokungahloniphani nokungahlonishwa kweSihlalo. Okwenzakalayo kungahle kwenze lokho okwehlula abahlaseli bamaNgisi noHulumeni wobandlulo kube lula njengoba uZulu eqhubeka ezigwaza ngowakhe.