Indlu yegagu iyanetha



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Okwenzeka eqembini elikhulu eliphikisayo kungase kuthikameze umkhankaso walo wokuwola oMasipala abakhulu ngonyaka ozayo
KWAKE kwakhona isikhathi lapho isithombe esagqama ngenhlangano yeDemocratic Alliance (DA) kwakuyileso seqembu elingenzi maphutha neliqaphe uHulumeni ngeso lokhozi. Ezindlini zabezindaba kwakwaziwa ukuthi njalo ngezimpelasonto, ikakhulukazi ngeSonto kuzoba khona isitatimende esikhishwe yile nhlangano ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kayipheli emehlweni nasemicabangweni kwabantu baseNingizimu Afrika. Kwakungagcini lapho ngoba abaholi bale nhlangano ePhalamende naseZishayamthetho nabo babevutha bengabaselwe bededela amangwevu enhlanganweni ebusayo. Kungalesi sikhathi lapho amagama afana nabaholi abanjengoMnu uTony Leon noMnu uDouglas Gibson, uMhlonishwa uHelen Zille kanye noNks uLindiwe Mazibuko bagqama khona. Ngokungangabazisi lezi kwakuyizikhathi ezimnandi zeDA nezayilethela abavoti abaningi.
Ngonyaka wezi-2015 kubukeka le nhlangano yehlelwa ngumdlandla futhi ibhekana nezingqinamba ezinkulu njengeqembu eliphikisayo. Lokhu akukhona nje ukuthi isinomholi omusha kepha kuphithene nakuwo amalungu, okwenza abanye balibeke ngembaba elokuthi “iDA ayisefani”.
Izinkinga ezikhungethe leli qembu zisuka emaphutheni enziwa wubuholi bayo kusuka kuMengameli wayo uMhlonishwa uMmusi Maimane kuya elungeni layo elisanda kuba sezindabeni uNkk uDianne Kohler Barnard nowayesolwa ngobuhlanga. Zonke lezi zigameko zibukeka zifake leli qembu ingcindezi yokuthi kulokhu induku ishaye imviki.
Udaba lukaNkk Kohler Barnard lokubhala umlayezo kutwitter othi “kuhle ukuba uMnu uBotha owayenguMengameli wobandlululo, akabuye” lulandela okwenzeka ngoNhlaba nonyaka engqugqutheleni yaleli qembu eyayisePort Elizabeth. Lokhu kwenzeka emcimbini wokuhlonipha umholi wale nhlangano owayesethi khumu uNkk uHelen Zille. Lapha loyo owayengumhleli wephephandaba elihlonishwayo iRand Daily Mail uMnu u-Alister Sparks ancoma khona uMnu uHendrik Verwoed othathwa njengomsunguli wohlelo lobandlululo (apartheid). Yize uSparks engelona ilungu leDA inkulumo yakhe yaphoxa kakhulu le nhlangano yaphinda yengeza engcindezini yokuba iziqhelelanise nenkulumo kaSparks, nowagcina ehoxisile.
Lokhu okwenzeka kuDA kuyibuyisela emuva njegoba kuyithathe isikhathi ukuba izikhuculule insila yokuyanyaniswa nomlando kahulumeni wobandlululo. Ekhuluma neBAYEDE loyo ongumholi weDA KwaZulu-Natal, uMnu uZwakele Mncwango ukuvumile ukuthi ukulokhu belunjaniswa nezinkulumo ezinobandlulo kubabuyisela emuva. “Kuningi esikwenzile njengeqembu ukulungisa isithombe esingelona iqiniso sokuthi siyiqembu lobandlululo. Lokhu kufakazelwa nawukukhuphuka kwamalungu ethu amnyama kanye nokungenisa ezindaweni zaboHlanga. Ngakho lokhu okuvelayo kwenza izimbangi zethu zezombusazwe zisizakale futhi zibe mandla ekufafazeni imfundisoze ngathi.” kuphefumula uMncwango.
Yize engafisanga ukuphawula ngalolu daba, iBAYEDE ingakuqinisekisa ukuthi idokodo ebelihlanganiswe nguye uMcwango eliguqise uNkk Kohler Barnard. Ngokuthola koZul’Azayithole uNkk Kohler Barnard owayemele wuqweqwe lommeli u-Advocate uBarry Roux osamatheni kulezi zinsuku ngokumela uMnu u-Oscar Pistorius owabe esephunyukile. Yikho ayesenethezekile emuva kokukhipha isitatimede sokuxolisa. Kuthiwa lokhu kokuthi avume iphutha kwabe kuyindlela yokugwema ukuba ayophikisana nobufakazi obabuqukethwe yidokodo likaMncwango. Ngeshwa labe selimlahla elakubo ngoba uMncwango waqhubeka nokwenza isethulo kwelinye ikomiti lale nhlangano nokwaphetha ngokuthi lithathe isinqumo sokubumisa ubulungu bakhe.
Kulolu daba uMcwango uthe: “Cha ngeke ngiphawule ngalokho ngoba udaba lusezithebeni zohlaka oluthize ngaphakathi kuDA. Kepha engingakusho wukuthi njengesifundazwe iKwaZulu-Natal siyaseseka isinqumo esathathwa wubuholi obuphezulu. Siyasihlonipha futhi nesinqumo sikaNkk uKohler Barnard sokusebenzisa imigudu yangaphakthi ukufaka isicelo sokubuyekeza lolu daba.
IBAYEDE ingakuqinisekisa ukuthi ithimba eleseka uNkk uKohler Barnard selimi ngomumo ukwedlulela phambili uma ngabe le nhlangano, emuveni kokufaka isicelo sokuba isinqumo sibuyekezwe, ukuba luye enkantolo. Umthombo ongaphakathi kuleli qembu nosebenza ePhalamende uthe: “Lolu daba yilo olungase luphazamise uzinzo kuDA. Phela ngisho kusobala ukuthi wonile kepha uswazi ashaywe ngalo lukhulu kakhulu. Uma usuwephuca umuntu ilungelo lokuba yilungu usuke usuwenza okwedlulele. Yikho singeke sithule ngoba phela kusasa kunga yithi.” kuchaza umthombo.
Uphinde wasola ubuholi obusha ngokuthi isenzo sabo ngesokutshengisa ukuthi yibo ‘abaphethe’. “ Lokhu akukhona ukuqondisa izigwegwe kepha wukujezisa okwenziwa ngabantu abafuna ukuveza ukuthi kukhala esabo isicathulo.”
Lolu daba seluvele luhlukanise leli qembu phakathi ngoba kukhona abathi kakhonjwe indlela uKohler Barnard. IBAYEDE isingakudalula ukuthi njengengxenye yokududulana sekukhona abezindaba asebemi ngomumo ukudalula okuningi okuyizimfihlo ngabanye babaholi bale nhlangano. Abezindaba bazopotshozelwa, phakathi kokunye, amaminithi emihlangano ethize njengomkhankaso ‘wokunekela izwe’ ngaloyo naloyo mholi ukuthi ubethini kulolu daba.
Nesifundazwe saKwaZulu-Natal uKohler Barnard aqhamuka, nangumholi kuso, sihlukene phakathi. Leli phephandaba lithole ukuthi isivele isibhixene ngalolu daba. UMnu uMncwango kuthiwa kukhona abamesekayo ekuthini kaqondiswe izigwegwe uKohler Barnard kepha loyo owayeyimbangi yakhe, nabehlula okhethweni uMnu uSizwe Mchunu, yena weseka uKohler Barnard. Lokhu kuwumvuka wendulo ngoba kuveza ukuthi umbango kaMncwango osehola le nhlangano esifundazweni kanye noMchunu ohola leli qembu eSishayamthetho usaqhubeka.
Kanti omunye umholi osolwa ngabanye kuDA ngokuyishaya emuva ayishaye phambili nguSotswebhu waleli qembu eKapa uMnu uJohn Steenhuisen. Ngokomthombo, lo mholi usolwa ngozakwabo abathatha isinqumo sokumisa uNkk uKohler Barnad ukuthi useyazihlangula esinqumweni esathathwa ekhona ngoba efuna ukuzenza muhle kwamanye amalungu eDA nokuyinto encweba uMaimane naye osolwa ngakho ukugxamalaza ngoba kukhona abathi wayephikisana nokuxoshwa kwalo mholi enhlanganweni.
Konke kwenzeka nje leli qembu lisemkhankasweni wokuthathela kulo iMikhandlu emikhulu eyisithupha okhethweni loHulumeni Bezindawo ngonyaka ozayo. Phakathi koMasipala elibagaqele iTshwane, iJohannesburg, iTlokwe, iNelson Mandela Bay kanye neCape Town. Ebuza uMncwango ukuthi yini iTheku, ahlala esigungwini salo sokuphatha, lingekho ohlwini lwemikhandlu egaqelwe yiDA uthe ucwaningo lukhomba ukuthi i-ANC isenamandla kulo Mkhandlu. “Konke esikwenzayo seluswa wucwaningo. Okwamanje ucwaningo lusahlonza khona ukuthi iTheku lisengumqansa. Lapho sizogxila khona lapha KwaZulu-Natal kukuMasipala uMngeni ngoba izinkomba ziveza okwehlukile kunalokhu kwaseThekwini.
Odabeni lwaseThekwini le nhlangano ikhathazekile ukuthi uma iququ lobandlululo lide livuka lingase liphazamise izinhlelo zalo zokuheha amaNdiya asuka kuMinority Front nangasuke akunqene ukulunjaniswa neqembu elisolwa ngobandlululo. Kubantu leli phephandaba elikhulume nabo nabangamalungu eDA, kukhona ukuvumelana ekuthini le nhlangano inengcindezi odabeni oluthinta uNkk Kohler Barnard. Zonke izinhlangothi zithi umphumela walo uzocacisa ukuthi umhloli waleli qembu uMmusi Maimane uphethe noma uphethwe. Kwazise ezinye zezinqumo azozithatha, njengaloludaba, zingaletha noma zixoshe abaxhasi, okungewona amalungu kuphela kepha nalabo abadla izambane likapondo.
[divider style=”solid” top=”20″ bottom=”20″]
Ilumbo lidla umninilo
EMAQEMBINI akhona kuleli cishe ambalwa abekwazi ukusebenzisa abezindaba ukusabalalisa imiyalezo yalo njengeDA. Ukungena kukaNkk uHelen Zille esikhundlelni ngonyaka wezi-2007 ethatha kuMnu uTony Leon kwasho isiqalo esisha kanye nomkhankaso oshisa phansi wezokuxhumana. Bakhona abancoma uNkk uZille ngalokhu nabathi umlando wakhe wokuba yintatheli wenze wakwazi ukusebenza namashoshozela ale nhlangano ekuthengiseni leli qembu kusetshenziswa abemithombo yabezindaba kanye nezinkundla zokuxhumana. Le nhlangano ibikhipha isitatimende cishe ngayo yonke into eyenzeka ezweni nalokho okwenziwa nguMengameli wezwe ne-African National Congress (ANC), uMhlonishwa uJacob Zuma .
Nokho kulokhu sengathi ilumbo lidla umninilo ngoba abezindaba ebelibasebenzisa ukusabalalisa imiyalezo yayo sekuyibo abagadla ngokuxokozela okukhona kule nhlangano. Lokhu kuqale ngesikhathi kukhona amaputshuzela abezindaba ngemininngwane yomhlangano lapho isigungu esiphezulu seqembu sikhipha isinqumo ngoNkk uKohler Barnard. Okwaphumela abezindaba kwakungejwayelekile ngoba kwakuveza ukuphawula kwelungu ngalinye ukuthi lalithini nokwaba sobala ukuthi ababekupotshozele abezindaba babe nezinhloso ezisobala.
Kanti kukhona ukusola ukuthi uKohler Barnard wagilwa ngaphakathi ngoba kwathi noma esekusulile ukuphawula kwakhe kutwitter kwabuye kwavela kamuva ngoba kukhona owayekukopishile. Nabaholi abadala bale nhlangano nabo bayabandakanyeka ngoba kwathi nje lungasabalala udaba lwetwitter kaKohler Barnard loyo owayengumholi waleli qembu uNkk uHelen Zille wabhala ukuthi lolu daba “aluvikeleki”.
Kanti uMnu uTony Leon yena, naye owayengumholi weqembu, wacashunwa ethi kwabezindaba ukumiswa kobulungu bukaNkk uKohler Barnard “abunabo ubulungiswa”. Okucaca wukuthi abezindaba behlukene phakathi ngalokhu okwenzeka kuDA kanti abanye sebevele bethathe izinhlangothi .
Okunye okusobala wukuthi iDA isendaweni engayejwayele, lapho kumele iphunge khona abezindaba, abebekade bengabalingani abakhulu. Konke lokhu kwenzeka lapho isikhundla sayo sokuba yiqembu eliphikisayo elikhulu sicathanyelwa ngezinye izinhlangano, nokhetho lwezindawo seluseMome.