Now Reading
UThebe Magugu uklama umlando ngengqephu
Dark Light

UThebe Magugu uklama umlando ngengqephu

Ungomunye wamaciko ahlonishwayo kuleli kanti igama lakhe alisali uma kukhulunywa ngabasiki bengqephu abavelele emhlabeni yize esasemncane. Lowo nguThebetsile “Thebe” Magugu (30) ongumnikazi welebuli iThebe Magugu.

UMagugu ozalelwe eKimberly wakhulela eGoli akazenyezi ngemvelaphi yakhe. Lokhu kugqama kakhulu ohlobeni lwezimphahla aziklamayo, kusukela kwindwangu, kuya ekumeni kwengubo nemibala egqamile ayisebenzisayo. Umucu nejika empahleni yakhe liba nesizathu – inhloso enkulu iwukuxoxa umlando othize. Yize noma egxile kakhulu ezimpahleni zabesifazane, kepha iThebe Magugu njengelebuli yezimpahla iyaziklama nezimpahla zabesilisa.

UThebe wathola ingqayizivele yethuba lokusebenzisana nesikhondlakhondla senkampani yezingubo ezilula zokuzivocavoca i-Adidas kwikholekishini yakhe yangowezi-2022. Lezi zimpahla zathakaselwa ngosaziwayo abehlukene okubalwa kubo nomculi uMiley Cyrus ongachithanga maseko ekuzitholeleni eyakhe impahla yeThebe Magugu.

Lokhu kweza ngemva kokuhlabana ngendondo yeLVMH Prize ngowezi-2019 nokuwumklomelo ohlonishwayo emkhakheni wezemfashini njengoba uyaye ubeke abasiki bengqephu ebalazweni.

“Ngiyazigqaja kakhulu ngebanga esengilihambile kulomkhakha, nomsebenzi wezithukuthuku zami osungiphumelelisile, kusukela ngiqala elokishini engiphuma kulo iGaleshewe. Ziningi izingqinamba engibhekane nazo kepha okukhulu kakhulu ukuthi kucace kubona bonke abantu ukuthi nabo bangakwenza kwenzeke,” kubeka lensizwa ngemva kwesivumelwano sobudlelwano ne-Adidas.

UThebe uphinde wethula iGeneology, nokuyikholekishini yasehlobo abehlose ngayo ukuqhakambisa ubumqoka bozalo nokuhlonipha labo ababa yinsika yemindeni ezikhathini ezinzima. Kwifilimu abethula ngayo lekholekishini ubheka izithombe zomndeni wakhe zakudala aphinde axoxe nomama nomamkhulu wakhe – bebuyekeza ezamzukwana nezigameko ezithize zomndeni nokuthi zawakha kanjani umndeni wabo.

See Also

Nyakenye uThebe uphinde wenza ezibukwayo eklama ijezi leqembu lebhola lekilabhu yakuleli ehlonishwayo i-Orlando Pirates. Lomklamo wathokozelwa ngabaningi kwazise nawo bewubheka umlando weqembu, nazo zonke izinto ezakhe eZimnyama kuze kube imanje. Lona-ke akusiwo umsebenzi olula, kwazise indwangu iyona esuke izocacisa ukuma kwempahla nokuthi uma abadlali sebeligqokile ijezi lizokwazi yini ukumelana nezimo zokushisa ezahlukene futhi ingagqilazi umzimba womdlali.

Umsebenzi kaMagugu sewukhonjiswe ezindaweni ezahlukene emhlabeni, wathakaselwa abathandi bengqephu abehlukahlukene kuhlanganisa nosaziwayo nezinkampani zemfashini iVogue, iTeenStyle, iBusiness of Fashion, iVanity Fair, nezinye. NoMengameli wezwe imbala uMnu uCyril Ramaphosa akawuvali umlomo ngekhono lalensizwa.

Scroll To Top