Yize esalandulela leli “uBra Steve” wasishiya nezimfundiso



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UTebogo Steve Kekana wazalwa zi-4 kuNcwaba kowe-1958. Wayengumculi waseNingizimu Afrika kanye nomqambi wezingoma. Waqala umsebenzi wakhe womculo ngowe-1980. Wafunda waphothula izifundo zakhe e-UNISA.
Walahlekelwa ukubona eneminyaka emihlanu, wafunda esikoleni sabangaboni ePietersburg. Phakathi neminyaka yakhe yesikole, waba nothando lokucula, futhi waba yilungu lamaqembu ayizimfundamakhwela phakathi neminyaka yobusha bakhe.
Ngowe-1979 nowe-1980, uKekana waphumelela lokho ngaleso sikhathi okwakwaziwa ngokuthi yi-SABC Black Music Awards engosini yomculi wesilisa ohamba phambili. Ingoma kaKekana ethi “Raising My Family” yathola ukuthandwa kakhulu e-Europe ngowe-1980.
Sekukonke, uKekana wayeseqophe ama-albhamu angaphezu kwamashumi amane. Izingoma zakhe ezithi “The Bushman” kanye nethi “Feel So Strong” (ehambisana ne-Hotline) zazishisa izikhotha eshadini lomsakazo iSpringbok, zafinyelela kunombolo-13 no-6 ngowe-1982 nango-1983 ngokulandelana kwazo.
Usebenze nabaculi abafana noRay Phiri, uNana Coyote, uJoe Nina kanye neHotline ehlanganisa uPJ Thandeka Powers.
USteve Kekana wayeneziqu zasenyuvesi, iB Juris kanye ne-LLB. Wayengummeli wasemajajini futhi engumfundisi weLabour Law eNyuvesi yaseNingizimu Afrika.
UKekana washona ngenxa yezinkinga ezihlobene nokhuvethe mhla lu-1 kuNtulikazi kowezi-2021, eneminyaka engama-62.
Impilo yaKekana ibe yisifundo kwintsha eningi nakunoma ngubani sokuthi noma ngabe ubhekene nani, noma ngabe ukhubazekile kepha ungafeza noma yini ozimisele ukuyifeza.