Now Reading
Angene ngengalo nesiphanga amasosha kwezombusazwe yize engayizwa amaqembu
Dark Light

Angene ngengalo nesiphanga amasosha kwezombusazwe yize engayizwa amaqembu

Abaholi bezempi baseSudan bavumelene ngokuqokwa kukandunankulu kanye nenhloko ngamalungu ezepolitiki, ngokusho kukaJenene uMohamed Hamdan Dagalo esitatimendeni kulandela umhlangano nenhloko yezwe uGeneral Abdel Fattah al-Burhan. 

OJenene baphinde baqinisekisa izitatimende zokuthi amasosha “Azophuma kwezombusazwe agxile ngokugcwele emisebenzini yawo njengoba kubekwe kumthethosisekelo kanye nomthetho,” ngemuva kokuqokwa kukahulumeni wezakhamuzi. 

Amasosha aseSudan athatha izintambo ngesikhathi kuketulwa umbuso ngoMfumfu  okwaqeda isivumelwano sokwabelana ngamandla namaqembu asekela intando yeningi, okwafaka leli zwe obishini lwezepolitiki nezomnotho. 

See Also

Imizamo yokulamula eholwa i-United Nations, i-African Union, kanye namazwe angaphandle ayiphumelelanga. Amaqembu aphikisayo afune ukuphuma ngokuphelele futhi ngokushesha kwamasosha kwezepolitiki. 

Scroll To Top